Incazelo ngomuthi uMavumbuka/iHlule

Nina beMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela, ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni ,yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! UQambi lankomo ukuba zilahlekile ziyokufa umdlebe kwaSoshangane!

Ehla nasezansi ngiyababingelela abeSilo. Nanso-ke isithombe somuthi uMavumbuka! Wumuthi wesisu lona! Isisu esilumayo, isisu esijuqayo ,isisu esisontayo nesikhipha igazi. Kuye kususwe amaqhuqhuva kule sigaxa, bese siyaphekwa siba yisiphungo eselapha noma yinhloboni yesisu. Lo muthi ubuye ube muhle nasemankonyaneni uma ehuda . Nakhona kusebenza sona lesi sigaxa. Siyaphekwa, sibe yisiphungo eselapha isisu emankonyaneni. Lo muthi ubuye ube muhle nakwabasefazane abahlushwa wukunganqamuki komopho wefindo. Kuye kuphekwe sona isigaxa lesi, siqhathwe nezimpande zoGobho. Bese uyaphuza -ke owesifazane ohlushwa wukunganqamuki komopho wefindo. Lo muthi ize ubonakala nasebusika kodwa wanda kakhulu ehlobo, uma lina. Uvele uqhume nje uvumbuke ,uthi cithi saka yonke indawo. Kubuye kuthiwe yiHlule,ngoba umise okweHlule , igazi.

#Khumu!!

Thola izincazelo ngamakhambi ezithe thuthu kuYou Tube wami othi Kholo Khumalo TV 📺

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo