Jali

Izithakazelo zakwaJali 




>>>>>>>>>>>>>




Bhengu
Shongololo wathi uyilithinta lahwaqabala
Ngabe siyakudla sesaba imilenzelenze

Ngwane abayibnone ngesondo ukuthi iwelile

Wena kaLamula

Bhengu


Ngcolosi

Dlabazane

Sijongo

Ngwane

Lukhungu

Ziphongo

Nhlamkhono

Wena owaphuma etsheni likaNtunjambili elingavulangwa abantu,

Itshe elavulwa izinkonjane ezindizela kude phezulu emkhathini.

Nondlwane.

Shongololo ngiyesaba ukulibamba,

Ngisaba izinyawo zalo ezimakhulukhulu.

Wena owaphuma etsheni likaNtunjambili elingavulangwa abantu,

Itshe elavulwa izinkonjane ezindizela kude phezulu emkhathini.

…………………..

Umlando wabantu bakwaJali

Isibongo sakwaBhengu, esinye sezibongo ezadlondlobala ngezikhathi kusabusa iSilo uDingane. Yingakho ke nabantu bakwaJali kungesinye sezibongo noma esiphuma kubantu bakwaBhengu. BangaMaLala noma ngithi AMahlenga Nguni ngokwezizigaba zabeNguni

Kwathi ngesikhathi abantu bakwaBhengu behlaselwa iSilo uDingane kwabulawa inkosi uNkungu kaMmepho bayiphonsa emfuleni uThukela, sithola ukuthi kunengxenye yabantu bakhona kwaBhengu eyadundubala intaba uMbombo engaseNtunjambili phezu koThukela.

Kunamhlanje kalaziwa ithambo lenkosi uNkungu. Laba bantu babaleka noMahlathi kaMmepho kaNgwane kaLamula kaNgwabini kaBhengu kaDlabazane kaLusibalukhulu kaShongoloo—owazala uMshoshi bayokhwela intaba leyo bedangele, okwakwenza izinhliziyo zabo zibe semuva becabanga ngabafowabo ababebashiye eMandlalathi phezu koThukela. Ngenxa yokuthi baya kuleya ndawo bejahile, kwabe sekuthiwa bakwaJali. Kwabe sekuba ukuvela kwaso isibongo sabo oJali. Ngamanye amazwi laba bantu bakwaJali baphuma kuMahlathi kaMmepho wakwaBhengu. UMshoshi kaMahlathi yena wazala uMthabathe onguDambuza uzalo lwakhe luseMsinga eMaChunwini, eMuden, eMnambithi naseMahlabathii kwesikaZungu.

Abantu bakwaJali babaleke njalo ke ngoba sebehlaselwe yiSilo uDingane ngoba phela sasihlasela zonke izizwe noma labo ababengabangani beSilo uShaka. Babaleka behlisa izwe lakwaZulu beya eningizimu. Ngesikhathi behamba belibhekise eningizimu, babehambisana nabantu basemaXesibeni baze bayofika eMzimkhulu. Bafika lapho bazitholela udedangendlale wezwe, bakha ngokukhululeka. Namanje bakhona laphaya kwaNokweja, eHighflats okulapho izwe labo laziwa ngokuthi kukwaJali, Ogwini. Ngesikhathi beseMzimkhulu, kunabanye abantu bakhona kwaJali ababeholwa nguZongo kaThala engumfowabo wenkosi uMyeki, bona bedlulela emaMpondweni, eMpumalanga Koloni (Eastern Cape). Nakhona emaMpondweni bafike bazitholela indawo bakha baba yisizwe esinobukhosi. Abanye babe sebeyozinza eMatatiele naseKokstad.

Lendlu elaphaya emaMpondweni yobukhosi eyaziwa ngokuthi ngeyaseSisileni, namanje bakhona laphaya futhi basenabo ubukhosi bakhona. Okungukuthi zimbili izindlu zobukhosi kwaJali. Ezinye izibongo abaphume naso kwaBhengu ngesakwaKhanyeza, kwaMadlala nezinye.

>>>>>>>>>

Ukuzalana kwamakhosi akhona

UNkungu wazala uJali yena owazala uNomachide, bese uNomachide wazala uThala owazala uMyeki Kanye noZongo.

Indlu yakwaNokweja, eHighflats

UMyeki wazala uLusungulu yena wazala uMphikwa owazala uHhafuleni yena wazala uBawo owazala inkosi uBhota. Kodwa ke njengamanje kusabambe undlunkulu uCN Jali.

Indlu yaseSisileni

UZongo wazala uMaquthu inkosana, uMjadu, uSongwezi, uNciya, uQiqiso, uMajojisa.

UMaquthu wazala uMaqwelana inkosana, uMjeyi, UMqwebedi, uMcetshwa, uGodlwana, uBheya, uJeremiya, uDavid, uTshelinzima.

UMaqwelana yena wazala uPata owazala uSiqedi inkosana, uSayini, uMdlakodla, uGoba, uSigogwana noNdabezima.

USiqedi yena wazala uShisilizwe owazala inkosi uGobindlovu, uThembisile yena wazala uZakhele inkosana kanye noSeluleko.

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo