Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Umlando ngoMntwana uMbixambixa ka Mpande

Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kumaHashanga #ISilo uDingane leso ! iSilo sakithi eMgungundlovu. Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade. Ake ngiphose itshana elingatheni eSivivaneni ngoMntwana uMbixambixa ka Mpande . UMntwana uMbixambixa wayebuthelwe eButhweni loMkhandandlovu , iButho le zintombi okuyiButho futhi elalande aBantwana (Princesses) baseNdlunkulu .Leli Butho lalifana noThulwana ngoba nalo uThulwana lwalande aBantwana baseNdlunkulu, abesilisa nokho. UMkhandandlovu welama iButho uNdlovukaphendulwa , nalo okuyiButho lezintombi . Ngiyaxolisa kakhulu angikwazanga ... qhubeka ufunde »

UMlando ngoMntwana uMkhungo ka Mpande

Nina abakaNowelamuva wawoShaka uMdayi sabela kwephesheya , uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! #ISilo uMpande leso! Enhla nasezansi ngiyayibingelela iNgabade . Thina sisabanyayisa abasizondayo. *Nina beSilo ake ... qhubeka ufunde »

Umlando ngeSilo uMpande (ISilo sakwaNodwengu)

Nina abakaMsimude wakithi eMlambongwenya uMsimude owavela ngeSiluba phakathi kwamaNgisi namaQadase! UNowelamuva wawoShaka uMdayi sabela kweliphesheya uZalukazi zosala emanxiweni amaXhegu ayosala emizileni! USomnandi ka Ndaba woza ngange umlomo umlomo uyangiwa kithi KwaZulu! #ISilo uMpande leso! Nina... qhubeka ufunde »

Umlando ngeSilo uShaka ka Senzangakhona(ILembe)

  Nina abakaHlabahlungu bazashumayezana abesezitheni nabasemakhaya! UZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Nina beSilo ake sibheke umlando weSilo sakwaDukuza , iSilo uShaka ka Sen... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMntwana uDabulamanzi ka Mpande(uMntwana waseZulwini)

Nina beSilo ,nina abakaMdayi sabela kweliphesheya ! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba nisaphila nina beSilo. Cha, thina sisaphila eMantungweni. Ake sibheke umlando ngoMntwana uDabulamanzi ka Mpande *Kuthiwa uMntwana uDabulamanzi wazalwa ngowe 1839 , kuthiwa wazalwa ngesikha... qhubeka ufunde »

Umlando ngeSilo uMdlokombane (iSilo uZwelithini ka Bhekuzulu)

Kuloba uZoza Shonge: Umlando ngeSilo uMdlokombane ISilo uBhejane phum’esiqiwini sazalwa ngomhlaka-27 kuNtulikazi ka-1948.  Sizalwa yiSilo uBhekuzulu kaPhumzuzulu neNdlovukazi uThomo Jezangani kaThayiza  Ndwandwe. Kuthiwa ngenkathi iNdlovukazi isasimumethe iSilo yayijuluka noma  liguqubele, ... qhubeka ufunde »

Izitho zenkomo (ezangaphandle)

Nina abeNdiha lebabayo enjengeSibhaha sona simababa kuMahashanga! IBhaka lamanzi lakoNdikidi , lisibekele izinkomo zamaSwazi zanyamalala! UMancwaba wezwe lamaphethelo lona lincwaba ngemikhemezelo!#ISilo uDingane leso!  Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgadabe , ngethemba basaphila abeZulu el... qhubeka ufunde »

Izitho zenkomo (Ezangaphakathi )

*Isitho -Incazelo Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe! UGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amaGawu abebesi! Inkomo eyakhala eMthonjaneni izizwe zonke zayizwa ukulila! #ISilo uShaka leso! Enh... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMntwana uMthonga

Nina abakaMsimude owavela ngeSiluba phakathi kwamaNgisi namaQadase, uNowela muva wawoShaka! #ISilo uMpande leso . Le Nsizwa endala eniyibona esithombeni uMntwana uMthonga ka Mpande. Oka Ndaba wabuthelwa ebuthweni loMbonambi ebuthwa kanye noMnewabo uMntwana uNdabuko . UMntwana uNdabuko wayelamana neS... qhubeka ufunde »

Umlando ngoNongalaza ka Nondela Mnyandu

Umlando ngoNongalaza ka Nondela Mnyandu Nina abeMamba eyath’ukuvuka yangen’ehlathini ,ihlathi lineMbube .Yamaphul’uBusubengwe ka Nongalaza.UNgalo zinjengezeNgonyama .IMbube eshoba liyisilikithi.ISilo uCetshwayo leso’. Lezi zihasho iSilo sasoNdini sazithola eMpini yaseNdondakusuka mhla zi... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!