Mbambo

ABANTU bakwaMbambo ba-phuma kwabakwaMthethwa, okusho ukuthi bangama-Lala-Nguni ngokwesigaba sabeNguni. Baziwa ngoMbambo owabe eyindodana kaJangaza kaJobe kaKhayi wakwaMthethwa. Le ndodana kaJangaza yayizacile, inezimbambo ezihleli obala, yingakho yagcina isibizwa ngoMbambo. Kuthiwa uMbambo lona wayengaganiwe futhi engakufuni sidalo. Wayezikholisa ngabafazi babafowabo ngesikhathi besempini. Kwathi angabanjwa ukuthi ugila lo mkhuba, wabizelwa ecaleni kodwa akayanga lapho. Wavele wazigibelela injomane yakhe. Ngaleso senzo sakhe wabe esebizwa ngokuthi nguNjomia okwagcina sekungesinye sezithakazelo zakwaMbambo.
AbakwaMthethwa banquma ukuba bamhlasele ebusuku engazelele. Sebemkakile, wavele waphuma nezinkomo zakhe wagoba walingana nazo futhi wagobisa izandla njenge-zimpondo. Wahambake nemfuyo yakhe wayozinza ngaseMvoti. Lapho ke wafika wakha umuzi wathi kukwaMbambo. Ngenkathi elapho uMbambo, waqala wakhumbula ukuthi kufanele aganwe ma-nje ngoba babengasekho abafazi babafowabo njengenkathi esekwaMthethwa. Waganwa ngamakhosikazi amane.
Wazala kakhulu, uzalo lwakhe kwaze kwathiwa ngolwakwaMbambo. Inkosana yakhe kwaba nguZikhohlwana. Nayeke uZikhohlwana waganwa. Inkosikazi yakhe yayengelwa iNdiya elabe lakhe eduzane kwabo, wagcina ezale ingane yomfana igama layo okwabe kunguNkobezemfe. Naye uNkobezemfe wazala inkosana yakhe uLusongo okwagcina exabana nomndeni ngoba umsola ngokuthakatha. Wabaleka wayokwakha eThekwini. Nethuna lakhe lilaphaya eZimbuzini, ngaKwaMashu.
Kunabanye abakwaMbambo abalaphaya eNdwedwe, bonake abazibiza ngoGoba. Bakanye nabo laba abaphuma kwaMbambo ngoba kuthe sebehambe kakhulu, base begoba amadolo.
Bakhona abanye abahamba bayokwakha eMthwalume naseBulwer. Kuthe uma abelungu sebenikeza uMqundane kaMaboyi wakwaMlaba eMahlabathini indawo, abakwaMbambo nabakwaVilakazi bahamba nabo okwagcina abakwaMbambo beba ngondunankulu bakwaMlaba. KunabakwaMbambo abaseDundee bona abazibiza ngoChiliza kanti uma uya eMkhambathini, kunabakwaMbambo abazibiza ngoMdunge. Kuyavela futhi emlandweni ukuthi endlini encane yakhona eMaDungeni amaDunge abuye athakazelwe ngoMageza ngobisi lwenqu….. yabafazi ba-manye amadoda.
OMbambo baseMvoti belamana kanje: UKhayi wazala uJangaza, uJangaza wazala uMbambo, uMbambo wazala uZikhohlwa-na, yena wazala uNkobezemfe yena owazala uLusongo, uLu-songo wazala u-Isaac ozala uJotham.
OMbambo abaKwaMaphu-mulo bazalana kanje: USikana (uNjongolozemikhonto) waza-la uSambane (onguMavalane ibutho lakhe) yena wazala uNtinti.
OMbambo baseNhlungwane eMahlabathini bazalana kanje: UNdaba uzala uBhubhu (owakha umuzi wasoDondolo) wazala uMahawule, uSikhulumi noNomalenje. UMahawule wakha umuzi waseNkalangiphethe nethuna lakhe likhona lapho.
USikhulumi wakhe umuzi wakwaDingumphathi. UNomalenje uzalo lwakhe luseNjampela KwaNongoma. UNomalenje uzale uNdindindi noMbhali owaphuma nomuzi wasoDondolo. USikhulumi wazala uChwasha (uShayitshe) no Madolo.

Izithakazelo zakwaMbambo


Goba,
Mdunge, Theneza,
Mageza ngobisi lwenhlunu abanye begeza ngamanzi,
Jangase!
Ubambo kaludliwa ngabafokazana,
Ludliwa umlandokazi,
Mbiko,
 Mkhemezela,
Khethwayo,
Jangaza,
Bhubhu kaNdaba,
Goba ngokugoba amadolo,
Mbambo kaLushozi kaMomoyi ka Mandlovu.

Kubhale uDumisani Mazibuko

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo