Incazelo ngoMkhiwane (Ficus sur Forssk\Broom cluster fig\Besem-trosvy)

 

Nina abeSilo sakithi oNdini uHlamvana bhul”umlilo eNdulinde ububaswe uMantshonga benoGqelebana. UZulu laduma obala lapho kungeMunga kungeMtholo ! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade . Ngethemba nisaphila nina beSilo , cha , thina sisaphila eMantungweni. Lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uMkhiwane ngesiZulu nangesiXhosa.UMkhiwane uwela emndenini wezihlahla ezibizwa ngokuthi “amaFig trees”.  Uthela izithelo zaMakhiwane , ziyadliwa , zimnandi , bayazidla abafana abelusa izinkomo.  Uma singakavuthwa ziba luhlaza ngombala, uma sezivuthiwe ziyawuguqula umbala ube bomvu. Kodwa akufanele zibe bomvu kakhulu ngoba uma sezikuleso simo zisuke sezibolile. Ingakho kuneSisho esithi”Ikhiwane elihle ligcwele izibungu” okusho ukuthi umuntu ungambona emuhle kanti isimilo sakhe sibi. Incazelo yalesi Sisho icishe ifane nencazelo yeSisho esithi  ‘Ayihlabi ngakumisa”. UMkhiwane ubizwa ngokuthi uMogo -tshetlo ngolimi lwesiPedi. Kuthiwa yiBessem-trosvy ngesiBhunu. NgesiNgisi kuthiwa yiBroom clustler fig .

Welaphani uMkhiwane?

Abelaphi bendabuko bayawusebenzisa uMkhiwane kwezithinta isintu. Okokuqala nje ngicabanga ukuthi abeSilo bayazi ukuthi ixolo lo Mkhiwane sakhula liphuziswa inkomo eyiSigqala ukuze ikhiphe ubisi oluningi , ibe wuNondlini. Liye liphekwe , lenziwe imbiza eyophuziswa iSigqala , ukuze sibe wuNondlini. Liba mandla kakhulu uma seliqhathwe noMduze. Leyo mbiza kubuye kugezwe ngayo imibele yezinkomo ukuze zingasengwa yiMbulu .  Ixolo loMkhiwane liyasebenza nakoMame abangalukhiphi ubusi uma bencelisa. Impande yoMkhiwane iyangena emithini emhlophe ephalazela inhlanhla. AmaSoka nawo ayayisebenzisa. Ibuye ingene nakwimithi egezela ukususa isichitho , amabhadi nokuvula izindlela. Impande yoMkhiwane ibuye ibe wumuthi omkhulu oxegisa amandla edliso, uvula nokucinana kwesifuba . Iye ibiliswe , bese iphuzwa njengeSiphungo esiyovula isifuba , sixegise nedliso.


Khumu!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande:

 

UMkhiwane

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo