Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Umlando ngeQhawe lakwaNtuli, uMangathi ka Godide ka Ndlela

Umlando ngoMangathi ka Godide Ntuli Kuloba uBongani Kholo Khumalo UMangathi ka Godide wayeyiqhawe likaZulu ngesikhathi sokubusa kweZilo oCetshwayo noDinuzulu. Wayebuthelwe ebuthweni leNdluyengwe, ebuthwa yiSilo uMpande. Ibutho leNdluyengwe lingelinye lamabutho  alwa ngobuqhawe  eSandlwana ,laliholwa nguMntwana waseZulwini,uDabulamanzi ka Mpande. Lingelinye lamabutho eyeqeshelwe ukusebenzisa izibhamu.  Uyise ka Mangathi ,uGodide ka Ndlela wayengesinye sezikhulu zeSilo uCetshwayo. Wasala enkundleni mhla uMntwana uZibhebhu kaMaphitha ehlasela esigodlweni seSilo uCetshwayo sasoNdini,mhlaka 21 N... qhubeka ufunde »

Umlando ngenkosi uMatomela Zuma 

Nina bakaGawu bazawuliluma bazawuliphimisa bakhumbule amagawu abebesi! Nina abeGwija likaMdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma. Enhla nasezansi ngiyababingelela  abeSilo. Ake ngisike elijikayo ngenkosi uMatomela yabakwaZuma.  Babebabili oMatomela endulo,kwakukhona owakwaZuma, kanye nowakwaNgubane . UMatomela wakwaNgubane wayezalwa uNdlovu ka Nyonebomvu ka Mbovu . UMatomela Ngubane wayewumfowabo ka Nzombane. UMatomela Zuma wayezalwa uShisa kaMgebhe. Wayebusa abantu bakwaZuma ngesikhathi sokubusa kweLembe,iSilo uShaka. Waziphephisa ekuhlaselweni yi-Lembe ngokunikela ngamadodana akhe ,ukuba ayoba yingxenye yempi yeLembe. Ngalokho iLembe alizange limhlasele, ngenkathi lihlanganisa izizwe ,ukuba zibe yisizwe esisodwa esinguZulu. Inkosi uMatomela yazala amadodana yawo esingabala kuwo inkosana uMsholozi, uLugaju ,uSiguqa kanye nabanye. Ngaso isikhathi sokubusa kweLembe le nkosi yaManxamalala yake yabambana ngezihluthu nenkosi uZihlandlo kaGcwabe yaseMbo. Kulempi yawudla umhlanganiso impi yaseMbo. Inkosi uMatomela yagcina ikhotheme, ngokudunguzela. Kwathi ngemuva kokukhothama kwenkosi kwayo kwabusa inkosana yayo uMsholozi, eyabusa ngesikhathi sokubusa kweSilo uDingane kwaZulu. Inkosi uMsholozi yazithola isihlaselwa yimpi yeSilo uDingane ,iSilo uDingane sasesiqale umkhankaso waso wokubulala bonke abantu ababe bengabahlobo beLembe.

Umlando ngenkosi uZihlandlo ka Gcwabe, yaseMbo

  Umlando ngenkosi uZihlandlo ka Gcwabe yakithi eSimahleni  Kuloba uMntwana uMncedisi ka Mavovo Mkhize INkosi uZihlandlo kaGcwabe Lecture summary INkosi yoSelwa uZihlandlo kaGcwabe wabe engumngani omkhulu weNkosi uShaka koSenzangakhona.INkosi yabe izalwa ebukhosini baseMbo izalwa iNkosi uGcwab... qhubeka ufunde »

Umlando ngenkosi uNgoza Mvelase ,yaseBathenjini

Abantu bakwaMvelase bayindlu encane yaBaThembu , ngesikhathi sokubusa kwenkosi uShaka lendlu yaBaThembu yayibuswa yinkosi yayo uNgoza ka Mkhubukeli ka Gazi  , eyayakhe umuzi wayo waseMlamlankunzi eQhudeni,eNkandla.  Kunomlando othi isibongo sakwaMvelase sakheka ngesenzo sokufakwa kwengane yomfana ... qhubeka ufunde »

Umlando ngenkosi uNqoboka ka Langa Sokhulu

Umlando ngoNqoboka Sokhulu Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo: UNqoboka ka Langa wakwaSokhulu, wayengenye yezinsizwa ezasisondelene kakhulu neSilo uShaka,iLembe. Nguyena owayebusa abantu bakwaSokhulu ngesikhathi sokubusa kweSilo uShaka. Abantu bakwaSokhulu sibathola namuhla bakhe endaweni ebizwa ... qhubeka ufunde »

Ngongoma

Umlando ngesibongo sakwaNgongoma. Abantu bakwaNgongoma bangaMalala Nguni ngokwezigaba zabaNguni, basekanye nabantu bakwaNgcobo, abakwaNgidi, abakwaShangase , abakwaHlabisa , abakwaNzama, abakwaChamane kanye nabanye. Zonke lezi zibongo ziphuma kuVumizitha ,owayephila eminyakeni eminingi kakhulu eyadl... qhubeka ufunde »

Umlando ngenkosi kaGasa uSoshangane ka Zikode ka Gasa Nxumalo

Umlando ngoSoshangane Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo: USoshangane ka Zikode wakwaNxumalo, wayengenye yezinsizwa ezazakhela igama ngesikhathi soMfecane-okuyizimpi ezadlanga kakhulu ngeminyaka yama-1800. Abantu  bakwaNxumalo bayikhohlo lakwaNdwandwe , endulo sibathola bakhe ngaseTshaneni, enya... qhubeka ufunde »

Cebekhulu

Umlando ngesibongo sakwaCebekhulu Abantu bakwaCebekhulu bangaMangwe, bakanye nabantu bakwaZwane , abakwaHludla, abakwaNdiweni, abakwaNsele kanye nabanye. Akucaci kahle ukuthi lesi sibongo sakwaCebekhulu saqambeka kanjani, kuningi nje okushiwo ngoSomlando mayelana nokuqambeka kwalesi sibongo sakwaCeb... qhubeka ufunde »

Uhla lwamabutho abesifazane

UHLA LWAMABUTHO ABESIFAZANE: Endulo izintombi nazo zazibuthwa , zibuthelwe ebuthweni thizeni, ziphuma izimpi futhi zifike zihlabane kakhulu ,zethweswe iminyezane njengezinsizwa. Ake sibheke AMABUTHO ABESIFAZANE abuthwa ngamakhosi asendulo #Kuloba INtungwa Lasenhla KwaSokhumalo! ÀMABUTHO ENKOSI UDIN... qhubeka ufunde »

Fakude

Umlando ngesibongo sakwaFakude (Fakudze): -Kuloba uErnest Lulama Nxasana. Umlando womlomo usitshela ukuthi isibongo sakwaFakudze savela ngesenzo sendoda eyayihlala ezintabeni zaseSwazini. Kuthiwa ngesikhathi inkosi uSobhuza wokuqala efika ezweni laseSwazini wathola indoda eyayihlala ezintabeni ezazi... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!