Umlando ngeKumkani uHinsa kaKhawutha :Aah! Zanzolo! Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo. IKumkani uHinsa yabusa isizwe samaXhosa kusukela ngo1820 kwaze kube unyaka we1835 lapho yakhothama khona ngesandla seNgisi uGeorge Southey . Leso kwakuyisikhathi sezimpi zakwaXhosa ezaziwa ngokuthi ‘... qhubeka ufunde »
Umlando ngoGundanekumitha ka Ndlovu wakwaNdiweni Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo UGundanekumitha ka Ndlovu Ndiweni wabe enguNdunankulu wesizwe sikaMthwakazi,okuyisizwe esakhiwa nguMzilikazi ka Mashobana Khumalo ngemuva kokusuka kwakhe kwaZulu. Abantu bakwaNdiweni baseyingxenye yabantu baseMa... qhubeka ufunde »
Umlando ngamaqhawe akwaMsane, oNxaba noMgobhozi Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo. UNxaba ka Mbekane noMgobhozi ka Nongqiwu amaqhawe akwaMsane avelela kakhulu ngesikhathi soMfecane. UMfecane yizimpi ezadlanga kakhulu eAfrika esemazansi ngeminyaka yama1800.UNxaba wayebusa abantu bakwaMsane nges... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaNkanyana. Lo mlando ucashunwe encwadini ka Senzo Mbatha esihloko sithi “Ziphuma eGuleni” . Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo. Abantu bakwaNkwanyana baphuma kubantu bakwaNdwandwe ,esibathola endulo bakhe lapho sekukwaNongoma khona namuhla. Namuhla sibathola bez... qhubeka ufunde »
Umlando ngesibongo sakwaShembe Abantu bakwaShembe baphuma kuMantungwa akwaDonsa , ngakho-ke nabo bangabeNtungwa Nguni ngokwezigaba zabeNguni njengabo abakwaKhumalo . Umuntu esiqala ukuzwa ngaye kulesi sibongo sakwaShembe nguSokhabuzela kaNyathikazi owazala uMzazela owazala uNhliziyo owazala u... qhubeka ufunde »
*Umlando ngokuzalwa nokukhula kukaMphrofethi uShembe, uMqaliwendlela,uMqalisi nombumbi wamaNazaretha,nobuNazaretha* Lo mlando ucashunwe encwadini kaBaba uM P Mpanza ethi “UShembe noBunazaretha” Lawamazwi akuleli khasi akhulunywa ngu-Mqali waloluhambo lobuNazaretha isikhonzi senhlupheko obizwa ngokuthi ngu’ Isaiah Mloyiswa Mdliwamafa Shembe’ . Ezalwa ngu-Mayekisa kaNhliziyo kaMzazela kaSokhubuzela kaNyathikazi.AbakwaShembe bangabaNtungwa bakwaDonsa Wawakhuluma lawamazwi kubalandeli bakhe emzini wakhe oyingcwele waseKuphakameni ngonyaka ka- 1926 , ebachazela ngokuzalwa nokukhethwa kwakhe ngu-Jehova ukuba yisikhonzi sakhe . Uthi uma eyilanda indaba yokuzalwa kwakhe,uthi kwakuko 1856 ezalwa . Uthi wazalelwa phansi kOndi kwaNtabamhlophe ,yilapho umuzi wakubo wase wakhe khona ngokusuka kwabazali bakhe lapho kwakukade kwakhe khona oyisemkhulu ezintabeni zakwaCeza. Nanamuhla ikhona lentaba ebizwa ngokhokho wakhe uMzazela lena enhla noNongoma Ngokuhambela kuka-Jehova kuMzazela wathi ‘Mzazela,Mzazela baleka- baleka uye ezweni lasenhla ngokuba ngizovusa iNkosi enolaka emhlabeni kanti enzalweni yakho kuyovela abaProfethi abayosindisa isizwe sami esiNsundu engisakhileyo nengisikhethileyo. UMzazela kazange angabaze walalela izwi likaMvelinqangi ukuthi lalithini kuyena wahamba wabalekela enhla eMahlutshini wayokwakha khona njengoba kuze kuzalwa
read moreUmlando ngeNkosikazi uSitheya Hadebe. (Unina kaMphrofothi uShembe) Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo Lo mlando ucashunwe encwadini kaBaba uMP Mpanza esihloko sithi “UShembe noBunazaretha” Ngesikhathi sokubusa kweSilo uDingane abantu bakwaHadebe babebuswa yinkosi yabo uLangalibalele ka Mthimkhulu. Ngaleso sikhathi sibathola bakhe ngaphansi kwezintaba zoNdi noKhahlamba,okuyindawo abasakhe kuyona nanamuhla. UNdunankulu wenkosi uLangalibalele (phecelezi Prime Minister) kwakunguMalindi ka Mthimkhulu. Ngaleso sikhathi kwasekuqale ukwanda abashumayeli beVangeli ,iningi okwabe kungabamhlophe ,ababesuke emazweni aphesheya afana nakoNgilandi, Scotland kanye namanye. Baningi abantu abansundu abasebephundukile ,bamukela uNkulunkulu umdali wezulu nomhlaba njengenkosi yabo. Indodakazi kaNdunankulu uMalindi ,uSitheya Elizabeth Hadebe,naye wayengomunye wabo. Kuthiwa ekukhuleni kwayo yakhula ilungile ,ilondekile. Kuthiwa kontangayayo yayingekho intombazane eyayifana nayo. Kuthiwa le ntombazane yakhula ihlonipha kakhulu, ithandeka futhi kubazali bayo,bonke abantu bethokoza ngayo. Ngaleso sikhathi kwelaMahlubi kwasekutheleke ingxenyana yesizwe saMantungwa akwaDonsa ,ayeluqhamukise ezintabeni zakwaCeza . Leyo ngxenyana yaMantungwa akwaDonsa yafika kuleya ndawo osekuyiNtabamhlophe namuhla iholwa nguMzazela ka Sokhabuzela, owazala uNhliziyo ,owazala uMayekisa . Ngenkathi kufika laba bantu bakwaDonsa
read moreUmlando Nezithakazelo ZakwaMngwengwe #Ucashunwe ku-Lwazi Programme. *Izithakazelo zabo* Mngwengwe kaZitha kaNyamande Nyama kayishi, isha ngomphephezelo. Abehla ngomzungulu wasala wabola *Umlando wabo:* Abantu bakwaNgwengwe bavela enkabazwe lapho bephuma khona.Behla njalo ngasogini oluseMpumalanga baze bafika lapho kuseMozambique base besabalala abanye badlulela eSwazini baqhubeka abanye laba esesibathola kwaZulu. Inkosi yaso lesi sizwe yayikade inamadodana amabili angamawele. Kwenzekile ke elidala laqonywa yintombi. Lamawele abefana ngalendlela yokuthi bekunzima ukuwahlukanisa. Nentombi ibihluleka nawukuwahlukanisa indlela abefana ngayo. Kuthi lapho inkosi isiguga yathi eweleni elidala alikhombe intombi ukuze liganwe bese elibeka esikhundleni sobukhosi. Kanti elincane liyakuzwa lokho okushiwo inkosi kumfowabo omdala. Labe seliya entombini lathi uyise ufuna ukulibeka esihlalweni sobukhosi nokuthi laqhubeka lathi selizondwa nayileli elinye iwele, lifuna ukulibulala, ngakho abeqe. Nebala beqa nebutho labalandeli baze bafika lapho kuyiKwaZul khona namuhla, njengoba sekushiwo. AbakwaZondi bafika kamuva ababebaleke kubo kwaDlamini eSwazini. Kamuva nje sekubusa iLembe KwaZulu, ngelinye ilanga kwakucitshwa inseam. Kwakuneqhawe lakwaNgwengwe elalinemba kangangoba laze laciba ibhece lisekhanda lentombi
read moreUmlando ngenkosi uMzilikazi Khumalo,inkosi yaBathwakazi Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo. UMzilikazi ka Mashobana Khumalo ungenye yezinsizwa ezazakhela igama ngesikhathi seziMpi ezaziwa ngoMfecane , lezo zimpi zadlanga kakhulu ngeminyaka yama 1800s. Unina kwakunguNompethu indodakazi yamaNdwandwe inkosi uZwide ka Langa . UNompethu wayelwanywa nguThandile owendela eNgwenyameni uSobhuza , wazala iNgwenyama uMswazi wesibili. Kusuke kushiwo yena uThandile uma kuthiwa kubantu baseSwazini ‘Nina bakaLaZwidze’. UThandile yena welanywa nguFikile , naye owendela eNgwenyameni uSobhuza, yena-ke wazala uMntwana uNdwandwe owabulawa yiNgwenyama uMbandzeni ka Mswazi wesibili ka Sobhuza. Ngesikhathi sokubusa kwenkosi uSenzangakhona kwaZulu uyise ka Mzilikazi inkosi uMashobana yayibusa ingxenye yabantu bakwaKhumalo eyazinze eSikhwebezi kuze kuyoshaya eMkhuze . Imizi yenkosi uMashobana ekhumbulekayo kwakuseNdinaneni , eNsingweni naseNyandeni . Imbongi uMagolwana ka Mkhathini Jiyane  iyalithinta igama lomuzi waseNsingweni ezibongweni zeSilo uDingane uma ithi ‘bantu ninemihlolo ngaseNsingweni , gijimani ngazo zonke izindlela,niyobikela abakwaMashobana , nifike nithi lukhulu luyeza luyanyelela’. UMzilikazi wakhulela kwaNdwandwe ngaphansi kweso likayisemkhulu . Impilo yakhe yonke yobunsizwa wayichitha
read more