Incazelo ngeKhathazo (iQwili\Larger tinsel flower\Giant alepidea\Lesoko)

Nina abakaMashikizela ashiy’impi yakhe uMbombosh’omnyama uMgabadeli owagadala inkundla yakwaBulawayo. UVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi esiswini! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila bonke abeZulu eliphezulu. Cha, sisaphila thina eMantungweni .

IKhathazo\iQwili:

Nina beZulu eliphezulu lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa yiKhathazo igama lawo lesiZulu, ngesiXhosa kuthiwa yiQwili. KwaXhosa balihasha ngokuthi ‘uNomnyamazana onuka engabolanga’ . Lidume ngephunga lalo elinuka kakhulu. NgesiLungu kuthiwa yiLarger tinsel flower, noma Giant alepidea. NgesiBhunu kuthiwa yiSlangwortel. Lona wumuthi omuhle kakhulu kwiMfiva ikakhulukazi uma ugquma ngawo uwuqhathe noKalimuzi . NgesiSuthu ubizwa ngokuthi yiLesoko. Kanti ngesiSwati kuthiwa yiNkatsankatsa. Kuthiwa yiAlepidea amatymbica ngolimi loSosayensi , phecelezi Botanical name.

Lelaphani iKhathazo?

Njengoba besengishilo nina beMbube iKhathazo liwumuthi omuhle wemikhuhlane. Liyagquma , liphinde liphuzwe futhi. IKhathazo aliyiboni iMfiva kwazise lingeminye yemithi ebulala amagciwane eyaziwa ngokuthi ama-Antibacterial herbs. Kusebenza kakhulu izimpande , ziye zibiliswe zibe yisiphungo esiphuzelwa umkhuhlane ,kanye nokuxegisa izikhwehlela esifubeni, senze umuntu akhwehlele kahle ngaphandle kwezinhlungu. Lesi siphungo sibuye sehlise ubuhlungu bokuluma kwesisu.  Amacembe axutshwe nezimpande agqumela imikhuhlane , ungawathaka noKalimuzi noma noMhlonyane uma uthanda, kodwa iKhathazo liyakwazi ukusebenza lilodwa . Njengoba besengishilo ngathi iKhathazo liwumuthi obulala amagciwane, liyazelapha -ke nezilonda ezingaphakathi esiswini kanye nesingaphandle, libulale wonke amagciwane. Amacembe kanye nezimpande kuye kuphekelwe ukugeza amanxeba noma izilonda esilwaneni noma emuntwini. Kubuye kube yisiphungo esiphungelwa ukushisa izilonda ngaphakathi , ezibindini, emaphashini, esinyeni njalo njalo . IKhathazo libuye libe yintelezi enhle kakhulu ekhathaza imthi yabathakathi . Liyangena entelezini echela ikhaya, ixoshe iphinde ivike izinto zabathakathi. IKhathazo liyangena nasemithini yokuchupha umfazi noma indoda. Liyangena nasemithini yezimpi, emabhandeni okulwa kanye nasemithini okuchelwa ngayo izinduku zokungcweka. Liyangena nakwezokuchupha umthakathi noma isilwane . Liyangena nasemithini ephuzelwa ukubolisa nokukhathaza idliso . noma inhloboni yedliso .


Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande:

IKhathazo\iQwili

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo