Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Incazelo ngoMkhawuzane (Maak gou\Mogau \Poison Plant)

  Nina abakaVezi uNonyannda uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo , uVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka  iLoyi esiswini! IHwanqa eladla amanye amaHwanqa ngoba ladl’uPiti kwabaseMgungundlovu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade ngomhla weshumi nesishiya galo lunye kuNdasa onyakeni ka 2023. Nina beMbube enamandla lo muthi eniwubona esithombeni ubizwa ngokuthi uMkhawuzane ngesiZulu, ngesiBhunu kuthiwa iMaak gou okuchaza ‘ukushesha’ . NgesiTswana kuthiwa uMogau okuyigama elathathwa khona kumaBhunu. Lo muthi nina beqhawe unobuthi ubuyingozi kabi... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoNdwendweni\uGotyibe\Crocosmia aurea\Vallendo Sterretjies:

  Nina abeNdaba engiyizwe ngiphesheya , bathi nakwaMalandela izwe limangqephungqephu! ISikhukhulane sikaNdaba esikhukhule oMame sabetshatha , saye sayobalahla ezinkwazini zoThukela! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade , ngethemba basaphila bonke abeZulu eliphezulu kungumhla we shumi nesis... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeSambane\Aardvark\Anteater:

Nina abe”Mbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjenge kaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe”! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo. Cha , thina s... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeMvukuzane\Mole\Cape Golden Mole:

  Nina aboVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili, iMvukuzane ka Ndaba evukuz’ubusuku iye yabonwa nguMame wasemaNdebeleni! UQasa lukaWasa inkomo esengwa yiViyo! INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade ngethemba basa... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNyengelezi (African striped Weasel)

  Nina abeNkwazi ka Ndaba emaphiko amhlophe iNkonyane encane kaNdaba edid’imibala, uZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu, uSihlangu simagqabha sinamanxeba! Enhla nasezansi ngiyababingelela bonke abeZulu eliphezulu. Ngethemba basaphila bonke abeNgonyama yakithi eNaleni. INyengelezi: Nina b... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMdlandlovu (Bauhinia bowkeri, umuthi omkhulu weDlozi, uBulawu.)

  Nina abakaSimayedwa njengeLanga lona limi lodwa ezulwini. USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo. Namuhla siphethe uMdlandlovu ,  uBulawu obukhulu beDlozi. UMDLANDLOVU: Nina abeSilo lo... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoMayisaka umuthi wenhlanhla nogazi:

    Incazelo ngoMayisaka  Nina abakaNkomo zabantu zineNkelelenkele zikhungela izingobe emashobeni! USongobese wamakhanda inkomo yanganene iyakuthengana nayiphi na enenekazi? Iyakuthengana noMbangambi woVuma eMashobeni! Ngiyayibingelela yonke iNgabade kuwo wonke amagumbi amane omhlaba , ng... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeSinwazi\uChithibhunga\Rhoicissus rhomboidea\Glossy Forest Grape \Moaparo :

  Nina baZitho zimbombo zimbombonono zifana nezikaDadewabo uSililo -uMpondo zamil’enjeni engabe enkomeni zesabani? UCala lathethwa ngomkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu kuwu... qhubeka ufunde »

Incazelo ngeNguduza (Merwilla plumbea)

    Incazelo ngeNguduza  (Merwilla plumbea) Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyemeba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe.IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma.UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezik... qhubeka ufunde »

Incazelo ngoKalimuzi\Kalmoes\Acorus Calamus\Sweet flag:

  Nina abakaMakhalimakhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela! UTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa imihlambi yezinyamazane !Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade, ngethemba ukuthi basaphila abeZulu eliphezulu. UMntungwa lona kuwu mhla weshumi nane ... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!