Mathe




Abantu bakwaNcanana Mathe bangamaThonga Nguni ngokwezigaba zabenguni . Laba bantu bakwaNcanana baqhamuka enhlanezwe .Kodwa lapha sibathola sebezinze eSwazini .Ngaleso sikhathi amaSwazi ayephethwe inkosi uSobhuza wokuqala .Abantu bakwaNcanana babuye babizwe ngokuthi bangabakwaMathe , noma bangaMaphimisa okuyisihlopnipho samathe . Laba bantu bakwaNcanana badatshulwa nguMfeyane okwathi ngokuya kwesikhathi wagcina esebizwa ngoThenjwayo . Kuthiwa abantu bakaMfeyane bazakhela olukhulu ugazi enkosini uSobhuza ngokuthi baganisele okaNgwane inkosazane yabo . Futhi laba bantu bakaMfeyane babekhonze ukuhlaba njalo ,babaye bathathe inyama bayopha inkosi .Ngalokho-ke uMfeyane waphenduka isethenjwa enkosini uSobhuza, wabe esethola igama elisha elithi unguThenjwayo .Ngokunjalo nabantu bakhe babizwa ngokuthi abantu bakwaThenjwayo noma bangabakwaThenjwayo . Yabathanda kakhulu inkosi yabeSwazi kwaze kwafika ezingeni lokuthi abantu bayo babazonde laba bantu bakwaThenjwayo .Baqala ukubanyundela enkosini , bethi izigebengu ezibulala abantu ebusuku, kumele baxoshwe ezweni .Kuthiwa langa limbe amaSwazi aqhamuka nesu, abulala umuntu aseyomkhungela ezansi komuzi wakhona kwaThenjwayo ngoba phela ngaleyo nkathi babebizwa kanjalo eSwazini, namanje kusenjalo , basengoThenjwayo ,oNcanana .

Ngesikhathi abantu bakwaThenjwayo sebeholwa ngamadodana kaMfeyane oNcanana noMathe banquma ukulifulathela elaseSwazini ngoba ukunyundelwa kwakulokhu kuqhubeke njalo . Babaleka bagudla ulwandle yingakho bebuye bazithakazele ngoDonga phela oDonga abantu abagudla ulwandle .Bahamba baze bayofika laphaya kwaSibhayi[St.Sibayi] .Bafica laphaya umfulakazi uMseleni ugcwele ugola izinthe ,udla izindiwani. Befuna ukuwela bathatha izigodo zemikhiwane ezabe zintanta emanzini bazibopha ndawonye ngezikhumba zezinkabi benza izihlenga(klebhe) balayisha kuzo abantu abadala nezingane ukuze kuwelelwe ngaphesheya. Abasaphilayo- ke bona babambelela emashobeni ezinkomo base beshaya uhele bawela. AmaSwazi athi efika emfuleni abathola sebeyophuma ngaphesheya. Avele athimisa amathe athi nampaya sebeyophumela ngaphesheya. Ukusuka lapho -ke umnawabo kaNcanana wabe esebizwa ngoMathe. Sebengaphesheya bashaya unkatho lokuthi bazoshona ngaphi -ke manje. Kunabanye abangayanga onkathweni lolo babe sebebizwa ngokuthi bangoMzila nkatho, ngoba phela bazila ukuyoshaya unkatho.
Abanye balibhekisa oPhongolo, abanye baya eDukuduku, abanye bayokwakha eBhangazi kwaNongoma, laphaya oPhongoolo bathathwa amabhunu abasa lena eHaterspruit. abuye athuthela nabo eDumbe. Abanye baya eKapa nokulapho abafike bahlangana khona namaBhusimane afike ehluleka ukubabiza ngoMathe. athi Mathes. Baganiselana namaBhusumane basebezala oMathe abangamabhusumane nagcina sebebizwa ngoMathews ngoba behlulwa ukuthi mathe.U-Mathews wabuye babuyela koMathe abaseDukuduku nokulapho afike khona wabizwa ngoMatebesi.OMathe eDukuduku baphumela kubantu bakwaMpukunyoni, abababandlulula bababiza ngamaThonga yingakho nje namanje bebizwa ngamaThonga. Banquma ukuzihlalela ehlathini lelo laseDukuduku. Baze baphuma laphaya ngesikhathi sempi kaMandlakazi neSilo uDinuzulu. AbakwaNcanana banquma ukuya kubafowabo ababese-Haterapruit. Abanye bakhumbula ukubuyela eSwazini ngoba phela bakhala ngokuthi bashiya izintombi zabo khona. Ababange besabuyela kwaZulu bafike bazihlalela khona nezintombi zabo bakha.

Abantu bakwaNcanana benemikhuba yabo ababephila ngaphansi kwayo. njengokuthi nje abantu bakwaNcanana babengalisebenzisi isiko lokungena uma omunye wabo eshonelwe. abantu bakwaNcanana babengawulokothi ugwayi nensangu. Babengabuphuzi utshwala, uma umuntu wakhona eke wakwenza lokhu okuthiwa akwenziwa wayevele abe isiyingayinga noma uhlanya okukanye akwenze ngokwedlulele enqubeni yakhona.

OMathe abaseMalawi naseZimbabwe :-

Laba bantu bakwaMathe abaseMalawi bafika noNgcamane wakwaMaseko owabe eyinkosana kaMaphanga kaNgcamane wokuqala kaNsele kaLuhlelo. Isizukulwane sikaNgcamane esisezweni laseMalawi manje sibuswa inkosi uGomane .OMathe abaseZimbabwe nabo bafika noNgcamane wakwaMaseko kodwa abanye bafika noZwangendaba wakwaJele .Elinye idlanzana loMathe abaseZimbabwe lafika noGwabalabda Mathe owabe eyinduna yenkosi u-Mzilikazi kaMashobane

AbakwaNqotheni:-

Nabo baphuma kubantu bakwaNcanana/Mathe. Maphuma kwenye yamadoda akhona eyabe ibizwa ngokuthi ngoNqotheni. Uzalo lwakhe namanje lubizwa kanjalo kuthiwa uMathe Nqotheni. Phela labantu yibo abafika lapha kwaZulu nendlela yokwakha ukhamba bese ulishesela ngomlilo. Engani kuqala bengakafiki bona nalendlela ukhamba lwalwakhiwa bese lungashiselwa.

AbakwaSibande:-

AbakwaSibande baphuma kwabakwaNcanana/Mathe. Enye indoda yakwaNcanana yayisendleleni elibangisa ngakwaZulu yona yakhohlwa umutsha wayo lapha ababesuka khona, yase ibuyela emuva ngenhloso yokuyowulanda. Yafica amaSwazi laphaya abe esezama ukuyenzakalisa. Athi ayayigojela ngomkhonto, yabanda ngesihlahla. Kusuka lapho leyo ndoda yabe isibizwa ngoSibande. USibande wabe esezala uMagojela[uGoje], nakuba uzalo lukaSibande lutholakala eSwazini nakwaZulu, kodwa iningi labo litholakala eMalawi nakoZimbabwe. Kwathi abakwaSibande sebekwaZulu, amazulu ahluleka ukubabiza ngoSibande kodwa kunalokho athi uNsibande. Namanje labantu lapha kwaZulu babizwa ngokuthi oNsibande oMdlanyoka .

Izithakazelo zakwa-MatheNcanana

Ncanana,
Thenjwayo,
Mfeyane,
Dlakude,
Mgabadeli,
Mzilankatha
Nina base Mhlathuze
Enathwala ubanana ngesandla,
Thambo elimanikiniki
Njakazi,yadla yagunguluza yazishiyela
Mviyaphi.
Mphindela ngokuphindelela ezinkomeni zomtu munye

Izithakazelo zakwaNsibande :

Goje
Mdlanyoka
Phangelakhulu
Mapha umuntu aphinde emphuce
Mdluli

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo