Nina bakaGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amagawu abebesi! Nina abeGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma. Enhla nasezansi ngiyababingelela abeSilo. Ake ngisike elijikayo ngenkosi uMatomela yabakwaZuma. Babebabili oMatomela endulo,kwakukhona owakwaZuma, kanye nowakwaNgubane . UMatomela wakwaNgubane wayezalwa uNdlovu ka Nyonebomvu ka Mbovu . UMatomela Ngubane wayewumfowabo ka Nzombane. UMatomela Zuma wayezalwa uShisa kaMgebhe. Wayebusa abantu bakwaZuma ngesikhathi sokubusa kweLembe,iSilo uShaka. Waziphephisa ekuhlaselweni yi-Lembe ngokunikela ngamadodana akhe ,ukuba ayoba yingxenye yempi yeLembe. Ngalokho iLembe alizange limhlasele, ngenkathi lihlanganisa izizwe ,ukuba zibe yisizwe esisodwa esinguZulu. Inkosi uMatomela yazala amadodana yawo esingabala kuwo inkosana uMsholozi, uLugaju ,uSiguqa kanye nabanye. Ngaso isikhathi sokubusa kweLembe le nkosi yaManxamalala yake yabambana ngezihluthu nenkosi uZihlandlo kaGcwabe yaseMbo. Kulempi yawudla umhlanganiso impi yaseMbo. Inkosi uMatomela yagcina ikhotheme, ngokudunguzela. Kwathi ngemuva kokukhothama kwenkosi kwayo kwabusa inkosana yayo uMsholozi, eyabusa ngesikhathi sokubusa kweSilo uDingane kwaZulu. Inkosi uMsholozi yazithola isihlaselwa yimpi yeSilo uDingane ,iSilo uDingane sasesiqale umkhankaso waso wokubulala bonke abantu ababe bengabahlobo beLembe.
