Incazelo ngeSambane\Aardvark\Anteater:

Nina abe”Mbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela ayinjenge kaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda! Inkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe”! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo. Cha , thina sisaphila kwaSokhumalo. Lesi silwane enisibona esithombeni kuthiwa yiSambane ngesiZulu,ngesiLungu kuthiwa yiAardvark, noma yiAnteater. ISambane siziphilisa ngokuzidlela izinambuzane , izintuthwane , umuhlwa kanye nokunye . Kuyileso sizathu sibizwa ngeAnteater. ISambane sidume ngokumba imigodi , iningi laleyo migodi iSambane sigcina siyiyeke kanjalo isale iba imizi yezinye izilwane ezifana nezinyoka, oNogwaja, iziMpungushe kanye nezinye izilwane. ISambane uma sihamba sibheke  phansi , akwenzeki sibheke phezulu. Ingakho kunesisho esithi “Ukubhekwa yiSambane” esisho ukuba nebhadi ngalolo suku. Umuntu uma ethi “ Namuhla bengibhekwe yiSambane “ usuke esho ukuthi izinto azihambanga ngendlela abefisa ngayo , ube nokusabhadi. ISambane sizingela kakhulu ebusuku, kodwa kuyenzeka sizingele nasemini uma indawo iphephile, kwazise futhi iningi lokudla kwaso kutholakala kakhulu emini. Kanti futhi ngenakthi simatasa simba umgodi waso sidla yonke into eyisinambuzane esihlangana nayo. Abanye bathi uma simba umgodi sisuke sizifunela okuya ngasethunjini, kusuke kungekhona ukumba. Ngokusho kwababona ngezokulondolozeka kwezilwane kuthiwa iZambane azikho nhlobo engcupheni yokushabalala, zithe chithi saka kulo lonke elaseNingizimu Afrika.

ISambane kwezokwelapha:

Nina beSilo esimaDuna , abelaphi bendabuko bayasisebenzisa iSambane ezintweni ezithinta isintu . Ikhanda leSambane, amehlo , kanye namashiya kungena eZigqabweni zamacala. Ubuchopho beSambane kanye namakhala aso kungena kwiMibhemiso yeZangoma noThwasa . Kwenza iSangoma sibe bukhali , sivundulule izinto ezifihlakele, phela iSambane sihle kakhulu ekuhogeleni , sifana neMpisi , noJakalasi . Ulimi lweSambane lungena kwiZibunge zeBhizinisi , nasemithini yokudonsa imali. Izandla zangaphambili zeSambane zithakwa emithini yokukhipha izinto ezafakwa ngabathakathini emizimbeni yabantu, ezifana neMvukuzane , izinyoka esiswini njalo njalo . Umsila weSambane ungena eMabhandeni okulwa. Umsila waso umkhulu uyasinda , yiwona esithola kuwo amandla wokumba imigodi . Kahle-hle amandla aso sonke isilwane asemsileni waso , ngisho nenkomo imbala, nenja .

Khumu!


Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngaMakhathakhatha:

ISambane

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo