Umlando ngeqhawe lakwaMbatha , uManyosi ka Dlekezela

Umlando ngeQhawe lakwaMbatha u-Manyosi ka Dlekezela

Isisho esithi ‘Sobohla Manyosi ‘ sakheka ngoManyosi uMfoka Dlekezela waseMaMbatheni. Le nsizwa yakwaMbatha yabe iyiQhawe elikhulu leZiNgonyama u-Shaka , u-Dingane kanye noMpande . Kuthiwa yayondlekile, iqatha, isukile naseGadeni ,iyinde ilaphaya. Kuthiwa le nsizwa yayidume ngokudla imbuzi iyodwa vo iyishaye iyiqede maqede yehlise ngomhluzi wayo wayo kanye nezinkanjana zamankwebevu. Kuyileso sizathu into ka Dlekezela yazimuka kakhulu, yaba nesisu esikhulu . Kuthiwa ize u-Manyosi wayeqatha ezimukile kodwa kwakuthi uma sekuliwa agxume awuzwa nhlobo umzimba wakhe owabe umkhulu, singasho nje ukuthi ubuqhawe bakhe babuthi abufane nobuka Nozishada ka Maqhoboza Nzuza kanye noMbiko ka Madlenya Masuku nabo okuthiwa babekhuluphele kodwa kwakuthi uma isinyathela awabantwana bahlabane kakhulu bagonise izitha amathumbu. U-Manyosi -ke yena wayengagcini ngokuba liQhawe kodwa wayebuye abe u-Somahlaya weziNgonyama kusukela eNgonyameni u-Shaka kuze kube seNgonyameni yakwaNodwengu u-Msimude. Kuthiwa wayededela amahlaya anzima kabi okaNdabezitha ,zihleke iziNgonyama kuze kube buhlungu izisu. Kuthiwa imfuyo yakhe yayibulala inyoka okaNdabezitha, izinkomo kungu-Chibidolo uqobo, ezithola ngokuxoshiswa iziNgonyama uma ehlabane empini, ezinye ezithola ngawo amahlaya . IButho lakhe kwakuyiZimpohlo nokuyiButho elaButhwa iNkosi u-Senzangakhona ka Jama , ngesikhathi seNgonyama u-Dingane iNduna enkulu yeZimpohlo kwabe kungu-Nzobo ka Sobadli Ntombela (uDambuza Mthabathe) owayebuye abe yiSekela likaNdunankulu weZwe u-Ndlela ka Sompisi Ntuli.

U-Manyosi wahlabana kakhulu empini kaZulu noNdwandwe , lempi kuhlawumbiselwa ukuthi yalwa ngowe 1819 ngemuva kokukhothama kweSilo u-Dingiswayo kaJobe. UZulu wawungaphansi koMbuso weLembe ngaleso sikhathi , kanti uNdwandwe wona wawubuswa iSilo u-Zwide ka Langa. Lempi yalwa izikhawu ezintathu, esokuqala kwaba esakwaGqokli eGqumeni, esesibili kwaba eseseMhlathuze kanti esokugcina salwa eHlathini laseNkandla lapho uZula wadla khona umhlanganiso. NguManyosi ka Dlekezela owaqala ukuthela othulini izinsizwa zakwaNdwandwe ngeKlwa. Kuthiwa ngenkathi kusakloledelwana eGqumeni lakwaGqokli amaNdwandwe ayegcona izinsizwa zikaZulu ngokuthi ayeqoshamise okwezimfene laphaya eGqumeni kwaGqokli. Kuthiwa u-Manyosi wathukuthela waphuma esixukwini sikaZulu wayosho eMaButhweni kaNdwandwe wafika wagwaza ambalwa wawuthela phansi aphangalala, kwavele kwaba wukusuka kwayo-ke impi, yadumelana yabambana ngezihluthu.


NakwaSoshangane u-Manyosi waba yingxenye yeMpi yeLembe eyasinda kuNakane olwabulala amaButho amaningi eLembe , singabala kuwo noMntwana u-Nzibe ka Senzangakhona. Ngemuva kokukhothama kweSilo u-Shaka u-Manyosi waqhubeka nabo ubuQhawe bakhe ngaphansi kweSilo u-Dingane, waqhubeka futhi nangamahlaya akhe. Kuyileso sikhathi-ke lapho okuthiwa waseyeyidla kakhulu inyama yembuzi manje, isisu sesikhule sesingaka. Kwathi ngenkathi kuzolwa impi yaseMaqondo nokuyimpi eyabe iphakathi kukaMntwana u-Mpande neSilo u-Dingane u-Manyosi wasihlubuka iSilo u-Dingane , waya ngakuMntwana uMpande. Saphatheka kabi iSilo u-Dingane ngokuhlubuka kukaManyosi ,sasekhipha amazwi ayethi’Sobohla Manyosi’ (Sisho isisu) . Sasisho ngoba u-Manyosi wayengeke esaqhubeka ngokudla imbuzi ngoba phela uMntwana u-Mpande wayengeyona iNgonyama , ngakho-ke u-Manyosi wayeseyolamba kubohle isisu . Empini yaseMaqonqo kwanqoba uMntwana u-Mpande , wahlala nasesihlalweni soBuNgonyama.

Amazwi eSilo u-Dingane kusho ukuthi ayengene ahlala impela kuManyosi ngoba kuhambe kwahamba wazala indodana ayetha igama wathi ingu-Sobohla. Asazi noma wayesaqhuba amahlaya yini ngoba sizokhumbula ukuthi wayenguSomahlaya, noma kwakuyigqubu asazi.

Abantu bakwaMbatha empeleni bayingxenye yabantu bakwaZulu. Baphuma kuMpangazitha owabe eyindodana enxane yeNkosi u-Mageba ka Zulu ka Luzumana . INkosi u-Mageba kuthiwa yabe iyiWele neNkosi u-Phunga ,bobabili bezalwa uNdlunkulu u-Nozidiya wakwaNcwane . Kugcine sekuphembeke obunye uBukhosi esendeni likaMpangazitha ka Mageba ngoba uzele iNkosi u-Sontshikazi ,yona ezele iNkosi u-Ndaba, yona ezele iNkosi uShandu ephile ngesikhathi seNkosi u-Jama ka Ndaba yabakwaZulu nokuchaza ukuthi babebabili oNdaba ngesikhathi esisodwa. Ezinye izibongo eziphuma kwesakwaZulu esakwaBiyela, Ntshangase, Mdlalose,Mpofana, kanye nezinye. Amanye amadoda ka Manyosi akhumbulekayo kwakungo- Nakanjani kanye noMelelesi . U-Nakanjani wayebuthelwe eButhweni u-Dloko , nokuyiButho elabuthwa yiSilo u-Mpande. U-Nakanjani waba ngomunye wezinsizwa ezabulawelwa icala lokuhlobonga nezintombi zeSigodlo sakwaNondwengu. Umyalelo wokubulawo walezo zinsizwa wakhishwa yiSilo u-Mpande ka Senzangakhona. Abanye ababulawa oNdabezimbi, Muntuwamanga, Fokothi kanye nabanye.

#Khumu!

Thola ulwazi ngamakhambi kuYou Tube wethu osihloko sithi ”Kholo Khumalo TV”

Lindokuhle Mbatha .umdlali webhola

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo