Incazelo ngeSinwazi\uChithibhunga\Rhoicissus rhomboidea\Glossy Forest Grape \Moaparo :

 

Nina baZitho zimbombo zimbombonono zifana nezikaDadewabo uSililo -uMpondo zamil’enjeni engabe enkomeni zesabani? UCala lathethwa ngomkhonto kithi kwaMalandela amanye amacala ethethwa ngezindukwana! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu kuwumhla weshumi nanhlanu kuNdasa onyakeni ka 2023 . Cha , sisaphila thina kwaSokhumalo.

ISINWAZI:

Nina abeSilo sakithi oSuthu uMagalela agase njengeNkosi yaMantshali ngoba egasele uZibhebhu kwaNdunu, lo muthi eniwubona esithombeni esingezansi kuthiwa yiSinwazi igama lawo lesiZulu. Sikhula siphakame ,ngokuthandela esinye isihlahla esikhulu. NgesiXhosa kuthiwa uChithibhunga,noma uMxeba , okuchaza intambo. NgesiSuthu kuthiwa uMoaparo . NgesiVenda kuthiwa uTshikundwi-mae. NgesiBhunu kuthiwa yiBlinkblaarbosddruif, noma iBimbrikos. NgesiNgisi kuthiwa yiGlossy Forest Grape,noma iGlossy Wild Grape, noma iRopewood. NgesiSwati kuthiwa uMbovu.  IBotanical name yawo kuthiwa iRhoicissus rhomboidea.


SENZANI ISINWAZI?

ISinwazi siwumuthi wezinhlungu , ikakhulukazi koMame. Sihle kakhulu kumuntu  wesiMame osanda kuthola ingane, osanda kubeletha, osezwa izinhlungu zokubeletha. Kuye kubiliswe impande yeSinwazi, ibe yisiphungo esiyophuza yilowo Mame osanda kuthola uSana. Sihlanza isibeletho kuphume konke okungalungile , kuphume ngokushobinga. ISinwazi sibuye sichathe futhi , sichathe bona oMame abasanda kuthola izingane. Umuthi omuhle kakhulu lona , muhle nasemankonyaneni ezinkomo ahlushwa isihudo. Sihle kakhulu nasekuthibeni inhlungu yeFindo khona koMame , siyakwazi futhi nokunqamula umopho weFindo ongasafuni ukunqamuka. Lona wumuthi wenhlungu omuhle kakhulu ,okwaziyo futhi nokusebenza uwodwa. Uba mandla uma usuqhathwe noNsukumbili, uGobho , uMathunga kanye neminye imithi ethinta ukuhlanzwa kwegazi nezinhlungu. ISinwazi sihle nasekugezeni igazi , senza isikhumba somuntu sibe bushelelezi , kushabalale amabadlana nezinduna ebusweni . Sihle kakhulu nasekuhlanzeni izinso . Kuningi okwenziwa iSinwazi. Siyibuye singene nasekuphalazeni , singena njengomuthi ozokulwa, kwazise sibuye sibe yintelezi elwayo . Siphalazela ukuxosha imeqo ,izichitho kanye nokunye . Siye siqhathwe nemithi ebomvu efana noNgwavuma , iNtolwane, uMaphipha , uVumakubangoma obomvu kanye neminye. Siyangena nasemithini yokugquma nokugezela  imeqo , izichitho kanye nokunye okuyizinto zabantu . ISinwazi singena njengomuthi olwayo , futhi olwa kakhulu , ophindisayo . Kuleyo ndawo bajwayele ukusiqhatha kakhulu neSibhaha. Lena intelezi emandla kakhulu, lena kwaXhosa bayibiza ngoChithibhunga ngoba iphazamisa zonke izinhlelo zabathakathi. Ibhunga abantu abasuke behlangene bebhunga ngodaba oluthile. Iyabahlakaza-ke le ntelezi. Le ntelezi iyangena futhi nakwezamacala. Iyangena nasezinsini zamalumbo , imeqo\amabekelo, izichitho , kanye nokunye. Iyangena naseMabuthweni athunywa ukuyolwa , ukuyophindisa kanye nokuyolanda. Ake ngime lapho nina bakaMkhwamude wangisika isilevu uSungulo olude lwangithunga impumulu!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi”Kholo Khumalo TV” uthole olunye futhi ulwazi ngamakhambi

Philani nina nina bakaMenzi akabongwa ngaBalandakazi ubebongwa ziNjenje zaseMqekwini!

 

ISinwazi\uChithibhunga

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo