Kuloba uZoza Shonge: Umlando ngeSilo uMdlokombane ISilo uBhejane phum’esiqiwini sazalwa ngomhlaka-27 kuNtulikazi ka-1948. Sizalwa yiSilo uBhekuzulu kaPhumzuzulu neNdlovukazi uThomo Jezangani kaThayiza Ndwandwe. Kuthiwa ngenkathi iNdlovukazi isasimumethe iSilo yayijuluka noma liguqubele, ... qhubeka ufunde »
Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! IBhaka lamanzi lakoNdikidi , lisibekele izinkomo zamaSwazi zanyamalala! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo!#ISilo uDingane leso! Â Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgadabe , ngethemba basaphila abeZulu el... qhubeka ufunde »
*Isitho -Incazelo Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe! UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi! Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! #ISilo uShaka leso! Enh... qhubeka ufunde »
Nina abakaMsimude owavela ngeSiluba phakathi kwamaNgisi namaQadase, uNowela muva wawoShaka! #ISilo uMpande leso . Le Nsizwa endala eniyibona esithombeni uMntwana uMthonga ka Mpande. Oka Ndaba wabuthelwa ebuthweni loMbonambi ebuthwa kanye noMnewabo uMntwana uNdabuko . UMntwana uNdabuko wayelamana neS... qhubeka ufunde »
Umlando ngoNongalaza ka Nondela Mnyandu Nina abeMamba eyath’ukuvuka yangen’ehlathini ,ihlathi lineMbube .Yamaphul’uBusubengwe ka Nongalaza.UNgalo zinjengezeNgonyama .IMbube eshoba liyisilikithi.ISilo uCetshwayo leso’. Lezi zihasho iSilo sasoNdini sazithola eMpini yaseNdondakusuka mhla zi... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaTsotetsi . Nina abakaHlamvana bhul’umlilo eNdulinde ububaswe nguMantshonga benoGqelebana! UThambekeka wena owaliwayo thambekeka wewuswe iNtambanana nangezinyembezi ! Enhla nasezansi angiyibingelele iNgabade kanye nabeSuthu phezulu eNtabazwe kungumhla weshumi nesithupha kuNh... qhubeka ufunde »
Nina abakaVezi ngimfumane bemzila ngafike ngamudla kanti ngizifaka iLoyi esiswini! UMbombosh’omnyama uMgabadeli owagabadela inkundla yakwaBulawayo! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo! Inkomo eyabuya yodwa kawaSoshangane ezinye ziyokufa uMdlebe! Enhla nasezansi ngiyayi... qhubeka ufunde »
Nina abaQangabhodiya wawoMkabayi uQabi kwezameva eNtendemuzi! UMenzi kabongwa ngabalandakazi ubebongwa ziNjenje zaseMqekwini! USingqila nganhloko zond’intamo! INakazi emnyama yakithi kwaNobamba , uSisanhloko kanti abanye bas’izinyawo! Enhla nasenzi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethe... qhubeka ufunde »
UMntwana uMkabayi wayezalwa yinkosi uJama ka Ndaba , inkosi uJama yiyona ezala inkosi uSenzangakhona uyise weLembe , iSilo uShaka. Lokho kusho ukuthi uMntwana uMkabayi wabe enguDadewabo wenkosi uSenzangakhona , kanti kuphinde kusho ukuthi wabe enguBabekazi weLembe. UMntwana uMkabayi wabe eyiw... qhubeka ufunde »