Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Mpanza

Abantu bakwaMpanza baphuma kwaMthethwa, bangamaLala Nguni njengoba sazi ukuthi abantu bakwaMthethwa bayiwona. Sithola ukuthi enye yamadodana kaKhayi yanquma ukushiya yalandela abanye abakubo okunga bakwaMasondo, abaya kwelaseBaqulusini eVryheid. Leyo ndodana yahamba nabanye ngoba kwabe sekudlala indlala futhi base bezwile ukuthi bayothekela bazobuya futhi. Njengoba wahamba eyokwenana (Mpanza) wabe esebizwa ngokuthi unguMpanza, nabantu ayehamba nabo kwabe sekuthiwa abakwaMpanza. Ukujula nokunotha kolimi lwebele lesiZulu, namagama anezincazelo ezifanayo, lokhu kuvela nangokuqhamuka kwezibongo. N... qhubeka ufunde »

Mtirara

Nina bakaNdaba ngiyameba ngimuke naye, ngimbuke kuze kwehle izinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla somdlebe! Enhla nasezansi ngiyabingelela egameni lomlando wakithi kwaMalandela. Namuhla sizobheka isibongo sakwaMtirara. Laba bantu bakwaMtirara bangaBathembu baseRhoda, bahlobene nabantu bakwaMve... qhubeka ufunde »

Shange

Abantu bakwaShange bangabaNtungwa aseMbo ngokwezigaba zabaNguni . U-Shange nokunguyena okwaqanjwa ngaye isizwe wayeyindodana encane yenkosi u-Sibiside Mkhize .Ziningi izibongo ezaphuma enkosini uSibiside , singabala esakwaNdamase , Nyawuza , Khonjwayo ,Chonco [Shayimamba] nezinye . Ngenkathi befika ... qhubeka ufunde »

Mncube

AbakwaMncube Ncube Abantu basemaNcubeni ungababiza Mncube,Ncube noma ke Sincuba iqiniso kusengabantu ababodwa laba. Labantu badabuka eLusuthu esizweni lesi sabeSuthu okungakuthi nabo bangabeSuthu.Sibathola bonasebezinze laphaya entabeni Intabazwe (Harriesmith) nasOndini(Underburg), Umuntu esiqala uk... qhubeka ufunde »

Umlando ngoSokwetshatha ka Mlandela Mthethwa

Nina abeSilo sakithi KwaDukuza iGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma! UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! #ISilo uShaka leso. Ngethemba nisaphila nina beSilo , sisaphila thina eMantungweni. Ake sibheke umlando ngoSokwetshatha Mthethwa. USokw... qhubeka ufunde »

Umlando ngendawo yakwaSwayimana ,eMalizibheki.

Nina abakaNdaba obhiyoze kuNomangci phezulu, eyokunqumel’umbango wakwaNyuswa .Kwakungabangwa lutho nakwaNyuswa , kwakubangwa izinhlakuva emanxiweni!! Bethi nteke nteke lindani amajuba! Nina abakaNdaba okhangele ezansi naMadungela, izinkomo zawoSihayo zabuya, kwaye kwalandela nezikaMafongosi. #ISil... qhubeka ufunde »

Izithakazelo zakwaShongwe

  Shongwe Kunene Mntimande Bhambolunye ukube zazimbili Kwakuyobe ufuze ekhabonina. Bomageza ngobisi amant’ehleti, Bantu labahle timomotso. Uyadzela umfati lo oyokwendzela kaShongwe ngoba uyotala timomotso todvwa. Nina bakwaZandlazivutha umlilo. Nina bakaTinkuni owaphuma nezikhuni ezivutha... qhubeka ufunde »

Chauke

Abantu bakwaChauke bayisizwe esikhulu esitholakala kakhulu eMozambikwe nokuyilapho ubukhosi baso busazinze khona . Laba bantu bakwaChauke babuye batholakale eNingizimu Afrika koGiyane,Tzaneen ,Thulamahashe koThoyando nakwezinye izindawo . Lesi sibuye sitholakale nasezweni laseZimbabwe koKezi ,koChip... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMtotobi ka Nkumba Mabaso

U-Mtotobi ka Nkumba Mabaso wabe engenye yeziNduna zeSilo u-Mzilikazi ka Mashobana Khumalo. WayeyiNduna yomuzi waseMncwazini , iButho elaliqaphe lowo muzi lalibizwa ngokuthi uMncwazi. Abantu bakwaMabaso bayiNdlunkulu yaMaNtungwa , u-Mabaso okwaqambeka ngaye isibongo wayenguMnewabo kaKhumalo ka Mntung... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMhabahaba ka Zama Mkhwanazi

“UMafukula owafukula kwakhwabitha iNkosi! UGwagwa liyagwagwa umbane wezulu! Wena owaciba ngomkhonto kwaphepha iNkosi yabeNtungwa “ Lezi izihasho zikaMhabahaba indodana kaZama kaBebesi wakwaMkhwanazi, namuhla waziwa kakhulu ngelikaMhabahaba ka Nkwali . UMhabahaba wayengelinye lamaqhawe kaMzilikaz... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!