Incazelo ngoVukakwabafile\uMazifisa\Ressurrection Plant\ Myrothamnus flabellifolius .

 

Nina abeGwija lika Mdlaka ligwegwe lijiyeze abasini bengoma! UKlebe engimbone ukwehla kwezikaMangcengeza kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala! Nina beSilo ngiyanibingelela enhla nasezansi kungumhla wokuqala kuNhlaka{uMeyi} onyakeni ka 2023. Ngethemba nisaphila nina beSilo, cha eMantungweni  sisaphila nina beSilo. .

UVukakwabafile:

Nina beSilo lo muthi engiwubona esithombeni kuthiwa uVukakwabafile igama lawo lesiZulu. Udume kakhulu ngelikaVuka.  Kuthiwa ziningi izinhlobo zikaVuka, kodwa lapha kweleNgabade kudume izinhlobo ezimbili , okuyinhlobo eyisihlahla kanye nenhlobo ewutshani ethi ayifane neMpepho. Zombili lezi nhlobo zaziwa ngokusha , zome impela nkwe ngangangokuthi umuntu angazitheza ayozibasa , zivuthe futhi kahle . Kodwa kuleso simo sazo sokusha nokoma lezi zihlahla ziyakwazi ukuphinde zivuke futhi zihlume amacembe noma amakhasi , zibe luhlaza cwe. Kuyileso leso sizathu lezi zihlahla zibizwa ngoVukakwabafile. Zombili lezi nhlobo umsebenzi wazo ukuphakamisa noma ukukhuphula amandla emithi kunoma iyiphi iNduku. Zisebenza ngendlela efana ncamashi neyePhakama. Ziyangena kunoma iyiphi iNduku yokuphalaza , zingenela ukuzokhuphula amandla eNduku. Ziyangena kwezokugquma kanye nezokugeza , nakhona zingenela into efanayo , ukukhuphula amandla emithi. Ziyangena nasembizeni ephuzwa wumuntu osebangwa nezibi , nakhona zingena ukuzokhuphula amandla emithi. Amakhasi omile ka Vuka awuMbhemiso obhenywa umuntu okhathwa ukumongoza . Awathakwa nalutho , asebenza njengebulongwe beNdlovu . Amakhasi asemanzi aye aphekwe abe yiSiphungo esinqanda izinhlungu , noma ukuhlasela kwesifo sokuCinana, phelezi i-Asthma. Abasokoco babuye bangange ngawo uVuka , ikakhulukazi lona owutshani futhi osuke umilele esidulini noma eduze kwazo. Baye bavuse ngawo imikhovu yabo  kanye nezinye izinto zabo ezikhohlakele. Kuthiwa lena kwaSirayeli kukhona inhlobo ka Vuka ebizwa ngeRose of Jericho , bathi imandla kakhulu.

UVuka ubizwa ngeRessuction Plant ngesiNgisi okusho ukuvuka kwabafile. NgesiBhunu ubuizwa ngeOpstandingsplant. Ngolimi lwesiShona ubizwa ngoMufandichimuka, okusho ukuthi “uMafavuke” . IsiShona wulimi olukhulunywa eZimbabwe . NgesiNdebele saseMpumalanga kuthiwa uMazifisi.

Khumu !!


Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngeziNduku.

UVuka

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo