Umlando ngenkosi uDube ka Silwane yaseMaqadini{kwaNgcobo}

Umlando ngenkosi uDube ka Silwane yamaQadi

Inkosi uDube ka Silwane yabaseMaqadini yabusa ngesikhathi sokubusa kweziNgonyama oShaka noDingane. AmaQadi ayindlu yakwaNgcobo , baphuma kuNgothoma ka Dingile ka Ngcobo ka Vumizitha {esimazi kakhulu ngelikaVumezitha}. Uma uMnumzane eganwe yisithembu , inkosikazi yakhe yokuqala ibizwa ngokuthi iyiNdlunkulu, inkosikazi yesibili kuthiwa yiKhohlo, eyesithathu kuthiwa yiQadi . Uma kuwukuthi uMnumzane usaqhubeka eganwa , inkosikazi yesine ifakwa eNdlunkulu , eyasihlanu ifakwa eKhohlo , eyesithupha ifakwa eQadini njalo njalo . IKhohlo aliyizali inkosana, inkosana kufuneka iphume eNdlunkulu, uma eNdlunkulu ingekho ingane yomfana kuye kubhekwe ngaseQadini , leqiwe iKhohlo.

Ngesikhathi sokubusa kwenkosi uSenzangakhona isizwe sakwaNgcobo sasizinze eNtumeni, kuthiwa sasisikhulu ngendlela eyisimanga , kuthiwa izwe lakwaNgcobo lalisuka ngaseMagqumeni aseMpaphala lihambe njalo lize liyovinjwa uThukela. Inkosi uMapholoba yakhothama ngesikhathi iLembe lihlanganisa izizwe ukuba zibe isizwe esisodwa, esinguZulu.

Ukhokho wabantu baseMaqadini kuthiwa nguNgothoma indodana Dingile ka Ngcobo ka Vumezitha. Abafowabo baka Ngothoma kwabe kungoNyuswa{owayezalwa eNdlunkulu}, uGasela, uXhonxo, uZonca Kanye nabanye . UNgothoma yena wazala uNjila, owazala Silwane uyise wenkosi uDube . Isizwe sakwaNgcobo saba ngesinye sezizwe ezahlaselwa kakhulu yiLembe , iSilo uShaka. Ukuhlaselwa kwamakhosi akwaNyuswa ehlaselwa yiLembe kufakazelwa wukuvela kwamagama awo ezibongweni zeLembe . Enye ingxenye yezibongo zeLembe ethinta amakhosi akwaNyuswa yilena ethi ‘Okhangel’ezansi naMadungela ,izinkomo zawoSihayo zabuya .Kwaye kwalandela nezikaMafongosi , ebezisengwa yiNdiki yakwaMavela’. Inkosi uSihayo ethinthwa kulezi zihasho, inkosi uSihayo ka Mapholoba eyakhothama ibulawa yimpi yeLembe , eSizibeni sakwaNabane. UMavela yena wayeyiKhohlo lakwaNyuswa, wayezalwa uMashiza . UMafongosi naye wayengowakhona kwaNyuswa, wabe engowengxenye yamaNyuswa ezibizwa ngokuthi ingeyakwaNgongoma, uyise kwabe kunguBhovungane.


Inkosi uDube yamaQadi yona ayizange ihlaselwe yimpi yeLembe. Ngemuva kokubulawa kwenkosi uSihayo ibulawa yimpi yeLembe , isizwe sakwaNgcobo sahlakazeka kakhulu . Inkosi uDube yona yayakhe ngaseNkandla , ingumakhelwane wenkosi uManqondo ka Mazwana wakwaMagwaza. Kuthiwa ngemuva kokubulawa kwenkosi uSihayo isizwe sakwaNgcobo sahlakazeka kakhulu, enye ingxenye yaphikelela enkosini uDube yayocela ukukhosela, kuthiwa inkosi uDube yayichitha leyo ngxenye yathi mayedlulele phambili ngoba izoletha umkhokha esizweni sayo . ILembe lagcina likhotheme ngo1828 , emuva kokukhothama kwalo kwabusa iSilo uDingane ka Senzangakhona .  Yisona esagcina siyibulele inkosi yamaQadi , kuthiwa yabulawa kulandela ingxabano yayo nenkosi uManqondo. Abanye oSomlando bathi inkosi uDube yabulawa ngoba yayisondelene kakhulu neLembe , kwazise iSilo uDingane sasesiqale uMkhankaso waso wokubulala bonke abahlobo beLembe. Kulowo Mkhankaso weSilo uDingane kwabulawa amakhosi esingabala kuwo inkosi uZihlandla ka Gcwabe yaseMbo, inkosi uNzwakele ka Khushwayo yabakwaDube , inkosi uMagaye ka Vico yabakwaCele kanye namanye amakhosi . Inkosi uDube yazala indlalifa yayo uKhakonina , okuthiwa wasala isikhundla sobukhosi , sagcina sithathwe umfowabo uDabeka ka Dube , owazala inkosi uMaqhawe . UKhakonina wazala uMfundisi uJames Dube owazala amadodana amaningi , esingabala kuwona oAfrika , uWilliam, uJohn Langalibalele , oCharles kanye nabanye . UJohn Langalibalele wafunda phesheya eMelika . Kuthiwa abamhlophe behluleka bancama ukubiza isibongo sakhe , okungesakwaNgcobo , bagcina benqume ukuba kungcono asebenzile uDube njengesibongo , okwabe kuyigama likaMkhulu wakhe. UJohn Langalibalele Dube wasebenzisa imfundo yakhe ukulwela amalungelo abantu bakwaZulu ngesikhathi sokubusa kweSilo uDinuzulu .

#Khumu!

Izibongo zenkosi uDube ka Silwane

UDube ka Silwane!

Inkosi yoHlangu

UDube ozeke ndaba

Akayeka ndaba

UDube ubengakwazi ukuzingela

 

Ubeshay’amajuba nabamon’igazi

Ithole elehle ngamandla kuMabhengela

Alingenanga ukwaphuk’ematsheni

 

UMbulazi yakuMtshelekwana

Elitshelekwe uMopho

Eyogalela ngayo eZiyozini

Wabalek’uNdwandwe ka Zwide

Waqonda kwaSoshangane

 

UMadludlu ka Nkomo!

Mgoboli, uNkominophondo

UThole elidabule unkala

 

UMondli wezintandane !

Ngoba wondle ezakwaNgongoma

Wondla nezakwaShangase

Kanti zimthela izisila

Wondla nezakwaNyuswa

Kanti uzithela isisila!

 

Awuqedwa Ngcobo omkhulu

 

John Langalibalele Dube

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo