Mgwaba

Izithakazelo zakwaMgwaba.

>>>.

Mbhense!

Mgwaba!

Bhensela,

Sindane,

Sibind’ esimnyama nenyongo yaso.

Wena kaMpiko,

Ntombi kazendi, zenda ngonyezi

Ngoba ngomnyama zesaba ukuqhuzuka

Nyath’ emnyama kaSobhalabhala

Nin’ abahle njengomkhono wendlovu

Nina bakwaZulu

Mhoboyi kaMpiko.

>>>>>>>>>

Umlando wakwaMgwaba:

Indodana kaMbhense ogama layo kwakuwuMgwaba kwakuyiqhawe nensizwa enogazi emndenini wakubo. Kwahamba kwaze kwathiwa abantu ababengaphansi kwakhe babizwa ngaye kwaba abakwaMgwaba. Lokhu okuveza insila nohlanga labo ukuthi badabuka kwaMbhense. Baziwa ngokuthi bona bangamaNtungwa-Nguni. UMgwaba wabe ezalwa nguMpiko wakwaMbhense. Igama lakhe aliqanjwa nguyise, nguSibindi (uMgwaba). Wayenomfowabo uMhoboyi. Lapha amadodana kaMpiko ayezwana kakhulu. USibindi wayeyiqhawe futhi enesibindi efuze lona igama lakhe. Wazakhela ugazi eSilweni uCetshwayo ngenkathi ephumelela ukulanda izinkomo eNyakatho kwelamaThonga. Lezo zinkomo zabe zithathwe yiwona amaThonga. USibindi kaMpiko wazilanda yedwa lezo zinkomo. Kuthe angabuya nazo iSilo uCetshwayo sabe sesimnikela indawo eShowe kwehle njalo kubheke eMthunzini ukuze ayibuyise.

EMthunzini uSibindi wafika kukhona isizwe saseManzimeleni esasizinze khona, wafike wasihlasela khona kunjalo. Phela inhloso yakhe kwakungukusisusa kuleyandawo ukuze azibusele ngokukhululeka. AbaseManzimeleni bekubona lokho kuhlasela kukaSibindi, bathi uyagwaba, ugwaba impi. Baqhubeka bathi ugombela noma ugwabela kwesakhe uSibindi. Ukusuka lapho wabe eseba nguMgwaba. Abantu bakhe bonke nabafowabo basebeba ngabakwaMgwaba. USibindi uMhoboyi baqhubeka nokuthembeka eSilweni uCetshwayo. UMhoboyi ngakho lokho kuthembeka wagcina esehlala oNdini esiGodlweni sesilo. Abantu bakwaMgwaba batholakala eShowe kanti abanye baseNkandla, enyakatho neKwaZulu Natal. Indlu yobukhosi bakwaMbhense iyatholakala kulendawo eyaqanjwa amabhunu ngokuthi ise Uitval.

Indlela indlu elamana ngayo:

UMbhense wazala uMpiko, uMpiko yena wazala uSibindi esimbiza ngoMgwaba wase ezala noMhoboyi. Indlu yobukhosi ese Uitval:

UMagiba wazala uNgodweni, yena wase ezala uNguqu yena owazala iNkosi uFana okunguyena njengamanje obusayo.

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo