Incazelo ngeNjula   ( African White Pelican)

INjula

Nina abeZulu eliphezulu ,nina abeMbube eshoba liyisilikithi uHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! UZitho zimagwegwe ngokugwegwa abakaYise ! #Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu .Cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo le nyoni eniyibonayo ibizwa ngeNjula ngesiZulu, ngesiLungu ibizwa nge African White Pelican . Le nyoni itholaka ngaseMfuleni noma oLwandle kwazise iziphilisa ngokudla izinhlanzi.

Yenzani le nyoni kwezaMakhathakhatha?

Nina beSilo le nyoni yinhle kabi ekuhogeleni , oSosayensi bathi ukuhogela kwayo kungale kokweNqe ngoba yona iyakwazi ukuzwa umoya (iphunga) likaFishi ungaphansi kwamanzi . INjula inhlanzi iyizwa iphezulu emkhathini , ingene phakathi emanzini itshuze iyikhiphe . Ikhanda nenhliziyo yeNjula kuhle kakhulu emithini yokukhipha izinto ezifihliwe noma umuthi ogqitshiwe . Ikhanda le Njula lihle kwiMibhemiso yokubhula . Siba bukhali kabi iSangoma esidla iNjula , asishayi eceleni . Lihle kakhulu nakwiMibhemiso yoThwasa abayibhema uma besaphehlwa ePhehlweni .INjula inkunzi eZigubhini zokudonsa .Iyangena futhi naseMabuthweni . INjula yinhle futhi nakwezokubethela


Khumu!!

Niphile nina beSilo . Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ….

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo