Incazelo ngeDelele /iGusha/Okra 🖋️👇🏾

IDelele/iGusha /iOkra.

Nina bakaTshwala bukaGologo babungaphuzwa muntu kithi kwaMalandela, babuphuzwa imihlambi yezinyamazane🙌🏾

Le sitshalo enisibona esithombeni sibizwa ngokuthi “iGusha” ngesiSwati . NgesiNdebele sakwaMthwakazi kuthiwa “iDelele”. NgesiLungu sibizwa ngeOkra. Lesi sitshalo asinalo igama lesiZulu lesiZulu, kwazise abantu bakwaZulu abasikhonzile,kanti abanye abasazi nokusazi. Siyadliwa lesi sitshalo , sidliwa njengeSishebo,sidliwa ngePapa. Uma upheaka iDelele akufanele ulibhubhudlele uSawoti uma ngoba lokho kuwukuliqeda amandla. USawoti ufakwa kancane.  Zimbili izinhlobo zeDelele/iGusha. Kukhona inhlobo etshalwayo . Bese kuba khona inhlobo emila endle, leyo nhlobo abantu bakwaMthwakazi bayibiza ngokuthi “iDelele lamahlamvu” . Ukunambitheka kwalezi zinhlobo kuyefana ,kanti nemisebenzi nayo iyefana. IDelele/iGusha liba lula kabi uma selivuthiwe,futhi kuba lukhuni ukulisheba ngePapa esitsheni ngenxa yobulula balo,kangangokuthi abanye baze bakhethe ukuliphuza. Bayalincoma oDokotela , bathi lilawula uShukela neAsidi kumuntu. Phecelezi” it stabilize blood sugar and acid in a human’s body” . Kanti lihle kakhulu uma uwumuntu onenkinga yokungayi ngaPhandle(ukuyozikhulula). Phecelezi “constipation problems”. Bathi livula yonke imigudu evalekile ngaphakathi, lenze nendle ibe lula ,isheshe iphume ,iphume ngokukhipha umuntu ngesisu. ODokotela baqhubeka bathi iDelele/iGusha lelapha izifo zocansi oDilobhu,  kanye nezifo ezichamisa igazi ezifana noBhelehaziya. Baqhubeka bathi linguMvusankunzi omuhle kakhulu kubo bobubili ubulili,oMame noBaba. Bathi linyusa imizwa ,lenza oMame noBaba balulangazelele kakhulu ucansi. Lenza oMame basheshe bakhulelwe, oBaba basheshe bakhulelise. Ngakho-ke iDelele/iGusha liwumuthi omuhle wenzalo koMame noBaba. Baqhubeka bathi iDelele /iGusha liqeda izinduna ebusweni, lenza ubusho bube buhle. Bathi kuningi impela okwenziwa iDelele/iGusha. Liyatholakala ezitolo ezidayisa ngamaVeji, phecelezi” oFruit and Veg”


Khumu!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV📺” uthole ulwazi oluthe thuthu ngamakhambi

Niphile nina bakaSomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi kwaZulu. 🙌🏾

Okra/iDelele/iGusha

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo