Incazelo ngeNguduza\Blue Squill\Blouslangkop\Merwilla plumbea:

Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyemeba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe! IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma! UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! Enhla nasezasni ngiyayibingelela yonke iNgabade, ngethemba basophila abeZulu eliphezulu.

INguduza:

Nina beMbube eshoba liyisilikithi lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa yiNguduza igama lawo lesiZulu. NgesiBhunu kuthiwa yiBlouslangkop. NgesiNgisi kuthiwa yiBlue Squill, kanti ngolimi loSosayensi phecelezi Botanical name iNguduza ibizwa ngeMerwilla plumbea.

Yelaphani iNguduza?

KwiNguduza kusebenza isigaxa sayo esithi asifane nesikaAnyanisi. Lesi sigaxa sinegwebu eliningi eNdulo okwakugezwa ngalo amaHawu. Isigaxa seNguduza siyachatha, siphinde siphuzwe njengembiza noma isiphungo, simandla kakhulu , siyadonsa , siguduza wonke amakhona sikhiphe konke okungcolile. Sihle kakhulu kwabesifazane ngoba sikhipha isigaxa esihlala esibelethweni  kwabesifazane -esinyakazisa okwengane, kube sengathi owesifazane uzethwele kanti lutho . ISichongco senziwa sibe lula ngoba iNguduza imandla kakhulu. Kwabesilisa nakhona senza into efanayo , siguduza wonke amakhona , sikhiphe konke ukungcola, senze uBhoko lweSisu lusebenze kahle , lungakhathali. INguduza iyangena nasezimbizeni zeNzalo yabesifazane nabesilisa. Uma uzochatha ngesigaxa seNguduza kudingeka ucwenge kahle ngeNdawu yeLineni , ngoba lona uwumuthi omandla kakhulu. ISiphungo seNguduza sivula inhliziyo siyenze ithande ukudla. Sishisa nezilonda ngaphakathi esinyeni , emaphashini njalo njalo.


Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngamakhambi

Niphile nina bakaZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! UQasa lukaWasa inkomo esengwa yiViyo!

INguduza

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo