Incazelo ngezintwala zeNgulube

 

 

Nina abeSilo sakithi eNaleni uSihlangu simagqabha sinamanxeba , uVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo kayigwebi ichoma ngazo zombili , uFulathela uBombo lwabhidlika ! Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kulo lonke eleNdlovukazi , ngethemba basaphila abeSilo , cha thina sisaphila eMantungweni kungumhla wesine kuMbasa{EPhreli} onyakeni ka 2023. Nina beSilo njengoba siphila emhlabeni kaNkulunkulu nje ziningi izinto eziwubuthakathi ezenzekayo kubantu bakaNkulunkulu. Ezinye zalezo zinto ukuthumelana , ukuthumelana ngezichitho .Ziningi -ke izinhlobo zezichitho , kukhona isichitho zeQuqu, isichitho seziNduna , isichitho sokungathandeki,  isichitho sezintwana zeNgulube njalo njalo . Ake ngithinte kancane isichitho sezintwala zeNgulube.

Isichitho sezintwala zeNgulube .

Lesi isichitho esibuhlungu kakhulu ngoba simhlaza kakhulu  umuntu osuke ehlaselwe ngaso. Izintwala zeNgulube izintwala ezithunyelwa kumuntu ngobuthakathi, zithunyelwa izitha zakhe .Abantu abakhethi ukuthi bazithumela emuntwini wabuphi ubulili, bayazithumela kowesifazane, bayazithumela futhi nakowesilisa. Lezi izintwala ongeke uzibone ngamehlo njengezintwala ezejwayelekile. Umuntu uzwa ngokuluma kwazo. Bakhona nokho abathi ziyabonakala , bathi uma uzikhama ziyaqhasha ziphume ziwe phansi , bathi ziyabonakala futhi uma ugquma.  Izintwala zeNgulube zihlasela kakhulu izingxenye zomzimba ezinezinwele ikakhulukazi esithweni sangasese. Zihlasela kakhulu uma lowo muntu ephakathi kwabantu , ziluma kabuhlungu kangangokuthi umuntu uyaphoqeka ukuba afake isandla azenwaye. Kuthiwa zisuke zingaphakathi egazini, ezimbobeni lapho kumila khona unwele. Ngakho -ke ukugunda izinwele ngeke kusize ngalutho .  Izintwala zeNgulube ziye zingahambi zodwa , ziye ziphelekezelwe inqwaba yamabhadi. Umuntu onezintwala zeNgulube akalungelwa lutho .Uvele abe namabhadi nje kuvaleke yonke into , kuvaleke izimali , umsebenzi nawo uvaleke angatholi lutho ngisho noma efesa. Nakwezothando kuyavaleka . AmaSoka awahlali kuDade onesichitho sezintwala zeNgulube, kanjalo nezintombi azihlali ensizweni enesichitho sezintwala zeNgulube.  . Umuntu othunyelwe noma ngithi onezintwala zeNgulube akalungelwa lutho . Kwanda amashwa empilweni yakhe kangangokuthi nomsebenzi nawo uvele uphele nje esithubeni kungonakele lutho ,uMphathi wakhe avele amenyanye nje. Uyenyanyeka umuntu onezintwala zengulube . Akathandwa nje nhlobo. Ngisho nomndeni wakhe uyamexwaya impela umuzonde.


Sakhiwa kanjani isichitho sezintwala zeNgulube.

Kuthiwa  uma kukhandwa isichihto  sezintwala zeNgulube kuye kuthathwe idilozi lowesifazane , noma inikha lowesilisa kuyiwe nalo eNyangeni okuyiyona esuke yazi kahle yonke imininingwane  yokuthumela umuntu ngezintwala zeNgulube . Isikhathi esiningi umuntu uthakathwa umuntu abekade ethandana naye phecelezi EX, noma athakathwe yimbangi yakhe kulowo asuke ethandana naye . Noma athakathwe uMnakwabo emendweni. Kwenye inkathi umuntu uma enza leyo nhlobo yobuthakathi akathathi yonke ingubo  kepha udonsa ukotini noma asike nje kancane kuleyo mpahla yangaphansi .Uyowuthatha -ke lowo kotini anikele nawo eNyangeni yakhe , ifike igile -ke imikhuba. . Uzoqala-ke lowo muntu osuke ethakathiwe alunywe kakhulu ikakhulukazi ngasesithweni sangasese lapho kunezinwele khona. Lezintwala zeNgulube zidlanga kakhulu uma lowo muntu ephakathi kwabantu , zivele zihlasele kakhulu impela agcine esezenwaya impela phambi kwabo abantu. Uma eyedwa ziyathula nje . Zidlanga kakhulu nasebusuku , noma uma enomuntu athandana naye . Zivele zihlasele kakhulu impela kangongokuthi nomcimbi wasekamelweni ugcina uphazamisekile. Ayihlali-ke indoda emuntwini onezintwala zeNgulube . Kanjalo nowesifazana akahlali endodeni enezintwala zeNgulune . Izintwala zeNgulube ziyamxosha uMlingani , zifana nesilwane ( utikoloshe) . Kuthiwa abathakathi bayakwazi futhi  ukuthumela izintwala zeNgulube ngoMeqo, beqise umuntu .  Abanye baye bathi ziningi izindlela zokuthumela izintwala zeNgulube.

Ziyelapheka izintwala zeNgulube.

Ziyelapheka izintwala zengulube zihambe impela umuntu aphile impilo eyejwayelekile . Imithi engena eNdukwini yokwelapha izintwala zeNgulube  uMvuthuza , uMunga,uMaphipha ixolo,  iShisizwe uKalimuzi kanye neminye. Le mithi iyagquma , iyaphalaza iphinde igeze .

Engingakusho noma enginganexwayisa ngakho nina beMbube wukuthi anohlala niphosa ihlo njalo uma nichaye izimpahla ocingweni . Futhi ningaziyeki kuze kuhlwe .Anosheshe nizwethule .

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngendabuko , nangekhambi.

 

Lona uMdwebo weNtwala eyejwayelekile , akuyona iNtwala yeNhgulube lena !!

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo