Incazelo ngoKhozi  ( Martial Eagle)

UKhozi (Martial Eagle)

Nina aboKhozi lwakithi lwakithi eMakheni olunzipho zinde zinguMjongolo! Luhlezi laph’eMnduzini, luqaph’imizi yamadoda ukweluka!#Inkosi yakithi eMakheni leyo inkosi uMageba ka Zulu! #Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Sisaphila thina eMantungweni. Le nyoni eniyibonayo esithombeni ibizwa ngoKhozi ngoLimi lwesiZulu, ngesiLungu kuthiwa yi-Martial Eagle . IseMndenini wezinyoni ezifana neZingqungqulu , iziNkwazi kanye nezinye .Akumandla kule nyoni kuyafiwa . Le nyoni iyakwazi ukubulala isilwane esikhulu esingangeMpunzi maqede isiqukule ikhale yemuke  naso iyoshaya eseNtwala namaChwane ayo. Iyingozi kabi le nyoni! Le nyoni kubongwa ngayo inkosi uMageba yakwaZulu.

Yenzani le nyoni kwezaMakhathakhatha?

Nina beSilo uKhozi luhle kakhulu eMabuthweni , lwenza aMabutho asheshe, futhi luwenza abe namandla. Phela nalo luyashesha futhi lunamandla . UKhozi luyangena nasemithini yokuqina. Unyawo loKhozi lungena emithini yokubuyisa uma ugqekezelwe noma untshontshelwe, emithini yokulanda. Ikhanda nezinyawo kungena kwezokulanda umuntu owaduka , ongasaziwa ukuthi ukuphi .Ikhanda nezinyawo kuhle futhi kwezokudonsa . Ngisho nezinyanga ziyakusebenzisa eziGubhini. INyanga ekusebenzisayo abantu badukela kuyo ngisho noma ngabe bebekade beze eNyangeni enguMakhalwane.  Luhle kakhulu uKhozi kwezaMakhathakhatha


Khumu!

Niphile nina beSilo . Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo