Nina abakaHlabahlungu bazashumayezana abesezitheni nabasemakhaya! UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Nina beSilo ake sibheke umlando weSilo sakwaDukuza , iSilo uShaka ka Senzangakhona, esaziwa kakhulu ngeleLembe .
ISilo uShaka kwakuyindodana yenkosi uSenzangakhona , isizala entombini yaseLangeni uNandi indodakazi yenkosi uBhebhe emuzini waseBozeni. Unina weNdlovukazi uNandi kwakunguMfunda wakwaQwabe.Kuthiwa iLembe labe linguMdondoshiya wensizwa olishiyile igade , futhi libukeka. Kuthiwa lalifuze uyise uSenzangakhona ngokubukeka kanye nobude . Phelan aye kuthiwa wayebukeka uMjokwana ka Ndaba. Ukubukeka kwenkosi uSenzangakhona kufakazelwa ukucija kwaBantwana besende layo abaphila manje esikhathini sethu. Zicijile ezikaMjokwana . *Kuthiwa iLembe lazalwa inkosi uSenzangakhona ingakabusi , kuthiwa yabe iseyinsizwa eyalusa izinkomo zikaYise . Kuthiwa ukuzalwa kweLembe akuzange kwemukeleke kahle kwiNdlunkulu yakwaZulu , ngoba phela lazalelwa ngaphandle koMgcagco. Kuthiwa ezinye zeZikhulu zoMbuso kaZulu ngaleso sikhathi zazingakholwa ukuthi iNdlovukazi uNandi yayikhulelwe ngempela, kuthiwa zazithi iphethwe yisifo sesiShaka okuyisifo esasiphatha oMame ngaleso sikhathi , sibakhukhumalisa izisu. Kuyileso sizathu uMntwana uShaka wethiwa igama likaShaka , ngoba kwakuthiwa unina uphethwe isifo sesiShaka. Kuthiwa abantu abangazange bakwemukele kahle ukuzalwa koMntwana uShaka aBantwana oMkabayi kanye noMudli , kuthiwa yibona kanye futhi ababekungabaza ukukhulelwa kukaNina. Nokho kuthiwa kwahamba kwahamba uMntwana uMudli wawuguqula umqondo wakhe ngoMntwana uShaka, waqala ukumthanda.Kuyavela emlandweni obhalwe phansi ukuthi uMntwana uMudli nguyena owaletha uMntwana uShaka KwaZulu ngomnyenyisa.**Ngicela niwuyeke umkhuba wenu omubi wokuntshontsha umsebenzi wami niyowufunda koTikTok , wubunyemfu lobo wubunuku**………..Kuyavela futhi emlandweni olotshwe phansi ukuthi umuntu owakuthokozela kakhulu ukuzalwa koMntwana uShaka nguGogo wakhe uMthiniya wakwaSibiya , unina wenkosi uSenzangakhona. Kuthiwa uMthaniya wayemthanda uMntwana uShaka , naye uMntwana uShaka emthanda uGogo wakhe kangangokuthi waze waqamba neZwe lakwaZulu ngaye uGogo wakhe , wathi kukwelikaMthaniya. Kuthiwa kwahamba kwahamba uMntwana uMudli wabuye wawuguqula umqondo wakhe ngoMntwana uShaka, kuthiwa waqala futhi ukungamthandisisi , kuthiwa wayesethanda kakhulu uMntwana uSigujana owayezalwa uNdlunkulu uBhibhi, udadewabo ka Ndlela ka Sompisi Ntuli. Isenzo soMntwana uMudli sokuthanda uMntwana uSigujana samdonsela amanzi ngomsele ngoba kwahamba kwahamba lagcina limbulele iLembe.
INdlovukazi uNandi iwa ivuka noMntwana uShaka.
