Incazelo ngeMvukuzane\Mole\Cape Golden Mole:

 

Nina aboVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili, iMvukuzane ka Ndaba evukuz’ubusuku iye yabonwa nguMame wasemaNdebeleni! UQasa lukaWasa inkomo esengwa yiViyo! INtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade ngethemba basaphila abeSilo. Cha , thina sisaphila eMantungweni . Leli gundane enilibona esithombeni libizwa ngokuthi yiMvukuzane,noma yiNtukuzi ngesiZulu. Yilona elivela ezibongweni zeSilo uMdlokombane uma kuthiwa “IMvukuzane ka Ndaba evukuz’ubusuku iye yabonwa nguMame waseMaNdebeleni. Kunenkolelo ethi lolu hlobo lwamagundane luyiziMpuphuthe, kaluboni emehlweni. Le nhlobo yamagundane ibonakala kakhulu uma kuseHlobo , imvukuza umhlaba ishone phansi yenze izindunduma . Kunenkolelo ethi uma iMvukuzane ivukuze yaze yangena ebaleni lo muzi kusuke kubika ukuthi  kukhona ozoshona kulelo khaya. Igundane elijulile leli , elingatholakala kalula, yebo kulula ukuba umuntu abone lapho livukuze khona , kodwa kusuke kuyinhlanhla uma umuntu elithole lisengaphezu komhlaba, lingakashoni phansi. Ngisho noma ungagubha izindunduma ngeGeja ngeke ulithole. La magundane ajwayele ukuhamba ngamabili. IMvukuzane ibizwa ngokuthi yiMole ngesiLungu. Ayizinhlobonhlobo , kukhona inhlobo enebala ebusweni , kukhona engenalo ibala ebusweni. IMvukuzane yalapha ekhaya eMzansi  ibizwa ngokuthi yiCape Golden Mole.

Yenzani iMvukuzane?

Abelaphi bendabuko bayisebenzisa ezindaweni ezahlukahlukene iMvukuzane. Kanti nabathakathi nabo bayayisebenzisa. Abelaphi bendabuko bayithaka emithini yokugomela iSibhamu, bayithaka neNkakha kanye neminye imithi. Bayayithaka nasemithini yaMabhande okulwa.  Bayayithaka nakwiZigqabo zezitha, yenza umuntu asidukele isitha , singamboni. Iyangena nakwezoPhunyuka, ezokuvika ezikaDalawana. Inhle kakhulu nasekubetheleni umuzi, yenza abathakathi bangawuboni umuzi, ubadukele. Kanti nabo abathakathi bayayisebenzisa, bayakwazi ukuyithuma ngobukhunkuli babo ukuba iyongena emzimbeni womuntu , iyomvukuza njengoba yenza emhlabathini. Iyongena -ke emzimbeni womuntu imvukuze kabuhlungu kabi. Uma eya koDokotela bayofika babone uMdlavuza. Empeleni kusuke kungewona uMdlavuza, kusuke kuyiMvukuzane yobuthakathi, ethunyelwe. Ngokwejwayeleni iMvukuzane yabathakathi iqala ukudla umuntu ozwaneni noma emunweni. Imudle impela inyuke nengalo , noma inyuke nomlenze kangangokuthi oDokotela bagcine bekhiphe umyalelo othi makushumpunwe umlenze noma ingalo yalowo osuke egula. Uma usushumpuliwe , lesi silwane sibalekela ngasemlenzeni noma engalweni ephilayo. Impilo iba nzima impela kumuntu osuke ethakathwe ngalesi silwane . Abelaphi bendabuko nabo baye basebenzise yona iMvukuzane ukucupha lena eyabathakathi. Baye bayithake neminye imithi yokucupha, babambe lena eyabathakathi , aphile umuntu weNkosi. Kuye kube kuhle uma umuntu esizakale engakafiki esigabeni sokushumpulwa . Ake ngime lapho nina bakaHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana!


“Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngaMakhathakhatha

 

IMvukuzane

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo