Nina abakaSimayedwa njengeLanga lona limi lodwa ezulwini. USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeSilo. Namuhla siphethe uMdlandlovu , uBulawu obukhulu beDlozi.
UMDLANDLOVU:
Nina abeSilo lo muthi osesithombeni ubizwa ngokuthi uMdlandlovu ngesiZulu. Igama lawo le Botanical name lithi “Bauhinia bowkeri”. NgesiBhunu kuthiwa yiKeibeesklou. Kanti ngesiNgisi kuthiwa yiKei Bauhinia, noma Kei White Bauhinia. Lo muthi ukhula uphakame ucele eMamitheni angama-10 kuya ku 15 . Uqhakaza izimbali ezimhlophe , ezinhle ezinuka kamnandi.
Wenzani uMdlandlovu?
Nina beSilo izimpande zalo muthi uMdlandlovu ziwuBulawu ubuhle beDlozi, ukhonzwe kakhulu yiZangoma noThwasa . Usondeza iDlozi ebeseliqhelile, ulenze lisondele liqale futhi lithande umuntu, likhulume futhi nasemaphusheni . Lo muthi uyangena naseMagongweni. Kahle-hle uwuBulawu beDlozi njengabo oVumakubangoma, oQhume , oNyazangoma, oBhubhubhu , oMlulama njalo njalo. Lo muthi uMdlandlovu uyangena nasemithini emhlophe edliwa uma kwelashwa aManzamnyama. Uyagquma ,uyaphalaza uphinde ugeze. Umuthi obaluleke kakhulu lona kangangokuthi nabantu phaqa abangezona iZangoma bayawusebenzisa uma befuna ukulungisa izindaba zabo neDlozi. Lona wumuthi wokuncenga iDlozi. Lona wumuthi obuye wakhe olukhulu ugazi . Nezinsizwa ezingamaSoka nazo ziyawusebenzisa, ziyaphalaza ngawo. Ziwuthaka emithi yenhlanhla,imithi emhlophe. Lo muthi uMdlandlovu muhle kakhulu nakwezokudonsa, ungena ezibungeni zamaBhizinisi. UMdlandlovu ubuye ungene kwiMibhemiso yekhanda elingapheli. Uyangena nasemithini ebhenywa umuntu okhathazwa iSithuthwana, ukudlikiza. Ubuye ugqume futhi , ugqumele khona ukwelapha ukudlikiza, uye uthakwe neminye imithi. Muhle kakhulu lo muthi ikakhulukazi eDlozini , uyalivula ngisho noma besebeliphendulile uyalibuyisa . UMdlandlovu ubuye ungene emithini yeMfiva neyesifuba . Izimpande zawo ziphuzi ngokombala , zinephunga elihle. Ake ngime lapho nina bakaMpondo zamila enjeni engabe enkomeni zesabani?
Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngempande

Sibonge kakhulu ngolwazi lwesintu indabuko yethu maZulu