Kuthiwa ukuzalwa koMntwana uShaka akuzange kwemukeleke kahle kwiNdlunkulu yakwaZulu, kanti nokukhulelwa kweNdlovukazi uNandi ngaphandle koMgcagco kwaba lihlazo elikhulu kwabaseLangeni . Kwazise ngalezo zikhathi kwabe kulihlazo elikhulu ukukhulelwa komuntu wesifazane ongaganile. Okwalandela kwaba ukusuka eLanganei kweNdlovukazi uNandi nendodana yayo baphikelela KwaZulu.Ngokomlando olotshwe phansi , kuthiwa nguMntwana uMudli owathi uMntwana uShaka makabalekiswe eLanganeni alethwe KwaZulu ngoba yena noNina babengaphethwe kahle eLangeni. Nakhona KwaZulu kuthiwa inhlalo yafike yangaba yinhle.Ngakho-ke yena noNina bagcina bedlulele eMthandeni kwaQwabe , kwazise phela uNina wayeyisihlobo khona, kuzokhumbuleka phela ukuthi uNina weNdlovukazi uNandi kwabe kunguMfunda wakwaQwabe. Kuthiwa nakhona kwaQwabe uMntwana uShaka noNina abazange baphatheke kahle , kuthiwa kwagcina sekuvela izinkulumo ezazithi uMntwana uShaka uhlupha uMntwana uPhakathwayo. Kuyamangaza ngoba ngokomlando olotshwe phansi kuthiwa uMntwana uPhakathwayo wayemdala ngokweminyaka kuneLembe. UMntwana uShaka noNina bagcina besukile kwaQwabe baphikelela kwaMthethwa. Kuzokhumbuleka ukuthi uNomo ka Khondlo umfowabo wenkosi uPhakathwayo Qwabe wayezalwa yiSithole sakwaMthethwa,ngakho-ke iNdlovukazi uNandi yabe inesihlobo laphayana kwaMthethwa.Ngaleso sikhathi kwaMthethwa kwakubusa inkosi uDingiswayo ka Jobe. Kuthiwa uMntwana uShaka kanye noNina bemukelwa kahle kwaMthethwa, kanti kuthiwa nenkosi uDingiswayo yamthanda kakhulu, yamethwala ngeQoma.Laphayana kwaMthethwa uMntwana uShaka wayebizwa ngeNtungwa lasenhla.Kuthiwa laphayana kwaMthethwa uMntwana wahlala ngokukhululeka impela -wakhulela khona , wahlabana futhi eziMpimi zeNkosi uDingiswayo, waze wasuka ngenkathi eseyothabatha iSihlalo soBukhosi bakubo KwaZulu.EsekwaMthethwa kuthiwa wakhulela ngaphansi koBuholi bukaNdunankulu waBathethwa , uNgomane ka Mqomboli wakwaMdletshe. Nguyena uNgomane owafundisa uMntwana uShaka yonke imininingwa yezeziMpi. Nguyena owambuthela eButhweni leZichwe lesibili. IButho le Zichwe lokuqala lalibuthwe inkosi uDingiswayo . IZichwe zokuqala kuthiwa kwahamba kwahamba ladla izinkomo zasoYengweni, kuthiwa inkosi uDingiswayo yakhipha isinqumo sokuthi libulawe lonke kanye neNduna yalo uThayiza. IZichwe zesibili zabuthwa uNdunankulu uNgomane ngemvume yenkosi uDingiswayo , izona-ke ezazibandanya uMntwana uShaka. KwaMthethwa -ke kulapho uMthente owahlaba osamila kuMntwana uShaka. Kuthiwa laphayana kwaMthethwa uMntwana uShaka wakhula enza ezibukwayo. Kuthiwa esenguMfana owelusa amathole wabulala iMamba okuthiwa yayishaye yabulala iNkunzi ayeyithanda. Kuthiwa kwedlula iminyaka embalwa waphinda futhi wagila izimanga, wabulala iNgwe. Kuthiwa kwathi esebuthiwe waphinda futhi waba yiQhawe ngokubulala uHlanya okuthiwa lwalusatshwa kakhulu, okuthiwa lwaseluqede izinkomo zakwaMthethwa , luzidla eHlathini. Kuthiwa lolo Hlanya lwaseluhlule amadoda amadala. Igama lalolo Hlanya kwakunguNsimbana ka Lugaju okuhlawumbiselwa ukuthi wabe engowakwaMhlongo. UNsimbana lona wayedume kakhulu ngeleLembe. Igama elithi “iLembe” kahle-hle lisho igeja , noma ikhuba. Kwenzeka zonke lezi zigameko nje uMntwana uShaka akakabusi nokubusa , wayeseyiBhungu kwaMthethwa. Lezi zigameko zokuba sematheni engakabusi nakubusi zamtholela izihasho ezithi ungu”Nodumehlezi ka Menzi “. UMenzi ngelinye lamagama kaYise inkosi uSenzangakhona. KwiSigameko lapho uMntwana uShaka abulala khona uLembe wazitholela izihasho ezithi uyi”Lembe eleqa amanye amaLembe ngokukhalipha”. Ngelinye ilanga ngizoke ngichaze izihasho zalo iLembe. Kuthiwa uMntwana uShaka wayeyazisa kakhulu inkosi uDingiswayo , eyithatha njengoYise wegazi.
ISilo uShaka eSihlalweni soBukhosi
ISilo uShaka sahlala eBukhosini bakwaZulu ngemuva kokukhothama kukaYISE uSenzangakhona ka Jama . Okuqaphelekayo emlandweni wamaNguni wukuthi ngesikhathi seminyaka yama 1800 iziMpi zazidlange kakhulu. Imbangela yeziMpi kwabe kuwukwakha ubuNgonyama, noma ngithi kwabe kuwukwakha iSizwe esisodwa futhi esiyoba neNkosi eyodwa eyokhothanyelwa yiwona wonke amaKhosi . Kuthiwa kwathi ngemuva kokukhothama kwenkosi uSenzangakhona kwakulindeleke ukuba kube nguMntwana uSigujana owayezohlala eSihlalweni soBukhosi bakwaZulu. UMntwana uSigujana wayezalwa uNdlunkulu uBhibhi ka Sompisi wakwaNtuli, kuthiwa uNdlunkulu uBhibhi wabe eyiNtandokazi yenkosi uSenzangakhona. Kanti ngakolunye uhlangothi uMntwana uShaka wayethandwa kakhulu yinkosi eyayikhonya kuzwakale kuzo zonke izinkalo, okuyinkosi uDingiswayo. Inkosi uDingiswayo singasho impela sithi yabe iyiNgonyama ngaleso sikhathi ngoba wonke amakhosi ayewagebisa amakhanda eSilweni saBathethwa. Kanti ngakolunye futhi uhlangothi kwakukhona noMntwana uBhakuza owabe enguMshana wenkosi uPhungashe yamaShenge. Kuthiwa inkosi inkosi uPhungashe yayihlezi ikusho kugcwale umlomo ukuthi nguMntwana uBhakuza uyohlala eSihlalweni soBukhosi bakwaZulu uma inkosi uSenzangakhona isikhotheme.*Isifiso senkosi uPhungashe asisafezekanga ngoba uMntwana uShaka washesha wambulala uMntwana uBhakuza. Kuyacaca ukuthi washesha wayicosha indaba yesifiso senkosi uPhungashe ngoMshana wayo, wagadla kuqala. UMntwana uBhakuza wasala enkundleni ebulawa yilona iLembe kwenye yeziMpi zenkosi uDingiswayo nenkosi uPhungashe .UMntwana uBhakuza wayegqishe namaShenge, iLembe lona lalingakuBathethwa.Ngemuva kokukhothama koMntwana uBhakuza kwasala uMntwana uSigujana endleleni yeLembe eya eBukhosini. *Kuthiwa yinkosi uDingiswayo eyadonsa uMntwana uShaka yameluleka ukuba agoduke aye kubo KwaZulu ayothabatha uBukhosi bungaze buphunyuke. Ngempela wahamba uMntwana uShaka waya KwaZulu, kuthiwa wafika wabulala uMntwana uSigujana , owambulala ngesandla sikaNgwadi Qwabe , umfowabo weLembe. Kwaba wukuhlala kwakhe uMntwana uShaka eSihlalweni soBukhosi. Sesihlezi eSihlalweni soBukhosi iLembe labulala uMntwana uMudli , limbulalela khona okuthi wayecheme noMntwana uSigujana. UMntwana uMkabayi yena alizange limbulale, lamyeka waphila kwaze kwaba yisikhathi sokubusa kweSilo sakwaNodwengu, iSilo uMpande. ……..Kukhona umlando othi uMntwana uSigujana wahlala impela eSihlalweni soBukhosi bakwaZulu, wagcotshwa , kwenziwa yonke imininingwane eyenziwa uma kubekwa inkosi.
ILembe lihlanganisa iZizwe.
Njengoba besengishilo ngenhla , ngaleziya zikhathi zamakhosi aseNdulo kwakudlange iziMpi, imbangela yalezo ziMpi okwabe kuwukwakha iSizwe esisodwa. Ayemaningi -ke amakhosi ayekulowo Mkhankaso. Singabala amakhosi afana nawawoDingiswayo , oPhungashe Buthelezi, Zwide ka Langa , Phakathwayo Qwabe kanye namanye . Njengoba besengishilo , inkosi eyayibukeka inamandla kakhulu kwabe kuyinkosi uDingiswayo okuyiyona eyapheka iLembe. Okwathi ngemuva kokukhothama kwayo ibulawa yinkosi uZwide kwasala kukhonya yona inkosi uZwide. ISilo uShaka saqhubeka saqhubeka noMkhankaso waso wokwakha uZulu. Sahlasela sehlula amakhosi anamandla afana nenkosi uPhungashe kanye nenkosi uPhakathwayo. Inkosi uPhungashe yehlulwa yabalekela kumngane wayo inkosi uZwide , kanti naye uzofike ayibulale ayishumpule ikhanda layo alinike uNina uNtombazi ahlobise ngalo iQhugwana lakhe. Inkosi uPhakathwayo yona kuthiwa yathi ngenkathi yemukela umbiko wokwehlulwa kweMpi yayo yamelwa inhliziyo yakhothama eSigodlweni sayo. Ukukhothama kwamakhosi oPhungashe noPhakathwayo kwakusho ukuthi yayisele yayodwa inkosi eyabe isele imile endleleni yeLembe yokuba yiNgonyama yezizwe jikelele, leyo nkosi kwabe kuyinkosi uZwide ka Langa yabakwaNdwandwe . Nayo yagcina inqotshiwe inqotshwa yiLembe eMpini eyalwa izikhawu ezintathu. Isikhawu sokuqala saba laphaya eGqumeni kwaGqokli, esesibili saba ngaseMfuleni uMhlathuze . Esesithathu sona akucaci ngempela ukuthi saba kuphi nezwe , ngoba abanye oSomlando bathi saba sehlathini laseNkandla , kanti abanye bathi saba soPhongoolo. Maningi amakhosi ahlaselwa yiLembe esingabala kuwo inkosi uNdina ka Mnisi Mthembu , inkosi uNgoza ka Mkhubukeli Mthembu , inkosi uFaku yamaMpondo kanye namanye. Kanti amanye wona azilahla inyandana kuyona iNgonyama uShaka , azinikela , ukuze ahlale ngokuthula . Inkosi uShaka kuhlawumbiselwa ukuthi yayizalwe ngowe 1787 , yakhothama ngesandla sabofowabo aBantwana oDingane , uMhlangana baka Senzangakhona kanye noMntwana uMbopha ka Sithayi waseGazini. Ngemuva kokukhothama kwayo kwabusa iSilo saseMgungundlovu , iSilo uDingane , esesaxoxa ngaso kuyo le Nqolobane (website) . Ngokuzayo sizoxoxa ngokwakheka kwezihasho zeLembe , siphinde sixoxe nangomlando weSilo uMpande , iSilo sakwaNodwengu. ISilo uShaka sakha izigodlo uBulawayo , uDukuza kanye nezinye ******Yekani ukuntshontsha umsebenzi wami bakithi , bhalani nani , engani ninazo nani izandla.
Khumu!
Niphile nina abeNkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! #ISilo uShaka leso! Vakashela uYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” ufunde ngamakhambi eSintu.
Izibongo zeSilo uShaka
INyosi : uMxhamama kaSoshaya wakwaSibisi
UDlungwane kaNdaba*!
UDlungwane woMbelebele!
Odlung’eManxulumeni
Kwaze kwasa aManxuluma esebikelana
UMjokwane kaNdaba
USalakutshelwa uSalakunyenyezelwa
Usishaka kasishayeki
UNodumehlezi kaMenzi
ILembe eleq’amanye
Amalembe ngukukhalipha
Igawu bazakuliluma
Bazakuliphimisa
Bakhumbule amagawu abebesi
Uteku lwabafazi bakwaNomgabhi
Ababetekula behlez’emlovini
Beth’uShaka !
Akayikubusa , kayikuba ‘Nkosi
Kanti kuyinyakana
UShaka ezakunethezeka
UShaka ngiyesaba ukuthi nguShaka
UShaka kwakuyiNkosi yaseMashobeni
Umlilo wothathe kaMjokwane
Umlilo othathe ubuhangunguhangu
Oshise izikhova eziseDlebe
Kwaze kwasha neziseMabedlana
Inkom’ekhal’eMthonjaneni
Izizwe zonke ziyizwile ukulila
Iziwe nguDunjwa waseLuyengweni
Yeziwa nguMangcengeza wakwaKhayi
Yaye yezizwa ngamaNtungwa akwaSokhumalo
Intethe egolwe ngazinti zamkhonto
kwaMalandela
Yathi ukusuka yajubalala
Ungezwa bethi valela njalo Solunjalose
Kanti kabasho kuwe
Wena kaNdaba!
Basho unyoko uMbulazi
Yena ovalele iNgonyama endlini
Odabule kuNdima noMgovu
Abafazi abanendeni baphuluza
Imikhubulo bayishiya izinqindi
Imbewu yasala emanxiweni
Odabule kuBhuzane phezulu
Wakhethelwa udwedwe lwamaza
Wadlula kuMcombo zigoduka
Wabuz’indlela kuDunjwa
Kanti ngabe uyibuze uBhuzane
Owandulele ukuya kwaNomagaga
Lafika iqhude lamvimbela
ILanga eliphume linsizwa
Lathi liphezulu lansasa
Ngoba lifuna ukothiwa
Yimizimbazimba
ILanga eliphandle elinye ngemisebe
Ngoba liphandle elaseMathandeni
Ozulu lizayo khwezani abantwana
Ngabadala bodwa abazozibalekela
UDunjwa yedwa limkhandanisile
Uye wakha amanxiwa oThukela
Lapho kucushwa isilo ngomwowane
Ohamba ebasa amakloba
Ophehlwe weva wanjengomlilo
Imamba edl’umuntu bathi iloyelwe
Okhangel’ezansi naMadungele
Izinkomo zawoSihayo zamlandela
Kwaze kwalandela nezawoMafangosi
Ebezisengwa yindiki yakwaMavela
Ungangencumbe yamabele engadliwa
Ungangembiza yamashongololo
Uphekwe ngembiza enkulu
Ebipheka aMakhosi akwaNtombazi
Kavuthwa uShaka kaqedwa
Wayilanda inkomonye
Ilandwa kuMakhendama
Ekhaya konina
Izulu elidume emva komuzi eKuqobekeni
Laduma lazithatha izihlangu zaMaphela
Wamudla uNomhlanjama ezalwanguZwide
Wamudla uNqabeni ezalwa nguZwide
Wamudla uMphepha ezalwa nguZwide
Wamudla uDayingubo ezalwa nguZwide
Wamudla uNombengula ezalwa nguZwide
Wamudla uMpondophumelakwezinde
eMapheleni
Wamudla uMtimona ezalwa nguGaqa
eMapheleni
Wamudla uMdandazi ezalwa nguGaqa
Wamudla uMakhwela ezalwa nguGaqa
Wamudla uNozigaba kaTatho
Wamudla uNkayishana eCwecweni
Ondande ngokhalo, wabuya ngokhalo
Waya ngoBhoyiya kwaMdakuda
Wandanda ngokhalo olude
Wadabula emathanjeni abantabakaThayi
Ababegodola beya kuMacingwane
eNgonyameni
INdlovu ethimuka babeyixokozelela
abasElangeni
Ibuyise inhloko yadla amadoda
USilwane helele!
Emizini yabantu
USilwane ubengelutho
Ubeyinduna kwaDibandlela
OZihlandlo kaGcwabe ngibasolile
Abasokoco !
INkosi kabayitshelenga izibuko
Bayiweze ngelisaconsa amathe
Ebelisasuka kuphela
UNtube wakwaMajola
Amanzi omthombo wakwaNonamba
Engiphuze kuwo ngaze ngagangatheka
Ngaphos’ukudliwa zimamba
UMlunguzi wezingoje
Izingoje zilunguzelane
INyathi esihamba isengama amazibuko
INyathi ejame ngomkhonto phezu
koMzibvubu
AMampondo ayesaba nokuyehlela
Nani boGambushe
Nani boFaku
Ningamhlami okaNdaba
Ukuba nimhlabile
Kobe senehlabe uPhunga
Nahlaba uMageba
Wahlangana nodwendwe lwamankankane
Mhla eyokudla aMampondo iziphukuphuku
INtaba emahwanqa kaMjokwana
Ebingadli mihlambi yankomo
Ebidla imihlambi yezinyamazane
Obesixhokolo singamatshe aseNkandla
Abekade ephephela izindlovu ukuba liphendula
ULusiba gojela ngale kweNkandla
Lugojela nje ludla amadoda
INdlondlo yakithi kwaNobamba
INdlondlo ehamba ibanga amacala
UNdaba ocaba ngomkhonto
Amanye amakhosi ecaba ngamazembe
Ubhiyoze kuNomangci phezulu
Eyakunqamula umbango wakwaNyuswa
Kwakungabangwa lutho kwaNyuswa
kwakubangwa izinhlakuva emanxiweni
Bethi nkete nkete
Lindani amajuba
Umxoshi womuntu amxoshele futhi
Nanku lapha ngimthanda khona
Ngimthanda exosha uZwide ezalwa nguLanga
Emthabatha lapho liphuma ngakhona
Emsingisa lapho lishona ngakhona
UZwide wampheq’amahlonjan’omabili
Ukuma kwakhe
Umuntu omdala
Ukwethuka okusha
Buya Mgengi !
Indaba usuyizwile
UZwide umphendule isigcwegcwele
Namuhla futhi usamphendula ndodana
Izindaba ngazizwa ngesalukazi
Sona singumasala emanxiweni
Izindaba ngazizwa ngexhegu
Lona lingumasala emzileni
UMaswezisela omnyama
Wakithi kwaBulawayo
Oswezisele uZwide ngamagqanqula
USishaya ndlondlo kaMjokwana
Ubusika nehlobo bahlukene
ObakwaNtombazi nobakwaLanga
INkonyane ekhwele phezu kwendlu
kwaNtombazi
Bathi iyahlola
Kanti yibona abahlolayo
Uthi lwempundu oluhlala izikhova
Oluhlal’uPhungashe wakwaButhelezi
Ubhincakade waze wafunyaniswa
Ovunulel’ezimfundeni zamanzi
Izinto zakho zamuka namanzi
Mgengi pheza izitha kusehlobo
Utshani bude buzokugibanisa
UKlebe engimbone ukwehla
kwezikaMangcengeza
Kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala
Kwakungasakhali nkomo kwaNtombazi
Inkomo yayisikhala kithi kwaBulawayo
UGasane kade lubagasela
Lugasele uPhungashe wakwaButhelezi
Lwagasela uSondaba woMthanda
Ehlezi ebandla
Lwagasela uMacingwane eNgonyameni
Lwagasela uNxaba kaMbekane
Lwagasela uGambushe eMampondweni
Lwagasela uFaku eMampondweni
UDlondlwane luya luhlezi
Luya ludlondlobele
Luyadla lubeke isihlangu emadolweni
Isidlukula dlwedlwe
Uhlanya olusemehlweni amadoda
Unkomo zabantu inkelenkele
Zikhungele izingobe emashobeni
UMasukwana kus’onjengeNgonyama
UMasuku ubehamba kwaMadilika
Uhlumayo lumananga ,uDlungwane
Uhlumayo lumananga lunkone
UMananga ubengelutho
UMananga ubeyinduna kwaJiyampondo
Siphuphuma simadel’imiyalo
Obhoboze isikhala emaNcubeni
Weza noMvakeli ezalwa nguDlaba
Weza noMaqobho ezalwa nguDlaba
Weza noKhwababa ezalwa nguDlaba
UMsingi wazansi wosinga nasenhla
Woze usinge lapho kushona khona ilanga
Ovuso eladla umntana osesiswini
UMavuso ubeyinduna kwaNomgabi
Odle imihlambi kungeyabahwebi
UNgelengele kalingani nantaba
Wena omkhulu kakhulu
ONgangezwe lakhe
UngangoMpehlela noMaqhawakazi
Ongangesihlahla esisokhalweni kuMaqhwakazi
Esasihlala amaNdwandwe namaNxumalo
UQangabhodiya wawoMkabayi
Ungisize Maphitha ninoNgqengelele
Umnike nkonye afunde ukukleza
Umnike ukhande lokuzimbela
Osifu sinenqaba
UBayethe kaNdaba
UNdaba ngiyameba, ngimuka naye
Ngimbuka kwehla nezinyembezi
Kuba sengathi ngubuka isihlahla soMdlebe
IGwija likaMdlaka ligwegwe
Lijiyiza abasini bengoma
UNdaba ulududu emanxulumeni
UDlungwane ongenamthekeleli
UShaka ufumanise izilwane zimbili
Zihlangene phakathi kweNsuze noThukela
Izilwane kunguThondolozi noSihayo
Wafika waphonsa ihawu zahlukana
Ogcagce emagcekeni koPhuthile
Wadla uMsikazi koNdimoshe
Wadla umfazi mka Sukuzwayo
Wadla uSukuzwayo nendodana
UHlabuhlungu bazoshumayezana
Nabasezitheni nabasemakhaya
Uhlaza lwangayinyongo yenyamazane
UVemvane lukaPhunga noMageba
Olumabala azizinge sengathi abekiwe
UMzizima ongamathunzi ezintaba
Khona kuhlwa kuhamba abathakathi
Ubhidi elimathetha nangazinyembezi
INgqayingqayi kaPhunga noMageba
Engiyibuke ngaze ngayejwayela
UMasengo mahla inkonyane yenkomo
Kwangixaka ukukhaba kwale nkomo
Yakhaba osengayo yadela ummbambi
Umoya womzansi womngenela
Ohleze ubangenela nangomnyango
Oth’esadla ezinye wadlezinye !
Wath’esadl’ezinye wadlezinye !
Oth’esadl’ezinye wadlezinye !
Wath’esadl’ezinye wadlezinye !
Bayethe ! Hlanga lwamakhosi !
IBinda Nkosi