Incazelo ngoNukani{BlackStinkwood}

Nina abakaNdaba omuhle kakhulu uNdaba ngiyameba ngimuke naye ngimbuke kuze kwehle nezinyembezi kube sengathi ngibuka isihlahla soMdlebe! IGwija lika Mdlaka ligwegwe lijyeze abasini beNgoma! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade , ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu. Cha, thina sisaphila eMantungweni kungu mhla wesine kuMbasa{EPhreli} onyakeni ka 2023. Nina beSilo lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uNukani ngesiZulu. NgesiXhosa ubizwa ngoMhlungulu. NgesiBhunu kuthiwa iStinkhout , noma iSwartstinkhout, noma iLaurelhout. NgeBotanical name kuthiwa Ocotea bullata . NgesiNgisi uNukani ubizwa ngeBlack Stinkwood, noma ngeCape Laurel.

UNukani.

Nina beSilo babili oNukani  , kukhona uNukani oyiGxolo, bese kuba khona uNukani okhula ube mfushane ungedluli idolo lo muntu . Lowo Nukani ungena ezithakweni zamakha eziQholo phecelezi amaPerfume. UNukani iGxolo ukhula ube yisihlahla esilinganiselwa kumaMitha amashumi amathathu,  wona wenza eminingi imisebenzi kuhlanganisa nokwakha izitsha zokhuni ,izingqoko , izigqiki nokunye . Muhle kakhulu kwezoKhuni. Ubuye ume muhle kakhulu kwezokwelapha ngokwendabuko okuyilapho iningi lethu liwazela khona. Bobabili oNukani banamakha amnandi uma ubahogela . Into okuyiyona esebenza kakhulu kuloNukani oyiGxolo yixolo lawo. Liyangena kwezokukhipha iSichitho. Liye lithakwe neminye imithi . Kukancane kakhulu ukuba uNukani usale kwezokukhipha iSichitho . UNukani uyagquma , uyaphalaza , uyageza futhi. Ixolo likaNukani liyangena nakwezophalazela idliso. UNukani njengoba ukhipha iSichitho nje , nabathakathi babuye bakhe ngawo  iSichitho, baye bawuthake nezilwane ezinephunga elibi, indle yomuntu, imithi efana noMabopha , uMsuzwane kanye neminye . UNukani uyangena futhi nasemithini yabathakathi abayithaka uma bezophephetha umuntu ukuba abhunguke , bamshaye ngoDukanezwe. UNukani ungena kakhulu edlisweni loCansi . IDliso lo cansi lenziwa ngabesifazana uma befuna ukuthi abantu abasuke bethandana nabo bangalali nabanye abafazi . Baye bathake ingxube yemithi kanye nezilwane ezifana namaQaqa , bayifake esithweni sabo sangasese ukuze abantu abasuke bethandana nabo bathathe leso Sichitho, banuke phu uma bezoyolala nezinye izintombi. Leso Sichitho basibiza ngeDliso lo Cansi , noma ngeSibambelelo. Kanti uma sesikhishwa leso Sichitho sikhishwa ngawo uNukani. Engingakusho wukuthi uNukani umuthi wokukhipha iSichitho , kanye nokusifaka futhi. Ixolo lika Nukani kubuye kukhandwe ngalo uMbhemiso wekhanda elingapheli. Kubuye kwenziwe ngalo imbiza yezinsizwa ezihlushwa ukungashobingi kahle, noma ezihlushwa umshobingo ongcolile. Kuningi okwezizwa uNukani ngoba uyangena nakwezeMpinda. Uyaphindisa, uphindisela  iSichitho emuva kubanikazi baso abasakhile , siyohlupha bona. Lona umuthi ongekho engcupheni yokushabalala , kwazise ayisenziwa kakhulu manje impahla yokhuni. Uthe chithi saka nje kulo lonke eleNdlovukazi.

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngaMakhathakhatha. Niphile nina bakaKlebe engimbine ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala,

UNukani

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo