Incazelo ngoMganu/uBaganiselwa/ uNoganisela\Marula/Sclerocarya birrea

UMganu /Marula/Sclerocarya birrea

Nina abeMbuzi ka Dambuza abayibambe ngendlebe yabekezela, ayinjengekaMdlaka ngaseNtshobozeni yena ayibambe ngendlebe yadabula yaqeda amadoda🙌🏾

Ngiyayibingelela yonke iNgabade enhla nasezansi. Lo muthi osesithombeni kuthiwa uMganu ngesiZulu, udume kakhulu ngeleMarula. Ubuye waziwe ngoBaganiselwa. Umuthi waseAfrika lona owenza izinto eziningi. Izithelo zawo ezibizwa ngaMaganu kwenziwa ngazo uTshwala besiLungu . Lo muthi ngokolimi loSodayensi ubizwa ngokuthi i”Sclerocarya birrea. NgesiSuthu kuthiwa i-Morula . NgesiTsonga ubizwa ngeKanyi ,kanti ngesiVenda kuthiwa u’Mufula’. Zimbili izinhlobo zoMganu,futhi zombili zikhula zibe zinde impela kangangokuthi zingafinyelela kumaMitha angamashumi amabili(20). UMganu wokuqala uthela izithelo ezingaphezudlwana kwamaThunduluka. Lezi zithelo ziba luhlaza uma zingakavuthwa, uma sezivuthiwe ziyawuguqula  umbala kancane ucishe ube Phuzi . Lezi zithelo ziyadliwa,zimuncwana uma uzidla . Yizona kanye okwenziwa ngazo uTshwala besiLungu(igama ngizoligodla). Kanti nabantu abansundu benza ngazo uTshwala, ababubiza ngokuthi “wuTshwala bamaganu. UMganu wesibili uthela izithelo ezinombala oluhlaza uma zingakavuthwa, uma sezivuthiwe ziyawuguqula umbala ube bomvu. Lezi zithelo zincane kakhulu uma uziqathanisa nezoMganu wokuqala. Lolu hlobo loMganu luningi kwaMthwakazi , bona balubiza ngokuthi ‘UMganunkomo’ ngoba lezi zithelo zidliwa kakhulu izinkomo.


Ihlahla loMganu(izinhlobo zombili) kulandwa ngalo umuntu wesifazane uma eshonile. Owesilisa ulandwa ngoMlahlankosi,obuye waziwe ngeloMphafa.
Ekwelapheni kusebenza kakhulu ixolo. Kuningi elikwenzayo ixolo loMganu . Likhonzwe ngamaSoka, likhipha isidina ensizweni  . AmaSoka alithaka emithini yawo ebomvu yokuphalaza, esingabala kuyo uMaphipha iKhubalo, iNgwavuma, uVumakubangoba obomvu, iNtolwane nezinye. Ixolo loMganu liyangena nasemithini yamacala . Liyaphalaza ,liyageza ,liyagquma futhi. Liyangena futhi nasemithini egeza nechela umndeni oshonelwe. Liqhathwa neSiqunga ,iNtolwane, uMhlambamanzi kanye neminye. Ixolo loMganu liyangena eNdukwini egeza uMakoti noMkhwenyana nxa bezongena eNkundleni. Liyangena nakweyokugeqa, imithi ebomvu yokuchatha . UMganu ungena kakhulu kwezibomvu.  Ixolo loMganu liyangena emithini ebomvu, ephalazela ukulungisa igazi, umuntu athandeke.  Kanti futhi lilodwa vo ,liyakwazi ukuba iMbiza  ephuzwa wumuntu onenkinga yokulunywa isisu.
Ake ngime lapho nina beSilo ,kuningi okwenziwa wuMganu,ngoba lesi sihlahla sibuye sibe sihle kakhulu okhunini. Benza ngaso izingqoko, izinkezo (izipuni zokhuni), amaphini, izigqiki nokunye

#Khumu!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi ” Kholo Khumalo TV📺,ufunde kabanzi ngamakhambi.

Niphile nina beNkomo eyabuya yodwa kwaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe🙌🏾

UMganu

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo