Umlando ngeSilo uShaka ka Senzangakhona(ILembe)

UMdwebo weSilo uSHAKA, uMdwebi uAnthony Mwangi.

 

Nina abakaHlabahlungu bazashumayezana abesezitheni nabasemakhaya! UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Nina beSilo ake sibheke umlando weSilo sakwaDukuza , iSilo uShaka ka Senzangakhona, esaziwa kakhulu ngeleLembe .

ISilo uShaka kwakuyindodana yenkosi uSenzangakhona , isizala entombini yaseLangeni uNandi indodakazi yenkosi uBhebhe emuzini waseBozeni. Unina weNdlovukazi uNandi kwakunguMfunda wakwaQwabe.Kuthiwa iLembe labe linguMdondoshiya wensizwa olishiyile igade , futhi libukeka. Kuthiwa lalifuze uyise uSenzangakhona ngokubukeka kanye nobude . Phelan aye kuthiwa wayebukeka uMjokwana ka Ndaba. Ukubukeka kwenkosi uSenzangakhona kufakazelwa ukucija kwaBantwana besende layo abaphila manje esikhathini sethu. Zicijile ezikaMjokwana .  *Kuthiwa iLembe lazalwa inkosi uSenzangakhona ingakabusi , kuthiwa yabe iseyinsizwa eyalusa izinkomo zikaYise . Kuthiwa ukuzalwa kweLembe akuzange kwemukeleke kahle kwiNdlunkulu yakwaZulu , ngoba phela lazalelwa ngaphandle koMgcagco. Kuthiwa ezinye zeZikhulu zoMbuso kaZulu ngaleso sikhathi zazingakholwa ukuthi iNdlovukazi uNandi yayikhulelwe ngempela, kuthiwa zazithi iphethwe yisifo sesiShaka okuyisifo esasiphatha oMame ngaleso sikhathi , sibakhukhumalisa izisu. Kuyileso sizathu uMntwana uShaka wethiwa igama likaShaka , ngoba kwakuthiwa unina uphethwe isifo sesiShaka. Kuthiwa abantu abangazange bakwemukele kahle ukuzalwa koMntwana uShaka aBantwana oMkabayi  kanye noMudli , kuthiwa yibona kanye futhi ababekungabaza ukukhulelwa kukaNina. Nokho kuthiwa kwahamba kwahamba uMntwana uMudli wawuguqula umqondo wakhe ngoMntwana uShaka, waqala ukumthanda.Kuyavela emlandweni obhalwe phansi ukuthi uMntwana uMudli nguyena owaletha uMntwana uShaka KwaZulu ngomnyenyisa.**Ngicela niwuyeke umkhuba wenu omubi wokuntshontsha umsebenzi wami niyowufunda koTikTok , wubunyemfu lobo wubunuku**………..Kuyavela futhi emlandweni olotshwe phansi  ukuthi  umuntu owakuthokozela kakhulu ukuzalwa koMntwana uShaka nguGogo wakhe uMthiniya wakwaSibiya , unina wenkosi uSenzangakhona. Kuthiwa uMthaniya wayemthanda uMntwana uShaka , naye uMntwana uShaka emthanda uGogo wakhe kangangokuthi waze waqamba neZwe lakwaZulu ngaye uGogo wakhe , wathi kukwelikaMthaniya. Kuthiwa kwahamba kwahamba uMntwana uMudli wabuye wawuguqula umqondo wakhe ngoMntwana uShaka, kuthiwa waqala futhi ukungamthandisisi , kuthiwa wayesethanda kakhulu uMntwana uSigujana owayezalwa uNdlunkulu uBhibhi, udadewabo ka Ndlela ka Sompisi Ntuli. Isenzo soMntwana uMudli sokuthanda uMntwana uSigujana samdonsela amanzi ngomsele ngoba kwahamba kwahamba lagcina limbulele iLembe.

INdlovukazi uNandi iwa ivuka noMntwana uShaka.

 

Kuthiwa ukuzalwa koMntwana uShaka  akuzange kwemukeleke kahle kwiNdlunkulu yakwaZulu, kanti nokukhulelwa kweNdlovukazi uNandi ngaphandle koMgcagco kwaba lihlazo elikhulu kwabaseLangeni . Kwazise ngalezo zikhathi kwabe kulihlazo elikhulu ukukhulelwa komuntu wesifazane ongaganile. Okwalandela kwaba ukusuka eLanganei  kweNdlovukazi uNandi nendodana yayo baphikelela KwaZulu.Ngokomlando olotshwe phansi ,  kuthiwa nguMntwana uMudli owathi uMntwana uShaka makabalekiswe eLanganeni alethwe KwaZulu ngoba yena noNina babengaphethwe kahle eLangeni. Nakhona KwaZulu kuthiwa inhlalo yafike yangaba yinhle.Ngakho-ke yena noNina bagcina  bedlulele eMthandeni kwaQwabe , kwazise phela uNina wayeyisihlobo khona, kuzokhumbuleka phela ukuthi uNina weNdlovukazi uNandi kwabe kunguMfunda wakwaQwabe. Kuthiwa nakhona kwaQwabe uMntwana uShaka noNina abazange baphatheke kahle , kuthiwa kwagcina sekuvela izinkulumo ezazithi uMntwana uShaka uhlupha uMntwana uPhakathwayo. Kuyamangaza ngoba ngokomlando olotshwe phansi kuthiwa uMntwana uPhakathwayo wayemdala ngokweminyaka kuneLembe. UMntwana uShaka noNina bagcina besukile kwaQwabe baphikelela kwaMthethwa. Kuzokhumbuleka ukuthi uNomo ka Khondlo umfowabo wenkosi uPhakathwayo Qwabe wayezalwa yiSithole sakwaMthethwa,ngakho-ke iNdlovukazi uNandi yabe inesihlobo laphayana kwaMthethwa.Ngaleso sikhathi kwaMthethwa kwakubusa inkosi uDingiswayo ka Jobe. Kuthiwa uMntwana uShaka kanye noNina bemukelwa kahle kwaMthethwa, kanti kuthiwa nenkosi uDingiswayo yamthanda kakhulu, yamethwala ngeQoma.Laphayana kwaMthethwa uMntwana uShaka wayebizwa ngeNtungwa lasenhla.Kuthiwa laphayana kwaMthethwa uMntwana wahlala ngokukhululeka impela -wakhulela khona , wahlabana futhi eziMpimi zeNkosi uDingiswayo, waze wasuka ngenkathi eseyothabatha iSihlalo soBukhosi bakubo KwaZulu.EsekwaMthethwa kuthiwa wakhulela ngaphansi koBuholi bukaNdunankulu waBathethwa , uNgomane ka Mqomboli wakwaMdletshe. Nguyena uNgomane owafundisa uMntwana uShaka yonke imininingwa yezeziMpi. Nguyena owambuthela eButhweni leZichwe lesibili. IButho le Zichwe lokuqala lalibuthwe inkosi uDingiswayo . IZichwe zokuqala kuthiwa kwahamba kwahamba ladla izinkomo zasoYengweni, kuthiwa inkosi uDingiswayo yakhipha isinqumo sokuthi libulawe lonke kanye neNduna yalo uThayiza. IZichwe zesibili zabuthwa uNdunankulu uNgomane ngemvume yenkosi uDingiswayo , izona-ke ezazibandanya uMntwana uShaka. KwaMthethwa -ke kulapho uMthente owahlaba osamila kuMntwana uShaka. Kuthiwa laphayana kwaMthethwa uMntwana uShaka wakhula enza ezibukwayo. Kuthiwa esenguMfana owelusa amathole wabulala iMamba okuthiwa yayishaye yabulala iNkunzi ayeyithanda. Kuthiwa kwedlula iminyaka embalwa waphinda futhi wagila izimanga, wabulala iNgwe. Kuthiwa kwathi esebuthiwe waphinda futhi waba yiQhawe ngokubulala uHlanya okuthiwa lwalusatshwa kakhulu, okuthiwa lwaseluqede izinkomo zakwaMthethwa , luzidla eHlathini. Kuthiwa lolo Hlanya lwaseluhlule amadoda amadala. Igama lalolo Hlanya kwakunguNsimbana ka Lugaju okuhlawumbiselwa ukuthi wabe engowakwaMhlongo. UNsimbana lona wayedume kakhulu ngeleLembe. Igama elithi “iLembe” kahle-hle lisho igeja , noma ikhuba. Kwenzeka zonke lezi zigameko nje uMntwana uShaka akakabusi nokubusa , wayeseyiBhungu kwaMthethwa. Lezi zigameko zokuba sematheni engakabusi nakubusi zamtholela izihasho ezithi ungu”Nodumehlezi ka Menzi “. UMenzi ngelinye lamagama kaYise inkosi uSenzangakhona. KwiSigameko lapho uMntwana uShaka abulala khona uLembe  wazitholela izihasho ezithi uyi”Lembe eleqa amanye amaLembe ngokukhalipha”. Ngelinye ilanga ngizoke ngichaze izihasho zalo iLembe. Kuthiwa uMntwana uShaka wayeyazisa kakhulu inkosi uDingiswayo , eyithatha njengoYise wegazi.

 

ISilo uShaka eSihlalweni soBukhosi

 

ISilo uShaka sahlala eBukhosini bakwaZulu ngemuva kokukhothama kukaYISE uSenzangakhona ka Jama . Okuqaphelekayo emlandweni wamaNguni wukuthi ngesikhathi seminyaka yama 1800 iziMpi zazidlange kakhulu. Imbangela yeziMpi kwabe kuwukwakha ubuNgonyama, noma ngithi kwabe kuwukwakha iSizwe esisodwa futhi esiyoba neNkosi eyodwa eyokhothanyelwa yiwona wonke amaKhosi . Kuthiwa kwathi ngemuva kokukhothama kwenkosi uSenzangakhona kwakulindeleke ukuba  kube nguMntwana uSigujana owayezohlala eSihlalweni soBukhosi bakwaZulu. UMntwana uSigujana wayezalwa uNdlunkulu uBhibhi ka Sompisi wakwaNtuli, kuthiwa uNdlunkulu uBhibhi wabe eyiNtandokazi yenkosi uSenzangakhona. Kanti ngakolunye uhlangothi uMntwana uShaka wayethandwa kakhulu yinkosi eyayikhonya kuzwakale kuzo zonke izinkalo, okuyinkosi uDingiswayo. Inkosi uDingiswayo singasho impela sithi yabe iyiNgonyama ngaleso sikhathi ngoba wonke amakhosi ayewagebisa amakhanda eSilweni saBathethwa. Kanti ngakolunye futhi uhlangothi kwakukhona noMntwana uBhakuza owabe enguMshana wenkosi uPhungashe yamaShenge. Kuthiwa inkosi inkosi uPhungashe yayihlezi ikusho kugcwale umlomo ukuthi nguMntwana uBhakuza uyohlala eSihlalweni soBukhosi bakwaZulu uma inkosi uSenzangakhona isikhotheme.*Isifiso senkosi uPhungashe asisafezekanga ngoba uMntwana uShaka washesha wambulala uMntwana uBhakuza. Kuyacaca ukuthi washesha wayicosha indaba yesifiso senkosi uPhungashe ngoMshana wayo, wagadla kuqala. UMntwana uBhakuza wasala enkundleni ebulawa yilona iLembe kwenye yeziMpi zenkosi uDingiswayo nenkosi uPhungashe .UMntwana uBhakuza wayegqishe namaShenge, iLembe lona lalingakuBathethwa.Ngemuva kokukhothama koMntwana uBhakuza kwasala uMntwana uSigujana endleleni yeLembe eya eBukhosini.  *Kuthiwa yinkosi uDingiswayo eyadonsa uMntwana uShaka yameluleka ukuba agoduke aye kubo KwaZulu ayothabatha uBukhosi bungaze buphunyuke. Ngempela wahamba uMntwana uShaka waya KwaZulu, kuthiwa wafika wabulala uMntwana uSigujana , owambulala ngesandla sikaNgwadi Qwabe , umfowabo weLembe. Kwaba wukuhlala kwakhe uMntwana uShaka eSihlalweni soBukhosi. Sesihlezi eSihlalweni soBukhosi iLembe labulala uMntwana uMudli , limbulalela khona okuthi wayecheme noMntwana uSigujana. UMntwana uMkabayi yena alizange limbulale, lamyeka waphila kwaze kwaba yisikhathi sokubusa kweSilo sakwaNodwengu, iSilo uMpande. ……..Kukhona umlando othi uMntwana uSigujana wahlala impela eSihlalweni soBukhosi bakwaZulu, wagcotshwa , kwenziwa yonke imininingwane eyenziwa uma kubekwa inkosi.

 

ILembe lihlanganisa iZizwe.

 

Njengoba besengishilo ngenhla , ngaleziya zikhathi zamakhosi aseNdulo kwakudlange iziMpi, imbangela yalezo ziMpi okwabe kuwukwakha iSizwe esisodwa.  Ayemaningi -ke amakhosi ayekulowo Mkhankaso. Singabala amakhosi afana nawawoDingiswayo , oPhungashe Buthelezi, Zwide ka Langa , Phakathwayo Qwabe kanye namanye . Njengoba besengishilo , inkosi eyayibukeka inamandla kakhulu  kwabe kuyinkosi uDingiswayo okuyiyona eyapheka iLembe. Okwathi ngemuva kokukhothama kwayo ibulawa yinkosi uZwide kwasala kukhonya yona inkosi uZwide. ISilo uShaka saqhubeka saqhubeka noMkhankaso waso wokwakha uZulu. Sahlasela sehlula amakhosi anamandla afana nenkosi uPhungashe kanye nenkosi uPhakathwayo. Inkosi uPhungashe yehlulwa yabalekela kumngane wayo inkosi uZwide , kanti naye uzofike ayibulale ayishumpule ikhanda layo alinike uNina uNtombazi ahlobise ngalo iQhugwana lakhe. Inkosi uPhakathwayo yona kuthiwa yathi ngenkathi yemukela umbiko wokwehlulwa kweMpi yayo yamelwa inhliziyo yakhothama eSigodlweni sayo. Ukukhothama kwamakhosi oPhungashe noPhakathwayo kwakusho ukuthi yayisele yayodwa inkosi eyabe isele imile endleleni yeLembe yokuba yiNgonyama yezizwe jikelele, leyo nkosi kwabe kuyinkosi uZwide ka Langa yabakwaNdwandwe . Nayo yagcina inqotshiwe inqotshwa yiLembe eMpini eyalwa izikhawu ezintathu. Isikhawu sokuqala saba laphaya eGqumeni kwaGqokli, esesibili saba ngaseMfuleni uMhlathuze . Esesithathu sona akucaci ngempela ukuthi saba kuphi nezwe , ngoba abanye oSomlando bathi saba sehlathini laseNkandla , kanti abanye bathi saba soPhongoolo. Maningi amakhosi ahlaselwa yiLembe esingabala kuwo inkosi uNdina ka Mnisi Mthembu , inkosi uNgoza ka Mkhubukeli Mthembu , inkosi uFaku yamaMpondo kanye namanye. Kanti amanye wona azilahla inyandana kuyona iNgonyama uShaka , azinikela , ukuze ahlale ngokuthula . Inkosi uShaka kuhlawumbiselwa ukuthi yayizalwe ngowe 1787 , yakhothama ngesandla sabofowabo aBantwana oDingane , uMhlangana baka Senzangakhona kanye noMntwana uMbopha ka Sithayi waseGazini. Ngemuva kokukhothama kwayo kwabusa iSilo saseMgungundlovu , iSilo uDingane , esesaxoxa ngaso kuyo le Nqolobane (website) . Ngokuzayo sizoxoxa ngokwakheka kwezihasho zeLembe , siphinde sixoxe nangomlando weSilo uMpande , iSilo sakwaNodwengu. ISilo uShaka sakha izigodlo uBulawayo , uDukuza kanye nezinye ******Yekani ukuntshontsha umsebenzi wami bakithi , bhalani nani , engani ninazo nani izandla.

Khumu!

 

Niphile nina abeNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! #ISilo uShaka leso! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” ufunde ngamakhambi eSintu.

 

Izibongo zeSilo uShaka

 

INyosi : uMxhamama kaSoshaya wakwaSibisi

UDlungwane kaNdaba*!

UDlungwane woMbelebele!

Odlung’eManxulumeni

Kwaze kwasa aManxuluma esebikelana

UMjokwane kaNdaba

USalakutshelwa uSalakunyenyezelwa

Usishaka kasishayeki

UNodumehlezi kaMenzi

ILembe eleq’amanye

Amalembe ngukukhalipha

Igawu bazakuliluma

Bazakuliphimisa

Bakhumbule amagawu abebesi

Uteku lwabafazi bakwaNomgabhi

Ababetekula behlez’emlovini

Beth’uShaka !

Akayikubusa , kayikuba ‘Nkosi

Kanti kuyinyakana

UShaka ezakunethezeka

UShaka ngiyesaba ukuthi nguShaka

UShaka kwakuyiNkosi yaseMashobeni

Umlilo wothathe kaMjokwane

Umlilo othathe ubuhangunguhangu

Oshise izikhova eziseDlebe

Kwaze kwasha neziseMabedlana

Inkom’ekhal’eMthonjaneni

Izizwe zonke ziyizwile ukulila

Iziwe nguDunjwa waseLuyengweni

Yeziwa nguMangcengeza wakwaKhayi

Yaye yezizwa ngamaNtungwa akwaSokhumalo

Intethe egolwe ngazinti zamkhonto

kwaMalandela

Yathi ukusuka yajubalala

Ungezwa bethi valela njalo Solunjalose

Kanti kabasho kuwe

Wena kaNdaba!

Basho unyoko uMbulazi

Yena ovalele iNgonyama endlini

Odabule kuNdima noMgovu

Abafazi abanendeni baphuluza

Imikhubulo bayishiya izinqindi

Imbewu yasala emanxiweni

Odabule kuBhuzane phezulu

Wakhethelwa udwedwe lwamaza

Wadlula kuMcombo zigoduka

Wabuz’indlela kuDunjwa

Kanti ngabe uyibuze uBhuzane

Owandulele ukuya kwaNomagaga

Lafika iqhude lamvimbela

ILanga eliphume linsizwa

Lathi liphezulu lansasa

Ngoba lifuna ukothiwa

Yimizimbazimba

ILanga eliphandle elinye ngemisebe

Ngoba liphandle elaseMathandeni

Ozulu lizayo khwezani abantwana

Ngabadala bodwa abazozibalekela

UDunjwa yedwa limkhandanisile

Uye wakha amanxiwa oThukela

Lapho kucushwa isilo ngomwowane

Ohamba ebasa amakloba

Ophehlwe weva wanjengomlilo

Imamba edl’umuntu bathi iloyelwe

Okhangel’ezansi naMadungele

Izinkomo zawoSihayo zamlandela

Kwaze kwalandela nezawoMafangosi

Ebezisengwa yindiki yakwaMavela

Ungangencumbe yamabele engadliwa

Ungangembiza yamashongololo

Uphekwe ngembiza enkulu

Ebipheka aMakhosi akwaNtombazi

Kavuthwa uShaka kaqedwa

Wayilanda inkomonye

Ilandwa kuMakhendama

Ekhaya konina

Izulu elidume emva komuzi eKuqobekeni

Laduma lazithatha izihlangu zaMaphela

Wamudla uNomhlanjama ezalwanguZwide

Wamudla uNqabeni ezalwa nguZwide

Wamudla uMphepha ezalwa nguZwide

Wamudla uDayingubo ezalwa nguZwide

Wamudla uNombengula ezalwa nguZwide

Wamudla uMpondophumelakwezinde

eMapheleni

Wamudla uMtimona ezalwa nguGaqa

eMapheleni

Wamudla uMdandazi ezalwa nguGaqa

Wamudla uMakhwela ezalwa nguGaqa

Wamudla uNozigaba kaTatho

Wamudla uNkayishana eCwecweni

Ondande ngokhalo, wabuya ngokhalo

Waya ngoBhoyiya kwaMdakuda

Wandanda ngokhalo olude

Wadabula emathanjeni abantabakaThayi

Ababegodola beya kuMacingwane

eNgonyameni

INdlovu ethimuka babeyixokozelela

abasElangeni

Ibuyise inhloko yadla amadoda

USilwane helele!

Emizini yabantu

USilwane ubengelutho

Ubeyinduna kwaDibandlela

OZihlandlo kaGcwabe ngibasolile

Abasokoco !

INkosi kabayitshelenga izibuko

Bayiweze ngelisaconsa amathe

Ebelisasuka kuphela

UNtube wakwaMajola

Amanzi omthombo wakwaNonamba

Engiphuze kuwo ngaze ngagangatheka

Ngaphos’ukudliwa zimamba

UMlunguzi wezingoje

Izingoje zilunguzelane

INyathi esihamba isengama amazibuko

INyathi ejame ngomkhonto phezu

koMzibvubu

AMampondo ayesaba nokuyehlela

Nani boGambushe

Nani boFaku

Ningamhlami okaNdaba

Ukuba nimhlabile

Kobe senehlabe uPhunga

Nahlaba uMageba

Wahlangana nodwendwe lwamankankane

Mhla eyokudla aMampondo iziphukuphuku

INtaba emahwanqa kaMjokwana

Ebingadli mihlambi yankomo

Ebidla imihlambi yezinyamazane

Obesixhokolo singamatshe aseNkandla

Abekade ephephela izindlovu ukuba liphendula

ULusiba gojela ngale kweNkandla

Lugojela nje ludla amadoda

INdlondlo yakithi kwaNobamba

INdlondlo ehamba ibanga amacala

UNdaba ocaba ngomkhonto

Amanye amakhosi ecaba ngamazembe

Ubhiyoze kuNomangci phezulu

Eyakunqamula umbango wakwaNyuswa

Kwakungabangwa lutho kwaNyuswa

kwakubangwa izinhlakuva emanxiweni

Bethi nkete nkete

Lindani amajuba

Umxoshi womuntu amxoshele futhi

Nanku lapha ngimthanda khona

Ngimthanda exosha uZwide ezalwa nguLanga

Emthabatha lapho liphuma ngakhona

Emsingisa lapho lishona ngakhona

UZwide wampheq’amahlonjan’omabili

Ukuma kwakhe

Umuntu omdala

Ukwethuka okusha

Buya Mgengi !

Indaba usuyizwile

UZwide umphendule isigcwegcwele

Namuhla futhi usamphendula ndodana

Izindaba ngazizwa ngesalukazi

Sona singumasala emanxiweni

Izindaba ngazizwa ngexhegu

Lona lingumasala emzileni

UMaswezisela omnyama

Wakithi kwaBulawayo

Oswezisele uZwide ngamagqanqula

USishaya ndlondlo kaMjokwana

Ubusika nehlobo bahlukene

ObakwaNtombazi nobakwaLanga

INkonyane ekhwele phezu kwendlu

kwaNtombazi

Bathi iyahlola

Kanti yibona abahlolayo

Uthi lwempundu oluhlala izikhova

Oluhlal’uPhungashe wakwaButhelezi

Ubhincakade waze wafunyaniswa

Ovunulel’ezimfundeni zamanzi

Izinto zakho zamuka namanzi

Mgengi pheza izitha kusehlobo

Utshani bude buzokugibanisa

UKlebe engimbone ukwehla

kwezikaMangcengeza

Kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala

Kwakungasakhali nkomo kwaNtombazi

Inkomo yayisikhala kithi kwaBulawayo

UGasane kade lubagasela

Lugasele uPhungashe wakwaButhelezi

Lwagasela uSondaba woMthanda

Ehlezi ebandla

Lwagasela uMacingwane eNgonyameni

Lwagasela uNxaba kaMbekane

Lwagasela uGambushe eMampondweni

Lwagasela uFaku eMampondweni

UDlondlwane luya luhlezi

Luya ludlondlobele

Luyadla lubeke isihlangu emadolweni

Isidlukula dlwedlwe

Uhlanya olusemehlweni amadoda

Unkomo zabantu inkelenkele

Zikhungele izingobe emashobeni

UMasukwana kus’onjengeNgonyama

UMasuku ubehamba kwaMadilika

Uhlumayo lumananga ,uDlungwane

Uhlumayo lumananga lunkone

UMananga ubengelutho

UMananga ubeyinduna kwaJiyampondo

Siphuphuma simadel’imiyalo

Obhoboze isikhala emaNcubeni

Weza noMvakeli ezalwa nguDlaba

Weza noMaqobho ezalwa nguDlaba

Weza noKhwababa ezalwa nguDlaba

UMsingi wazansi wosinga nasenhla

Woze usinge lapho kushona khona ilanga

Ovuso eladla umntana osesiswini

UMavuso ubeyinduna kwaNomgabi

Odle imihlambi kungeyabahwebi

UNgelengele kalingani nantaba

Wena omkhulu kakhulu

ONgangezwe lakhe

UngangoMpehlela noMaqhawakazi

Ongangesihlahla esisokhalweni kuMaqhwakazi

Esasihlala amaNdwandwe namaNxumalo

UQangabhodiya wawoMkabayi

Ungisize Maphitha ninoNgqengelele

Umnike nkonye afunde ukukleza

Umnike ukhande lokuzimbela

Osifu sinenqaba

UBayethe kaNdaba

UNdaba ngiyameba, ngimuka naye

Ngimbuka kwehla nezinyembezi

Kuba sengathi ngubuka isihlahla soMdlebe

IGwija likaMdlaka ligwegwe

Lijiyiza abasini bengoma

UNdaba ulududu emanxulumeni

UDlungwane ongenamthekeleli

UShaka ufumanise izilwane zimbili

Zihlangene phakathi kweNsuze noThukela

Izilwane kunguThondolozi noSihayo

Wafika waphonsa ihawu zahlukana

Ogcagce emagcekeni koPhuthile

Wadla uMsikazi koNdimoshe

Wadla umfazi mka Sukuzwayo

Wadla uSukuzwayo nendodana

UHlabuhlungu bazoshumayezana

Nabasezitheni nabasemakhaya

Uhlaza lwangayinyongo yenyamazane

UVemvane lukaPhunga noMageba

Olumabala azizinge sengathi abekiwe

UMzizima ongamathunzi ezintaba

Khona kuhlwa kuhamba abathakathi

Ubhidi elimathetha nangazinyembezi

INgqayingqayi kaPhunga noMageba

Engiyibuke ngaze ngayejwayela

UMasengo mahla inkonyane yenkomo

Kwangixaka ukukhaba kwale nkomo

Yakhaba osengayo yadela ummbambi

Umoya womzansi womngenela

Ohleze ubangenela nangomnyango

Oth’esadla ezinye wadlezinye !

Wath’esadl’ezinye wadlezinye !

Oth’esadl’ezinye wadlezinye !

Wath’esadl’ezinye wadlezinye !

Bayethe ! Hlanga lwamakhosi !

IBinda Nkosi

 

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo