Mseleku

Endlini encane yakwaMaphumulo ilapho kuphuma khona abantu bakwaMseleku. Ukuze babe ngabantu bakwaMseleku yingoba kwathi kuhlasele impi bonke abantu bebaleka bona banele bafika osebeni lolwandle base bayakhohlwa ukuthi kuyabalekwa balibala ukuzidlela lokhu okwakubizwa ngokuthi ngamaseleku[okungamasenene ngolimi lwamathonga]

Abantu bakwaMseleku  babuye bahlukana phakathi kwaba khona abazibiza ngokuthi ngabakwaDuma abanye bazibiza ngokuthi ngabakwasShinga. Okwamangaza kakhulu ukubona abakwa Duma bona bebambelele kakhulu kwabakwaMaphumulo, kunabakwaShinga. AbakwaDuma baqoqana laphaya ngaseMzinto endaweni okuthiwa manje kukwaDumisa ngenxa yomnumzane wakwaDuma owayeyibizwa ngokuthi nguDumisa. Kulaba bantu bakwaDumisa kuphuma abantu bakwaGininda,Bongwa kanye nabakwaNdokweni..

AbakwaShinga :

Abantu bakwaShinga ababuye baba ngabantu bakwaNdelu[babizwa ngegama likaNdelu indodana kaMangcuku] behlukana nabakwaMaphumulo ngesikhathi bonke abantu beshakaziswa izimpi zakwaZulu. Bona kabalingisanga abantu bakubo eMaselekwini oDuma, baqhubeka nokuxhumana ngobuhlobo nabakwaMaphumulo, bona baba yisizwe esizimele geqe. Kwathi abakwaShinga bezihlalele eLovu  lapho base bakhe khona , kwafika impi kaShaka ivakashele amaMpondo, wedlula kubantu bakwaNdelu  wabakhumbuza ukuthi ukhona kulo lonke izwe, akukho lapho enganakufika khona. Ngaleso sikhathi abantu bakwaShinga babephethwe nguNovanywa kanye noNdelu .

Kulolo hlaselo wafa uNovanywa kwasala uNdelu wafuduka naye nabantu bakhe baze bayokwakha eMthwalume. Kulaba bantu bakwaShinga kwakukhona indoda egama layo kwakunguMvuzi eyayakhe eMvoti amabili . La madodana kwakungoGcwensa kanye noMzilini abaveza ezinye izibongo ezincane , njengesakwaGcwensa nje

Izithakazelo zakwa-Mseleku

Duma,
Lwandle, Ntenga,
Mthombeni!

Ukwelamana kwabantu bakwaMseleku :

UZiyeka wazala uMagadlela

UMagadela wazala uJele owazala uMangcuku

UMangcuku wazala uNovanywa kanye noNdelu

UNdelu  wazala uSontshukwana owazala uSicaba kanye noMzingelwa

UMzingelwa wazala uMvuthuluka

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo