Endlini encane yakwaMaphumulo ilapho kuphuma khona abantu bakwaMseleku. Ukuze babe ngabantu bakwaMseleku yingoba kwathi kuhlasele impi bonke abantu bebaleka bona banele bafika osebeni lolwandle base bayakhohlwa ukuthi kuyabalekwa balibala ukuzidlela lokhu okwakubizwa ngokuthi ngamaseleku[okungamasenene ngolimi lwamathonga]
Abantu bakwaMseleku babuye bahlukana phakathi kwaba khona abazibiza ngokuthi ngabakwaDuma abanye bazibiza ngokuthi ngabakwasShinga. Okwamangaza kakhulu ukubona abakwa Duma bona bebambelele kakhulu kwabakwaMaphumulo, kunabakwaShinga. AbakwaDuma baqoqana laphaya ngaseMzinto endaweni okuthiwa manje kukwaDumisa ngenxa yomnumzane wakwaDuma owayeyibizwa ngokuthi nguDumisa. Kulaba bantu bakwaDumisa kuphuma abantu bakwaGininda,Bongwa kanye nabakwaNdokweni..
AbakwaShinga :
Abantu bakwaShinga ababuye baba ngabantu bakwaNdelu[babizwa ngegama likaNdelu indodana kaMangcuku] behlukana nabakwaMaphumulo ngesikhathi bonke abantu beshakaziswa izimpi zakwaZulu. Bona kabalingisanga abantu bakubo eMaselekwini oDuma, baqhubeka nokuxhumana ngobuhlobo nabakwaMaphumulo, bona baba yisizwe esizimele geqe. Kwathi abakwaShinga bezihlalele eLovu lapho base bakhe khona , kwafika impi kaShaka ivakashele amaMpondo, wedlula kubantu bakwaNdelu wabakhumbuza ukuthi ukhona kulo lonke izwe, akukho lapho enganakufika khona. Ngaleso sikhathi abantu bakwaShinga babephethwe nguNovanywa kanye noNdelu .
Kulolo hlaselo wafa uNovanywa kwasala uNdelu wafuduka naye nabantu bakhe baze bayokwakha eMthwalume. Kulaba bantu bakwaShinga kwakukhona indoda egama layo kwakunguMvuzi eyayakhe eMvoti amabili . La madodana kwakungoGcwensa kanye noMzilini abaveza ezinye izibongo ezincane , njengesakwaGcwensa nje
Izithakazelo zakwa-Mseleku
Duma,
Lwandle, Ntenga,
Mthombeni!
Ukwelamana kwabantu bakwaMseleku :
UZiyeka wazala uMagadlela
UMagadela wazala uJele owazala uMangcuku
UMangcuku wazala uNovanywa kanye noNdelu
UNdelu wazala uSontshukwana owazala uSicaba kanye noMzingelwa
UMzingelwa wazala uMvuthuluka