Incazelo ngamaqanda ka Xamu

Nina bakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi kwaZulu, uTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela babuphuzwa yimihlambi yezinyamazane! ISikhukhulane sikaNdaba esikhukhule oMame sabetshatha saye sayobalahla ezinkwazini zoThukela!!……ISilo uMpande leso, iSilo sakithi kwaNongwengu..Ngethemba nisaphila nina beZulu eliphezulu. Sisaphila thina kwaSokhumalo

Amaqanda ka XAMU:


Amaqanda ka Xamu ayiSibunge esihle seBhizinisi.Aye athakwe kwiZibunge zeBhizinisi ,athakwa neminye nemithi yokudonsa . Mahle kakhulu kakhulu nasemfuyweni, awuMkhumiso wezinkomo. Enza izinkomo zizale ngendlela exakile. Azehlukani izinkomo ezisetshenzwe ngamaqanda ka Xamu, zidla ndawonye. Abuye angene naseNdukwini yeNzalo yoMame, oMame  abahlushwa wukungabatholi abantwana. Amaqanda ka Xamu uwathola  uma ube nenhlanhla yokubualala uXamu omithi . Noma uwathole eceleni kwesiziba,lapho uXamu osuke uwagqibe khona,uwafukamele. Phela uXamu amaqanda  uwafukamela njengeNgwenya,uwagqiba phansi, ebese wona ucambalala phezulu. Kuningi okusebenzayo kuXamu, inhliziyo ingena kwezeSibambelelo, phela kuthiwa uXamu uba noMlingani oyedwa,ufana neMbulu. Uma kwenzeka efa lowo Mlingani bathi uXamu uvele uzihlalele , awuhambi wenza ucansi nabanye oXamu abaningi. Bathi neMbulu nayo injalo. Amafutha ka Xamu axosha isilwane, ayabethela nomuzi

Khumu!

Thola ulwazi oluthe xaxa ngemithi kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo