Incazelo ngeNguduza (Merwilla plumbea)

 

INguduza.

 

Incazelo ngeNguduza  (Merwilla plumbea)

Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyemeba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe.IGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma.UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala.Nina beSilo le nduku eniyibonayo ibizwa ngokuthi yiNguduza

Yelaphani iNguduza

KwiNguduza kusebenza isigaxa sayo esithi asifane nesikaAnyanisi.Lesi sigaxa sinegwebu eliningi eNdulo okwakugezwa ngalo amaHawu. Isigaxa seNguduza siyachatha,siphinde siphuzwe njengembiza noma isiphungo, simandla kakhulu,siyadonsa,siguduza wonke amakhona sikhiphe konke okungcolile.Uma uzochatha ngazo kuye kudingeke ukuba usipheke bakithi uchithe namanzi amahlandla amaningi ngoba sinamandla kakhulu.Sifana noMsilawengwe.Imbiza yaso ephuzwayo yinhle kakhulu nakwabesifazane ngoba ikhipha isigaxa esihlala esibelethweni  kwabesifazane-esinyakazisa okwengane,kube sengathi owesifazane uzethwele kanti lutho.ISichongco senziwa sibe lula ngoba iNguduza imandla kakhulu.Kwabesilisa nakhona senza into efanayo,siguduza wonke amakhona,sikhiphe konke ukungcola,senze uBhoko lweSisu lusebenze kahle,lungakhathali.INguduza iyangena nasezimbizeni zeNzalo yabesifazane nabesilisa.Uma uzochatha ngesigaxa seNguduza kudingeka ucwenge kahle ngeNdawu yeLineni,ngoba lona uwumuthi omandla kakhulu.ISiphungo seNguduza sivula inhliziyo siyenze ithande ukudla.Sishisa nezilonda ngaphakathi esinyeni,emaphashini njalo njalo.Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngamakhambi.Niphile nina bakaZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu.UQasa lukaWasa inkomo esengwa yiViyo.

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo