Nene

Izithakazelo zakwaNene





>>>>>>





Nene!
Sithenjwa!
Vezi!

Mngadi kaNgema
Madlokovu
Owadlokovula imifula, bethi imifula yenile!
Igcwele izingwenya nezingonyama,
Madlokovu eseMphungandlu eMthonjaneni!
Madlokovu sabela uyabizwa eNkonjeni.
Sithuli saseNgweni esingasho lutho kumuntu
Nqoyi, Mngadi !

>>>>>>>>>

Umlando

Kubantu bakwaMngadi kuphuma izibongo eziningana lapho kukhona abakwaNgema nabakwaNene. Imvelaphi yabo yaziwa ngokuthi bangamaNtungwa–Nguni. Bahlobene kakhulu nakwaZulu nakwaQwabe futhi. Umlando uthi uMalandela wahamba nabantu bakhe baze bayofika eMfule, eNyakatho yalapho manje kunedolobha laseMelmoth. Lapho bazithela phezu kwezitshalo ezabe zitshalwe ngabantu bakwaXulu abanikazi bendawo leyo, kwenyuke kubheka eMthonjaneni, kwehle kuthathe lonke leli osekungelakwaBiyela namuhla, eningizimu-mpumalanga yaKwaZulu-Natal. Lapha ke ngenxa yendlala uMalandela nabantu bakhe bazikholisa ngalezi zitshalo zabantu bakwaXulu. Eduze kwalengadi okwakunezitshalo zakwaXulu khona, kwakugeleza umfula owaziwa ngeMfule. Sebeyasuka ke laba bakwaMalandela bawela iMfule bawelele ngaphesheya ukuze baqhubeke nohambo lwabo. Baqaphela ukuthi usuqalile ukungenisa lokho okwakungaba yingozi enkulu uma uke waqala ukudla izinkwala. Bamemeza laba ababesele ngemuva ababesasensimini besazitika. Ukumemeza kwabo nokubaxwayisa kwabo ngomfula ongenisayo bangakuqgiza qakala waze wagcwala umfula. Kulaba abasala ensimini kwakukhona uNgema kaNtusi, kaMafu, okunguyena owagcina ngokuba umholi wabo.

UMalandela nalabo ayesewele nabo base becikeka bebaduba laba abasala ngale kweMfule ngenxa yalokho ke labo abasala noNgema base bebizwa ngokuthi abakwaMngadi. Basala laphaya phesheya kweMfule ezweni labantu bakwaXulu base bakha amadlangala abo. Njengabantu bakwaQwabe, nabo bazithakazela ngoGumede owabe enguyise kaNguni onguyise kaLuzumane ozala uMalandela, abathola isibongo sakwaMngadi. Laba bantu sebeholwa nguMadlokovu, bahlaselwa nguBhebhe insizwa yakwaMhlongo. Lokhu ke kwadala nasezithakazelweni zakwaMhlongo kuthiwe “ Bhebhe owabhe…. uMadlokovu etsheni.” Lokhu phela kuyinsambatheka nechilo ukuthi abakwaMadlokovu bahlulwa abakwaMhlongo empini. UMadlokovu wagwazwa uMhlongo wamgwazela phezu kwetshe wambulala. Kwase kuqhamuka amaqhawe adumile naziwayo aqhamuka khona lapho emaNgadini afana neqhawe uSigcwelegcwele kaMhlekehleke kaMadlokovu.

USigwelegcwele lona kwakuyinduna yebutho leSilo uCetshwayo elabe laziwa ngokuthi yiNgobamakhosi. Lezi kwakuyizinsizwa ezazinenkani edlulele kwazise zazingakaze ziyilwe impi. Lokhu kwakudalwa ukuthi kwakuyibutho elabe linezinsizwa ezazisencane, ezabuthwa yiSilo sisanda kungena esikhundleni sokuba yinkosi yesizwe. Kuwona lowomnyama kwase kuzwakala kuthiwa kuzoba nomkhosi wokweshwama komkhulu ngowe 1876, uSigcwelegcwele weNgobamakhosi wase exabana noMntwana uHhamu kaMpande owabe eyinduna yebutho amaMboza (uYhulwane). Lokho kuxabana kwabo kwagcina benqumelene ngokusongelana ukuthi bayotholana ngoMkhosi wokweshwama. Kwathi lapho amabutho esebuthelene oNdini esibayeni egcwele kunyathelwa indlovu, kwasuka lokho yaqala ukubambana ngezihluthu phakathi kwamaMboza neNgobamakhosi. Ngenxa yaleyompi, eyadala ukuthi kuchitheke igazi eliningi emzini weSilo, uSigcwelegcwele wase ebalekela icala elalizomenza ahlawuliswe wabaleka waze wayocasha ehlathini lasoNgoye. UMntwana uHhamu yena wayethi makabulawe kodwa iSilo sanqaba ngoba sazi ukuthi yiqhawe laso leli. USigcwelegcwele wagcina esetholwe yinsizwa yomlungu uJantoni (John Dunn) lowo okwakuthiwe kuye makabuse izwe eliphakathi koThukela noMhlathuze. Ukusoma umkhuba owaqalwa nguSigcwelegcwele ewenza kodade wabo kwagcina sekuwumkhuba wesizwe samaNguni.

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo