Umlando  ngoMntwana uMshiyeni ka Dinuzulu .

 

UMntwana uMshiyeni okwaqanjwa ngaye iSibhedlela esiseThekwini  iPrince Mshiyeni  Hospital wayezalwa yiSilo sasoSuthu iSilo uDinuzulu , kwiNdlovukazi uSilomo ka Ntuzwa Mdlalose . INdlovukazi uSilo yaba ngenye yamakhosi eSilo uDinuzulu eyakanye neSilo uDinuzulu ngenkathi sidingiselwe eSt Helena . ISilo uDinuzulu sasidingiselwe eSt Helena ngemuva kokuboshwa kwaso ngamaNgisi ngo1888 kulandela ukwehlula kwaso uMntwana uMntwana uZibhebhu empini yakwaNdunu, kwaNongoma.  UMntwana uZibhebhu wayehlonyiswa ngezibhumu, ehlonyiswa ngamaNgisi ukuba ahlukumenze abalandeli boSuthu. ISilo uDinuzulu sasidingiswe kanye noYise baso aBantwana oNdabuko noShingana baka Mpande . Badingiswa kusukela ngowe 1888 kwaze kwaba u 1898 . UMntwana uMshiyeni wazalelwa khona ekudingisweni eSt Helena , eKapa. UMntwana uMshiyeni wangowesibili kwiNdlovukazi uSilomo, wayelama iSilo uSolomon Maphumzana Phumuzuzulu ka Dinizulu . Yena uMntwana uMshiyeni wayelanywa nguMntwana uMagogo . UMntwana uMagogo wagana inkosi uMathole ka Tshanibezwe yakwaButhelezi , wazala uMntwana wakwaPhindangene inkosi uMangosuthu. UMntwana uMagogo wayeliGagu , wayekwazi ukudlala uMakhweyane , aphinde ahube kamnandi amaHubo akwaZulu. Kwathi ngenkathi sekulanyaniswa iziNdlu zeSilo uDinuzulu uMntwana uMshiyeni wakhishwa kuNina , wafakwa eSiswini sikaNdlunkulu wokuqala weSilo uDinuzulu , uMahambogwini ka Hlokolo wakwaNdwandwe . Kuthiwa uNdlunkulu uMahombogwini nguyena okwakufanele azale iSilo kodwa wazala intombazane , ogama layo linguPhikisile. UMntwana uPhikisile wagana eBaSwelini kwaSeme , wagana uPixley ka Isaka Seme iSifundiswa esikhulu esaba ngobunye wabasunguli bakaKhongolose . INgonyama uDunuzulu yaphinde yadingiswa futhi ngemuva kwempi yaMakhanda , kulokhu yadingiselwa eMhluzi  {eMidleburg}   eMpumalanga lapho yafike  yakha khona iSigodlo sakwaThengisangaye .INgonyama uDinuzulu yamthatha uMntwana uMshiyeni yayohlala naye kwaThengisangaye. ISilo uDinuzulu sakhothama ngowe 1913 khona kwaThengisangaye, umzimba waso wathuthwa wazotshalwa eMakhosini. ISilo uDinuzulu salandelwa iSilo uPhumuzuzulu ka Dinuzulu esihlalweni sobukhosi, iSilo uPhumuzuzulu sasinguMnewabo ka Mntwana uMshiyeni. ISilo uPhumuzuzulu Maphumzana Solomon ka Dinuzulu  sabusa kusukela ngowe 1913 kwaze kwaba isikhathi sokukhothama kwaso  ngowe 1933. Ngemuva kokukhothama kweSilo uPhumuzuzulu uMntwana uMshiyeni wabekwa njengeBambabukhosi , elalibambele uMntwana uNyangayezizwe Cyprain Bhekuzulu ka Phumuzuzulu Solomon ka Dinuzulu owabe esakhula. UMntwana uMshiyeni wabamba kusukeka ngowe 1933 kwaze kwaba ngowe 1948 lapho kwagcotshwa khona uMntwana  uNyangayezizwe. Ngenkathi esesihlalweni uMntwana uMshiyeni wabutha iButho uManukelana {INgangakazana eyanukel’izizwe}. KuManukelana kwakukhona noMntwana uNyangayezizwe kanye noMntwana wakwaPhindangene uMntwana uMangosuthu. UMntwana uNyangayezizwe nguyena owalandela iSilo uSolomon esihlalweni soBukhosi , wakha isigodlo sakwaKhethomthandayo, wazala iSilo uMdlokombane ,uyise weSilo uMisuzulu. ISilo uNyanganyezizwe sahlala esihlalweni soBukhosi ngemuva kokudla kwaso umhlanganiso embangweni weSihlalo soBukhosi owaliwa ngeZinkantolo. Lowo mbango wabe uphakathi kwaBantwana  oNyangayezizwe ka Solomon kanye noThandayiphi ka Solomon wayezalwa isithole saseMaShengeni.

UMntwana uMshiyeni waba yilungu le (Native Representative Council) eyayimele abantu abansundu kuHulumeni ebambe iqhaza ekhululeni abantu abamnyama.


UMntwana uMshiyeni waganwa ngamakhosikazi amabili uMaShandu noMaKubheka

Waba nezingane eziyiSikhombisa.

UMntwana uBhayisikili

UMntwana Ntombiyenyakatho

UMntwana Sibuselaphi

UMntwana Funukuvela

UMntwana Thamisanqa

UMntwana Maganda

UMntwana Sthokoziso

Umuzi wakhe kukwaSokesimbone eMahhashini kwaNongoma

UMntwana uMshiyeni

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo