Incazelo ngesilwane iMpunzi(Common Duiker)

IMpunzi

Nina abeNgodlamkhonto yakithi oPhindweni ithi yiwona onguMama yiwona onguBaba! UKhawuleza Nkume yoHlanga iyasha imizi eMaphethelweni! #Inkosi uMalandela leyo , inkosi yakithi kwaNkomonye. Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade ,ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Cha, thina sisaphila eMantungweni. Nina beSilo lesi silwane enisibonayo kuthiwa yi-Mpunzi igama laso. NgesiLungu kuthiwa yiDuicker okususelwa egameni lesiDutch elithi Duiken okusho ukugxuma sakuqhasha(to dive). NgesiBhunu lesi silwane sibizwa ngeDuik. Nina beSilo iMpunzi kuthiwa ayidli emini , idla ebusuku kuphela. Uma uyithola idla emini isuke ibikade iphazamisekile ndawana thizeni  ebusuku yase iyabaleka, mhlawumbe iphazanyiswa izilwane ezifana naMakhanka, okuyizilwane  ezizingela ezinye ebusuku. Kukhona neNkulumo ethi “KukwaMpunzi edla emini” okuyinkulumo echaza isimo lapho abantu bakhona benza umathanda, noma izingane zenza umathanda. Kanti futhi uma umuntu ebaleka kuye kuhlonishiswe ngokuthi “ucela eMpunzini”. IMpunzi yalapha eAfrika esezansi ibizwa ngeCommon Duiker ngesiLungu. IMpunzi isemndenini wezilwane ezibizwa ngama-Antelopes ngesiLungu. Lesi silwane iMpunzi sijule kakhulu , kuthiwa uma sike sehlisa izinyembezi ngenkathi sihlaselwa izinja-izinja ziyasiyeka bese zilumana zona zodwa. Nokho kuthiwa asivamisile ukwehlisa izinyembezi lapho sibulawa.Kanti futhi uma usithole sincelisa izinyane laso lokho kusuke kubika ukuthi wena “ungumuntu weKhethelo , ungumuntu onezinhlanhla ezinhla ezingefani nezabanye”.Kuthiwa kuyefana nokubona iNkosazana yamanzi. AbeLaphi beNdabuko bayayisisebenzisa iMpunzi ekuthakeni imithi . Bayisebenzisa ezintweni ezinhle, kanye nasezintweni ezimbi. Uma iMpunzi izohlinzwa kuye kuqalwe ngokukhipha  uMnyama weMpunzi ngezansi kwamehlo, ubekwe kahle eceleni ngoba ziwusebenzisa kakhulu izinyanga.

Yenzani iMpunzi?

Nina abeSilo lesi silwane iMpunzi sihle kabi ekuvikeni izitha. EMpunzini kukhona lento emnyama eba ngezansi kwamehlo, iyimigqana emyama emibili ebheke phansi kuwo womabili amehlo. Lento ibizwa ngokuthi wu”Mnyama weMpunzi” . UMnyama weMpunzi muhle kabi kwezokuvika izitha, uyathakwa kwezokuvika izitha, wenza izitha zingakuboni , uwuNkungwini uyakufihla ezitheni. Uyangena futhi nakwezokubethela umuzi , uyawufihla umuzi abasokoso bengawuboni ebusuku, noma izinkabi zingawuboni ziduke zize ziphindele emuva zingawubonanga. NoMbungu weMpunzi nawo muhle kwezezitha. UMswane weMpunzi muhle ekugezeni amabhadi, uye uthakwe neminye imithi kugezwe umuntu ohlushwa ngamabhadi. UMnyama weMpunzi uyangena nakwezempi, uyangena kwezokuphindisa. Kanti nabakhunkuli bayawusebenzisa uMnyama weMpunzi, bayawuthaka emithini yabo yokuphambanisela umuntu izinto zakhe , angalungelwa lutho . Kanti futhi kuthiwa abakhunkuli bayayisebenzisa iMpunzi ekukhunkuleni, kuthiwa bayayithwebula bese beyesebenzisa njengeSithuthi, Transport.

Niphile nina abeLembe eleqa amanye ngokukhalipha ! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi”Kholo Khumalo TV” uthole ulwazi oluthe thuthu


 

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo