Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Umlando ngeSilo sakwaKhethomthandayo , iSilo uBhekuzulu Cyprian Nyangayezizwe ka Solomon Zulu

  ISilo sakwaKhethomthandayo , iSilo uBhekuzulu  Cyprian Nyangayezizwe ka Solomon ka Dinuzulu kuthiwa sazalwa mhlaka zizine{4} kuNcwaba 1924 , sakhothama mhlaka 17 kuMandulo 1968, sakhothama sineminyaka engamashumi amane nane{44}. Ibutho laso kwabe kunguManukelana {INgangakazane eyanukela izizwe}. ISilo uBhekuzulu sasaziwa kakhulu ngelikaBhusha ka Nayifi , okuyigama laso lobuqhawe.  ISilo uBhekuzulu sizalwa yiSilo sakwaDlamahlahla ,iSilo uSolomon Maphumzana Phumuzuzulu ka Dinuzulu ka Cetshwayo. Unina weSilo uBhusha ka Nayifi iNdlovukazi uNtombembi Christine Sibiya, okaMathathela . INdlo... qhubeka ufunde »

Izithakazelo, kweleNgabade jikelele:

Izithakazelo, kweleNgabade jikelele: Wena weSilo nazi zezinye zezithakazelo zezibongo ezitholakala lapha KwaZulu -Natal , nakwezinye izingxenye zezwe. Ake ucoshe nawe . Izithakazelo : Bhembe – {Mashinini, Guliwe, Ntozimandla} Bhengani- {Singo, Nyambawu} Bhengu –{ Ngcolosi, Shongololo, Dlabazane,... qhubeka ufunde »

Umlando ngenkosi uZwide ka Langa , yabakwaNdwandwe

Umlando ngenkosi uZwide ka Langa , yabakwaNdwandwe Inkosi uZwide ka Langa yamaNdwandwe yaba ngenye yamakhosi eyabe imandla kakhulu endulo, ngezikhathi zezimpi ezaziqhubeka kweleNgabade, ezibizwa ngokuthi uMfecane.Lezo izimpi ezaziqhubeka ngeminyaka yama-1800. UMfecane izimpi lapho amakhosi ayehlasel... qhubeka ufunde »

Umlando ngoMntwana uShingana ka Mpande ka Senzangakhona:

Umlando ngoMntwana uShinganaka Mpande ka Senzangakhona: UMntwana uShingana wayezalwa yiSilo sakwaNodwengu , iSilo uMpande ka Senzangakhona . Kuthiwa wazalwa ngenkathi uYise uMntwana uMpande ewela uThukela ngo 1839,ephikela emaBhunwini ka Andries Pretorious , uNgalankulu.  Kwakungenkathi uMntwana uM... qhubeka ufunde »

Dlamini{Indlu yaseMakhuzeni}

Umlando ngabakwaDlamini{Indlu yaseMakhuzeni}   Abantu bakwaDlamini bangabaNguni baseMbo ngokwezigaba zabaNguni . Njengokuchaza kwethu ngokwedlule ngenkathi sichaza indlu yenkosi uNyanya, isibongo sakwaDlamini sikhulu kakhulu kangokuthi abantu bakwaDlamini baze baphikane bathi abahlobene,ngenxa ... qhubeka ufunde »

Umlando ngeqhawe lakwaMpungose , uBaleni ka Silwane.

Umlando ngeqhawe lakwaMpungose , uBaleni ka Silwane.   UBaleni ka Silwane wakwaMpungose wabe engelinye lamaqhawe eSilo sakwaNodwengu , iSilo uMpande ka Senzangakhona ka Jama. Wayebuthwe yisona iSilo uMpande , simbuthela ebuthweni loDloko , ngo 1858. Izinsizwa zebutho loDloko zazizalwe ngo1838 ,... qhubeka ufunde »

Umlando ngenkosi uDube ka Silwane yaseMaqadini{kwaNgcobo}

Umlando ngenkosi uDube ka Silwane yamaQadi Inkosi uDube ka Silwane yabaseMaqadini yabusa ngesikhathi sokubusa kweziNgonyama oShaka noDingane. AmaQadi ayindlu yakwaNgcobo , baphuma kuNgothoma ka Dingile ka Ngcobo ka Vumizitha {esimazi kakhulu ngelikaVumezitha}. Uma uMnumzane eganwe yisithembu , inkos... qhubeka ufunde »

Dlamini-Malandela

AbakwaDlamini-Malandela. Isibongo sakwaDlamini singesinye sezibongo ezinkulu kakhulu kuleli  leNgabade , kanye nakuyo yonke iAfrika esemazansi. Lesi sibongo siyatholakala lapha kwelakwaZulu, siyatholakala eSwazini (okuyilapho sinobukhosi baso obukhulu khona), siyatholalaka naseNingizimu yezwe laseZ... qhubeka ufunde »

Izithakazelo ezifanayo \Amagama afanayo

Izithakazelo ezifanayo\Amagama afanayo Ukufana kwamagama abantu akuyona into eqala manje , kuyinto ekade yaqala , eyaqala endulo . Abantu abaningi bayadideka olibweni lakwabo ngenxa yokufana kwamagama. Umuntu ugcina esezihlobanise nesibongo angahlobene nhlobo naso . Kubalulekile ukwazi  amagama oKh... qhubeka ufunde »

Imizi yamakhosi akwaKhumalo

Imizi yamakhosi akwaKhumalo: Imizi yenkosi uMashobana kwakuseNsingweni, eNyandeni kanye naseNdinaneni Yonke le mizi yayakhelwe eMkhuze. Omakhalelwane benkosi uMashobana kwakungabakwaNxumalo ababakhe ngasentatshaneni iTshaneni. ENdinaneni kwakukwabo Mzilikazi . Inkosi uMashobana yayizele kakhulu amadodakazi , esingabala kuwo oNtanase ;Ngiyalila,Nozipholo,Nozinhlwathi nabanye. Yebo nezinsizwa zazikhona kodwa kwalwande kakhulu izintombi. ENsingweni kwakukwabo Mdleleni owagcina engukhokho wabakwaNyawose. Inkosi uMashobana yayizalwa inkosi uZikode kaMkhatshwa. Yona-ke yazala uMzilikazi owawugqamisa kakhulu umlando waMantungwa .   Umuzi wenkosi uBheje kwakuseTsheni likaBheje. Lo muzi wawakhe endaweni yaseNgome. Inkosi uBheje yayizalwa inkosi uMagawozi kaZikode umfowabo Mashobana kaZikode. Inkosana yenkosi uZikode kwakunguGasa kaZikode owazala uMagugu , uDonda noSiwela. USiwela ungukhokho waMantungwa akwaNdlangamandla.  Umuzi wenkosi uDonda kwakuseZizibeni. Lo muzi wakwakhe ngaphezu komfula iSikhwebezi . Kusuke kushiwo wona lo muzi uma kuthiwa kumuntu wakwaKhumalo ‘Donda weZiziba’. UDonda wayazalwa nguGasa njengoba besengishilo. Yena wazala uMaqandela. Umuntu owawwugqamisa kakhulu umlando waMantungwa kulendlu kaDonda nguMahlangeni kaGawozi Khumalo owabe eyimbongi yeSilo uCetshwayo kaMpande. UMahlangeni wasala empini yaseMsebe ngowe 1883 empini

read more

error: Akuvumelekile lokho !!