Incazelo ngoXamu (Water Monitor Lizard\Nile Monitor Lizard:

 

Nina abeNtulo ebande ngodonga kwaBhekuzulu uZiyayinhlonhlonga inkomo ethandwa zibawu! UNtaba zimbili zakhelene zentula ngisho ukuxhawulana. Enhla nasezansi ngayayibingelela yonke iNgabade kuwumhla weShumi nambili kuNdasa onyakeni ka 2023, ngethemba nisaphila nina beSilo. Cha , sisaphila thina eMantungweni .

UXAMU:

Nina beSilo lesi silwane enisibona esithombeni kuthiwa uXamu ngesiZulu. NgesiLungu kuthiwa yiWater Monitor Lizard. Siwela emndeni weziBankwa noma imiBankwa eyaziwa ngokuthi ama-Guana ngolimi losoSayensi, okuwumndeni okuwela khona neMbulu. IMbulu isilwane esithi asifane noXamu , esincela imibele yezinkomo .Kokubili iMbulu noXamu kunolimi olumbaxa mbili , olufana nolwe nyoka .  Ziningi -ke izinhlobo zama-Monitor Lizards, kanti futhi uma uzibuka azifani . Zintathu  izinhlobo zoXamu ezitholakala lapha kweleNgabade , kukhona iNile Monitor Lizard ,iWhite throated Monitor Lizard kanye neRock Monitor Lizard. UXamu isilwane esihlala ngasemfuleni , esikhonze kakhulu indawo enodaka. Yebo uXamu uyangena naseSizibeni kodwa uyisilwane esikhonzele udaka .UXamu udume ngokungaphambuki uma ubalekela ngasemgodini wawo , uma wethukile uthuswa ngokuthile. Kuthiwa uXamu isilwane esikhula ngokweluleka sibe side impela kangangokuthi size sifinyelele nakuma-Mitha amabili{2.1 metres}. UXamu unomsila omude , oyisiTswepu ekugcineni. UXamu usebenzisa umsila wawo ukuzivikela esitheni , ubhaxabula ngawo isitha noma izitha. Ubhaxabula kakhulu impela ngoba uma uthole inja ikhala kabuhlungu , okusho khona ukuthi uyazwela impela uma ushaya.


UXamu kwezaMakhathakhatha:

Abelaphi bendabuko bayawusebenzisa uXamu ekwelapheni nasekhandeni aMakhathakhatha. Amafutha kaXamu axosha isilwane esixake ekhaya , ayangena futhi nasemithini yenhlanhla kanye neyamaBhizinisi. Umsila kaXamu ungena emabhandeni okulwa. Umzimba kaXamu ungena ezinsizini zemiBhulelo. Amathumbu kaXamu angena ezinsini zamaLumbo. Inhliziyo kaXamu ingena kwiSibambelelo. Kuthiwa uXamu neMbulu kuba noMlingani oyedwa impilo yakho yonke . UXamu ubeka amaqanda amaningi , kuthiwa kulawo maqanda ichwane nechwane elisuke lizochanyisela lisuke linoPartner walo kulawo maqanda. Kuthiwa akwenzeki ukuba kube khona ichwane eliyosilela ngoMlingani. Bathi uma kwenzeka lowo Mlingani efa , lona omunye uXamu osele usaphila uvele uzihlalele ungabe usaba nawo omunye uPartner. Ngamanye amazwi uXamu wenza ucansi noXamu owodwa hhayi neNqwaba yoXamu. Bathi neMbulu nayo injalo , ayihambi ishintsha shintsha  oPartner njengezinye izilwane. Kuyileso sizathu inhliziyo ka Xamu neyeMbulu zingena kwiSibambelelo. Amaqanda ka Xamu ayiSibunge seBhizinisi , athakwa nemithi yokudonsa. Bathi uceba ube wuCaphunakusale uma uwathake kahle. Amaqanda kaXamu ayangena nasemithini yemfuyo , awuMkhumiso omuhle wemfuyo , bathi andisa izinkomo nezimbuzi kanye nayo yonke imfuyo ngendlela axakile. Amaqanda kaXamu ayangena nasemithini yenzalo yabesifazane , imithi yesibeletho okuyimithi edliwa ngabantu besifazane abangabatholi abantwana.  Amaqanda kaXamu atholakala uma ngabe iPhisi libulale uXamu omithi. Awatholakali kalula. Abuye atholakale  nangaphansi kwesihlabathi ngasemfuleni , phela uXamu uwufukamela ngokuwagqiba phansi , ebese wona ulale phezu kwayo. IPhisi lingazitshela ukuthi uXamu uthamele ilanga kanti lutho ufukamele amaqanda . Bathi neNgwenya nayo iwafukamela kanjalo .

Khumu!!!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande:

Niphile nina bakaMenzi kabongwa ngaBalandakazi ubebonwa ziNjenje zaseMqekwini!

 

UXamu

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo