Umlando ngeNduna uMdlaka ka Ncidi Ntshangase

Umlando ngoMdlaka ka Ncidi uMdidiyeli wezimpi zeLembe. Wayebuye abe yiNduna eNkulu yaseSiklebheni.

U-Mdlaka ka Ncidi Ntshangase wabe enguNdunankulu  weSilo u-Shaka, futhi engu-Mdidiyeli omkhulu wempi yeLembe.

” UKhatha-lukhulwini,
Balwesabay’uZulu
Onyathela ngomkhont’enhlakanhlakeni

Olobola ngomkhonto kwaNxaba(kwaMsane)
Zonke izizwe zambelekela

UNgqombonjeni
UKhatha-lukhulwini kumaNdwandwe
Inkomo ebixhophile ekhathaz’uNdwandwe
USigubudu semkhonto

UNgwadla phangel’uMbelebele(iButho leLembe)
UZagiyana zezomkhonto!
UMahlatshw’ebuhleni

#Ulibinda

Abantu bakwaNtshangase kusengabantu bakwaZulu , bangabasende leNkosi uNdaba eSigodlweni yaseMgazini noma eGazini, omunye umuzi weNkosi uNdaba kwakuseMqekwini. INkosi uNdaba izala iNkosi u-Jama ,yona iNkosi uJama izale iNkosi uSenzangakhona uYise weLembe. UKhokho wabantu bakwaNtshangase nguShwankweni owabe engowendlu encane khona eMgazini.Inkosi uNdaba ibuye izale nabakwaBiyela, bona-ke baphuma endodaneni yayo  uXhoko . Uma kuxoxwa ngoMdlaka kufuneka sikhumbule ukuthi babebabili oMdlaka futhi bobabili babephila ngesikhathi seLembe. Omunye uMdlaka wayengowakwaLanga , wayeyiNduna yeButho uFasimba nokuyiButho elabuthwa yiLembe. UMdlaka Langa wayezalwa uSodumase , eNkandla. Sisazobuye sixoxe ngaye kabazana uMfoka Sodumase ngelinye ilanga. UMdlaka ka Ncidi wayeMdidiyeli wempi yeLembe ,nguyena owaphaka impi yaseMpondweni eyalwa ngaMampondo eNkosi uFaku kanye namaBomvana eNkosi uGambushe. Wabuye waphaka nempi eyaxosha uNxaba ka Mbekane Msane owayekhe ngaseHluhluwe , owagcina ephelele emfuleni uZambezi ,ebulawa yimpi ka Sibindwane (Sebetwane) waBafokena . Kwenye indlu uNcidi wazala uHlathi owayeyiNtontela , uHlathi noNdlela kaSompisi bahlabana kakhulu empini eyalwa naMaNdwandwe baze bathelwa ngoyaba lwemikhonto bethelwa iButho lamaPhela leNkosi uZwide ozakwabo babashiya bedindilizile ngoba bezitshela ukuthi basebephangalele kanti lutho babesadikiza , iSilo uShaka sakhipha umyalelo owawuthi balandwe lapho babelele khona besongcwatshwa ngesizotha, kuyilapho -ke okwatholakala ukuthi babesaphila , bezinkubela. Umuzi ka Mdlaka wawubizwa ngokuthi kuseNtshobozeni. Kusuke kushiwo wona lo muzi ezibongweni zeLembe uma kuthiwa ‘Imbuzi abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobezeni Yona bayibambe ngendlebe yadabula yadl’amadoda”

UMdlaka ka Ncidi uzele amadodana amaningi nawo aba ngamaQhawe eMbusweni kaZulu, kuthiwa uKhamba lufuze iMbiza. Enye yalawo madodana nguSabomvana owathatha kuYise ukuba yiNduna yaseSiklebheni lapho sekuyisizwe saseMazimeleni khona. USabomvana walwa eNcome futhi walwa ngobuQhawe obukhulu. Yena -ke ubongwa ngokuthi–

” UMaqhath’endaweni ka Piti!
UNobiyel’umdumo,!
UMlenz’ibomvu yomibili!
UMqakama bemphethe!
INdlondl’emi ngomsila,
UMathanga singath’izijula.

#Ulibinda!

U-Mdlaka wabuye wazala uMbonyaphansi owabe eyiNduna yeSangqu ngesikhathi seSilo u-Mpande. Kuthiwa wayengahlehli empini u-Mbonyaphansi.

” INdimindwan”edl’imnkantsha
UYingaza kayingazisi
UMagwaz’ayikhokhobe

UYingazisi uMundula ngasezinduneni
Wayingazis’uSantinga ezalwa uNgqengelele
UXamu kadliwa!
UNoyimba wamaJindi!
ISithuthana semikhonto!

#Ulibinda

UMdlaka Langa uzele u-Ndwandwe owahlabana kakhulu eSandlwana, u-Ndwandwe wasala oNdini mhla kushobocisa UMntwana uZibhebhu.

#Khumu

Thola ulwazi ngamakhambi kuYou Tube wethu osihloko sithi ”Kholo Khumalo TV”

USiphelele Ntshangase , umdlali webhola

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo