Umlando ngenkosi uMnyamana ka Ngqengelele Buthelezi.
Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo
Inkosi uMnyamana ka Ngqengelele Buthelezi yabe inguNdunankulu kaZulu ngesikhathi sokubusa kweSilo uCetshwayo, yayibuye ibuse nesizwe samaShenge eMahlabathini. Yayizalwa yinkosi uNgqengelele ka Mvulana eyabe ingesinye sezikhulu ezinkulu zeSilo uShaka. Inkosi uNgqengelele yayakhe umuzi wayo ngaseNsukazi , owawubizwa ngokuthi kukwaNomahhina. Kusuke kushiwo wona lowo muzi ezibongweni zayo uma kuthiwa “uMqengqe wakithi kwaNomahhina, ongekufa ngamadliso uyokufa ngamaloyiso” . Umqengqe yisitsha sokhuni esingashonile kakhulu ,esivamise ukudlela izingane ,zidla ziningi ngokuhlanganyela. Inkosi uMnyamana yabuthwa yiSilo uDingane siyibuthela ebuthweni lo Mkhulutshane okwakukhona kulo uZikhali ka Matiwane (owazala amaNgwane akwaZikhali atholakala kwaMbila ,eButhonga) , inkosi uSigananda ka Zokufa Shezi, uNdunankulu weSilo uMpande uMasiphula ka Mamba Ntshangase kanye nabanye. Ngesikhathi sokubusa kweSilo uMpande inkosi uMnyamana yakhushulwa yaba yisekela likaNdunankulu weSilo uMpande uMasiphula Ntshangase. Ngaso isikhathi sokubusa kweNgonyama uMpande inkosi uMnyamana yayiphethe iSibaya esikhulu sebutho loThulwana ,okuyibutho elabuthwa yiSilo uMpande, elalibuye libizwe ngaMamboza. Iningi laBantwana beSilo uMpande babebuthelwe kuwo aMamboza, kubandakanya neSilo uCetshwayo. Owayephethe iSibaya esincane saMamboza nguQethuka ka Manqondo Magwaza owazala omunye woNdlunkulu beSilo uCetshwayo uZihlazile ka Qethuka owazala uMntwana uManzolwandle. Ngo1856 mhlaka 2 Zibandlela (December)ngenkathi kulwa impi yaseNdondakusuka inkosi uMnyamana yagqisha noSuthu lo Mntwana uCetshwayo. Impi yaseNdondakusuka yabe iphakathi kwaBantwana beSilo uMpande oCetshwayo noMbuyazwe. Abalandeli boMntwana uCetshwayo babezibiza ngokuthi bawuSuthu, aboMntwana uMbuyazwe bona babezibiza ngokuthi bayiZigqoza . Zagoba uphondo iZigqoza kulempi. Kwathi ngesikhathi sokubusa kweSilo uCetshwayo iSilo uCetshwayo saqoka inkosi uMnyamana njengoNdunankulu waso. Kuthiwa iSilo uCetshwayo sasiyihlonipha kakhulu inkosi uMnyamana , siyibiza ngoyise ,kwazise yayindala kuso ngeminyaka. UNdunankulu uMnyamana wakha umuzi wakhe waseKushumayeleni ngase ntshonalanga yomfula iSikhwebezi. Yiwona lowo muzi okubongwa ngawo uNdunankulu uMnyamana uma kuthiwa ” INkayishan’encane yaseKushamayeleni, uMshikasha ongandlovu zisel’emachibini”. Libuye livele futhi uma kuthiwa ” UZwanda lwakithi eKushumayeleni, bebeluxokozelela abakith’eKubhazeni” . Kwathi mhla zimbili kuZibandlela wango1878 ingakabheduki impi yaseSandlwana uNdunankulu uMnyamana wahola ithimba lezikhulu zeSilo uCetshwayo elaphikelela eSihlahleni soMnqamulajuqu ( Ultimatum Tree) ngaphansi kwebhuloho loThukela , ngasesandleni sokudla uma usuka eThekwini. ESihlahleni soMnqamulajuqu uNdunankulu uMnyamana nethimba lakhe babeyohlangana noMbusi wamaNgisi eNingizimu Afrika uSir Bartle Frere owayezonqumela iSilo uCetshwayo igwayi katiki egameni lamaNgisi . UFrere wayephethe umqulu ayezowufundela uNdunankulu uMnyamana nethimba lakhe, bese uNdunankulu uMnyamana edlulisela umlayezo eSilweni uCetshwayo oNdini. Kulowo mqulu uFrere wayethi iSilo uCetshwayo kudingeka sinxaphezele amaNgisi ayenamapulazi kwaZulu uma kuwukuthi lawo maNgisi akhetha ukuwashiya amapulazi, kanti uma ekhetha ukuhlala iSilo uCetshwayo kwakudingeka ukuthi siwavikele. Okunye okwakuqukethwe yilowo mqulu wudaba lwamadodana enkosi uSihayo Ngobese oMehlokazulu nabawakhe. UFrere wayethi iSilo uCetshwayo kudingeka siwalethe kumaNgisi aseNatali zingakapheli izinsuku ezingamashumi amabili. Konke okwakuqukethwe umqulu kaFrere iSilo uCetshwayo sakuchitha, lokho kwaholela ekutheni kuliwe eSandlwana mhlaka 22 Masingana(January) lapho uZulu adla khona umhlanganiso. Kusukela ngo1881 kuya ku1883 uNdunankulu uMnyamana wabamba elikhulu iqhaza ekulweleni ukubuyiswa kweSilo uCetshwayo ekudingisweni eSiqhingini sase St. Helena . UNdunankulu uMnyamana waba yingxenye lethimba elazabazela ukubuyiswa kweSilo uCetshwayo ekudingisweni, lelo thimba laliholwa nguMntwana uNdabuko ka Mpande. Imiphumela yalowo mzabalazo kwaba wukuthi iSilo uCetshwayo sisuke eOude Moulen eKapa siyobonana neNdlovukazi yamaNgisi uKhwini Vitholi eNgilandi ngoNcwaba(August) ka 1882 . Kwathi ngo1883 mhlaka 29 Masingana iSilo uCetshwayo satheleka kwaZulu , sahlangatshezwa nguNdunankulu uMnyamana Buthelezi eMthonjaneni egameni lamaZulu wonke. Kuningi kakhulu okuhle uNdunankulu uMnyamana akwenzela uZulu. Wakhothama ngo1882 eseluphele kakhulu. Abantu bakwaButhelezi basuke behlonipha inkosi uMnyamana uma bebiza umbala omnyama ngokuthi “umpisholo”.
Imithombo yolwazi
Izibongo zamakhosi akwaZulu uMqulu 1(Incwadi eyalotshwa nguSolwazi J Maphalala)
Ziphuma eguleni'( Incwadi eyalotshwa nguSenzo Mbatha)
Ngiyabonga ngalomlando kaNdunankulu uMnyamane ka Nqengelele. Kodwa ngingakuthokozela ukwazi okuningi ngaye, njengoba kuvela ngenhla ukuthi kuningi okuhle akwenzela uZulu.
Siyabonge ngomlando kamnyamana kusho khona ukuthi inkosi mangosuthu ibambe ezinyathelweni zikamnyamane