Umlando ngenkosii yaBathethwa inkosi uDingiswayo ka Jobe

Umlando ngenkosi uDingiswayo ka Jobe Mthethwa

Kuloba ***INtungwa lasenhla kwaSokhumalo***

Inkosi uDingiswayo ka Jobe yaBathethwa ingenye yamakhosi ayenamandla futhi ihlonishwa kakhulu ngesikhathi seMfecane( izimpi ezadlanga kakhulu ngeminyaka yama 1800). Uyise kwakuyinkosi uJobe ka Khayi , nayo yabe ihlonishwa kakhulu ngesikhathi sayo. Unina kwakunguMabhamba indodakazi ka Nzimase ka Donda ka Shiya wakwaMbokazi. Igama lenkosi uDingiswayo eyalethiwa abazali bayo uGodondwana , leli elikaDingiswayo yalithola ngemuva kokudingiswa kwayo , ibalekela ulaka lukayise. Amanye amadodana enkosi uJobe kwakungoThana , uMawewe , uMondisa , uMyaka , uShangana , uMbikwana kanye nabanye. Inkosi uJobe yayinemizi emibili emikhulu, eBayungwini nasoYengweni. OYengweni kulapho kwakuhlala khona iningi lamadodana ayo, nenkosana yayo ogama layo linguThana nayo yayihlala khona. UThana wayelanywa uGodongwana, bobabili bezalwa uMaMbokazi. UThana wakhulela eKhokonina kwaMbokazi, waze wabuya kwaMthethwa esethombile . Inkosi uJobe yaphila isikhathi eside kangangokuthi amadodana ayo  aqala ukukhononda , ekhala ngokuthi uyise wayeseluphele , esengumdodovu wexhegu elidla inyama egayiwe . Kwathi ngolunye usuku asusa ingxoxo khona oYengweni, ebuzana ukuthi kanti uyise uyokhothama nini kubekwe enye inkosi. Owayehamba phambili kuleyo ngxoxo nguGodongwana. Amadodana enkosi uJobe axoxa lengxoxo nje kanti induna yasoYengweni uNodunga ka Makhanya Mthethwa iwalalele, izwa wonke amazwi akhulunywayo. Induna uNodunga ayizange ipolise maseko, yahamba yayobikela inkosi uJobe mayelana nengxoxo yezinsizwa zakhe. Yathukuthela yathelwa ngamanzi inkosi uJobe uma izwa ngengxoxo yamadodana ayo, yakhipha umyalelo owawuthi kubulawe wonke amadodana ayo ayehlala oYengweni  ,ikakhulukazi uGodongwana owawuyengungqeqe phambili engxoxweni.  Ngempela inkosi uJobe yawakhipha amabutho ayo aphikelela oYengweni . Sasisuka isidumo ilanga seliyoshona amabutho awangenela ngemikhonto amadodana enkosi uJobe, ashona wonke, nenkosana uThana nayo yashona,  ngaphandle kukaGodongwana owaphulukundlela wabaleka , kodwa wathi uma ethi weqa uthango amabutho amciba ngemikhonto wagwazeka ngaphansi kwezimbambo. Waqhubeka wabaleka nomkhonto usemzimbeni waze wayozithela enkosini uDlaba yaMachube . Kulapho akhunyulwa khona umkhonto , welashwa inxeba laze lapholela khona eMachubeni. Ukulimala kwakhe kwamtholisa izibongo ezithi ‘uyimpunzi evuke nomkhonto’ . Ziqhubeka zithi ‘umsindo olapha ngowani? Bahlaba indlovu yakoDelwase’. Selipholile inxeba waphikelela enkosini uBhungane yaMahlubi ngaphansi koNdi, wahlala eMahlutshini waze wezwa ukuthi uyise akasekho. Inkosi uJobe yashiya ibeke indodana yayo uMawewe njengenkosi yaBathethwa. Kodwa yasho ukuthi uGodongwana akazange afe ngenkathi kubulawa amadodana ayo oYengweni.Kwathi lapho isikhotheme inkosi uJobe kwagcotshwa uMawewe njengokusho kwayo ,kodwa wabusela ovalweni .UMawewe wayesengumfana owelusa amathole ngenkathi kubulawa abanewabo. UGodongwana wagcina ebuyelile kwelakubo, wafica sekubusa umnawakhe uMawewe. Wafika kwaMthethwa egibele ihhashi , ephethe nesibhamu  , sengathi lokho wayekuthole kumaPutukezi ngoba ayeseqalile ukubonakala kweleNgabade ngaleso sikhathi. Isizwe saBathethwa sakuthakasela kakhulu ukubuya kukaGodongwana ngoba  sasazi ukuthi nguyena owayefanelwe wubukhosi kwazise umfowabo uThana wayeseshonile. UMawewe yena wathi uma ezwa ngokubuya kukaGodongwana wabaleka wayobhaca eKhakonina kwaNxumalo, enkosini uMalusi . UGodongwana wathumela izithunywa ukuba ziyomlanda kwaNxumalo. Ngempela uMawewe walandwa kwaNxumalo okwathi ekufikeni kwakhe wabulawa. Kwaba ukulibusa kwakhe elakwaMthethwa uGodongwana, eselibusa senguDingiswayo kususelwa ekudingisweni kwakhe ebalekela ulaka kukayise. Isizwe saBathethwa sakhula futhi sahlonishwa kakhulu ngesikhathi senkosi uDingiswayo, yahlasela izizwe eziningi iningi lazo eyazifaka ngaphansi kombuso wayo. Yabutha amabutho esingabala kuwo iZichwe induna yazo okwakunguThayiza Mthethwa , iNingizimu induna yazo okwakunguMayanda ka Veyana waBakhwanazi, iNhlangano induna yayo okwakunguNgomane Mdletshe , ayemaningi impela amabutho enkosi uDingiswayo . Inkosi uDingiswayo yiyona eyakhulisa uMntwana uShaka , yambuthela ebuthweni leZichwe zesibili.IZichwe zokuqala zabulawa ngemuva kokuba zidle izinkomo zenkosi uDingiswayo. Kwabuye kwabuthwa ezinye iZichwe zesibili induna yazo okwaba uBuza Mthethwa. Inkosi uDingiswayo yakhothama ibulawa yinkosi uZwide ka Langa yaMandwandwe , ikhanda layo laba ngelinye lamakhanda amakhosi ahlobisa ilawu leNdlovukazi uNtombazi kwaDlovunga. Kwathi ngemuva kokukhothama kwenkosi uDingiswayo izikhulu zombuso waBathethwa zabeka uMondisa ka Jobe ,owayengumfowabo wenkosi uDingiswayo. Kodwa ezinye zezikhulu azikuthandanga ukubekwa kukaMondisa , zakhala ngokuthi kwakufanele abekwe njengeBamba , abambele enye yamadodana enkosi uDingiswayo kwazise yayinawo amadodana.  Kwathi ukuba uMondisa ahlale esikhundleni waqala ukubulala izikhulu ezaziphikisana nokubekwa kwakhe. Ngaleso sikhathi kwaZulu kwasekubusa iSilo uShaka , esathi uma sizwa ngokubulawa kwezikhulu zakwaMthethwa saphaka impi yayobulala uMondisa. Ngemuva kokubulawa kukaMondisa iSilo uShaka sabeka uMmbiya ka Shangana njengenkosi yesizwe ize wayeyiKhohlo

Imithombo yolwazi

-Umlando wamakhosi esifundazweni sakwaZulu uMqulu 1 (Incwadi eyalotshwa nguSolwazi J Maphalala)
-UPhoko (Incwadi eyalotshwa nguRS Khumalo)
-Izibongo zamakhosi (Incwadi eyalotshwa uS Nyembezi)

Thola umlando ngezibongo zaboHlanga kule nqolobane www.indabukoyakho.com

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo