Incazelo ngoKalimuzi\Kalmoes\Acorus Calamus\Sweet flag:

 

Nina abakaMakhalimakhande njengeZulu lona limakhalima limandindizela! UTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa imihlambi yezinyamazane !Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade, ngethemba ukuthi basaphila abeZulu eliphezulu. UMntungwa lona kuwu mhla weshumi nane kuNdasa onyakeni ka 2023.

UKalimuzi:

Lo muthi eniwubona esithombeni esingezansi kuthiwa uKalimuzi , okuyigama elisuselwa kwelesiBhunu elithi “Kalmoes” . Iningi lwethu lo muthi siwazela ekwelapheni imikhuhlane , wumuthi ongawubheki umkhuhlane lona. NgesiNgisi kuthiwa yiSweet flag , noma Acorus calamus, noma Calamus nje kuphela. UKalimuzi umila ezindaweni ezinamanzi , emaxaphozini . Izimpande zikaKalimuzi ziye zibiliswe zibe isiphungo esiphungwa sisafudumele , sokwelapha iMfiva, sibulala  wonke amagciwane ngaphakathi esifubeni kwazise uKalimuzi ungeminye yemithi ebulala amagciwane , phecelezi “Antibacterial herbs”. Lesi siphungo sishisa zonke izilonda esifubeni nasesiswini , senze umuntu akwazi ukuphefumula nokukhwehlela kahle. Sivula isifuba. Lesi siphungo sibuye sehlise namafutha emzimbeni womuntu. Izimpande zikaKalimuzi zibuye zigqumele  ziphinde zichathele ukwelapha wona umkhuhlane. Izimpande zikaKalimuzi ziyangena embizeni yokukhipha idliso. Izimpande zikaKalimuzi ziyangena emithini ephalazela ukuvula inhlanhla eseyavalwa abathakathi. Zithakwa nemithi emhlophe yeDlozi. Izimpande zikaKalimuzi ziyangena eGobongweni lokukhuphula umoya weNzuzi, umoya wasemanzini. Zibuye zibe yintelezi , ziyangena imithini yokuchela ikhaya, eyokuchapha , eyokubethela kanye neminye. Uyangena naseMabuthweni athunywa ukuyolanda. UKalimuzi muhle kakhulu ekuqedeni umkhokha omubi ekhaya, umkhokha wokushona kwabantu ngendlela engacaci, uthole ukuthi mhlawumbe abantu bashona  ngezibhamu nangezingozi zezimoto. UKalimuzi uyangena nasekwelapheni isifuba somoya. Uyangena nasembizeni yokwelapha umzimba omubi . Kuningi okwenziwa uKalimuzi. Ake ngime lapho nina abeNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe:

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngamakhambi.

 

UKalimuzi

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo