Umlando ngesizwe samaNdebele asesifundazweni saseMpumalanga:

 

Isizwe samaNdebele namuhla sisithola esifundazweni saseMpumalanga , endaweni ebizwa ngaso , okuthiwa kukwaNdebele. INzalabantu yesizwe samaNdebele kuthiwa uNdebele , owabe engenye yamadodana enkosi uMnguni ka Ntu, okuthiwa nguyena odabula wonke amaNguni. Lesi sizwe samaNdebele asihlobene nabakwaNdebele abathokala kwaCeza, futhi asihlobene nabakwaKhumalo.

Ulibo lwamakhosi akwaNdebele:

UNdebele wazala uMkhalangana owazala uMntungwa , uMntungwa ongeyena owakwaKhumalo noma kwaMabaso. Lo Mntungwa wazala uJonono. Ngesikhathi isizwe samaNdebele sibuswa yinkosi uJonono sasizinze endaweni osekuseMnambithi khona namuhla. Kuthiwa inkosi uJonono yakhothamela khona eMnambithi, neDlinza layo liseMnambithi endaweni eyaqanjwa ngayo okuthiwa kuseJonono’s Kop. Inkosi uJonono yazala inkosi uNanasi , yona yazala inkosi uMafana . Inkosi uMafana yazala inkosi uMhlanga , inkosi uMhlanga yazalwa inkosi uMusi. INkosi uMusi ka Mahlanga yesizwe samaNdebele ayihlangani nenkosi uMusi ka Mhlanga yaseMaHlutshini, kwaqondana nje ukufana kwegama le ndodana nelika yise. Kwahamba kwahamba amaNdebele ankanisa endaweni eyaziwa namuhla ngokuthi kuseMohlakeng esifundazweni zaseGauteng, eRandfontein. Kuleya ndawo nakhona agcina esefudukile, afudukela endaweni esiwathola khona namuhla , kwaNdebele.


Umlando noFuduko:

AmaNdebele angamaNguni, nawo adabuka enhla nezwe lena koSudan njengawo wonke amaNguni. Kuthiwa ngenkathi esuka lena enhla nezwe afike ankanisa endaweni eyayaziwa njengendawo yamaNguni, indawo eseNingizimu Mpumalanga ye-Afrika eyayisuka ezindaweni ezihlanganisa indawo eyaziwa namuhla ngeKwaZulu Natal, Swaziland kanye neMpumalanga yeTransvaal. Njengoba besengishilo, babefike kuleya ndawo beluqhamukisa enhla nezwe , lena koSudan njengawo wonke amaNguni.  Ngesikhathi soFuduko kuthiwa bazinza kakhulu endaweni yaseMnambithi , ngaleso sikhathi babebuswa yinkosi yabo uJonono ka Mntungwa . Kuthiwa inkosi uJonono yakhothamela khona eMnambithi ngaseJonono’s Kop. Isizwe samaNdebele sagcina sifudukile kuleya ndawo yaseMnambithi sasingisa amabombo lapho sekuseGauteng khona namuhla. Kuleya ndawo yaseGauteng  bazinza ngaseMohlakeng ngaseRandfotein. Ngaleso sikhathi basebebuswa yinkosi yabo yinkosi uMhlanga. Igama elithi Mohlakeng lihumusheka ngokuthi kuseMhlangeni ngesiZulu.Kuhambe kwahambe isizwe samaNdebele sagcina sifudukele  endaweni eyaziwa ngokuthi kukwa-Mnyamana ngasePitoli, ngaleso sikhathi isizwe sasesibuswa yinkosi uMusi ka Mhlanga .Inkosi uMusi yagcina ikhotheme. Ngemva kokukhothama  kwenkosi uMusi isizwe sahlukana phakathi saba  izizwe ezimbili, amaNdzundza kanye naManala ngenxa yombango woBukhosi. UNdzundza kanye noManala babengamadodana enkosi uMusi ka Mhlanga. Amanye amadodana enkosi uMusi kwakungo Sikhosana owayebuye aziwe ngoMasombuka, uMthombeni owayebuye aziwe ngelikaGegana, owazala abakwaKekana, uSibasa,uDlomo, uMpafuli, uMhwaduba kanye nabanye. UMasombuka wazinza neqembu lamaNdzundza kwathi uMthombeni noSibasa balibangisa enyakatho nabalandeli babo. USibasa ngokuhamba kwesikhathi wazibandakanya  namaVenda. UMthombeni wakha ngasentabeni uMgombane ngaseMokopane eLimpopo. Indawo yaseMokopane yagcina iguqulwe igama ngo1852 , yabizwa ngokuthi yiVredenburg, okuhumusheka ngokuthi ‘idolobha lokuthula, phecelezi Town of peace’.UMrhwaduba wazibandakanya namaPedi ngaseTurfloop eLimpopo. Kuthiwa inkosi uMusi yatshalwa ngaphansi kwesihlahla endaweni eyaziwa ngokuthi kuse Wonderboompoort. Emuva kokukhothama kwayo kwabusa indodana yayo uNdzundza , okuphuma kuye isibongo sakwaNzuza , oNozishada. UManala naye waziphembela obakhe ubukhosi obusekhona nanamuhla, kuyena kuphuma abakwaMabhena kanye nabakwaMasilela. Inkosi uNdzundza yalandelwa indodana yayo uMxetsha , yena walendelwa indodana yakhe uMagoboli. Inkosi uMagoboli yona yalandelwa indodana yayo uBongwe. Kuthiwa inkosi uBongwe yashesha yakhothama . kuthiwa yabusa okweminyaka emithathu nje kuphela. Kuthiwa ngemuva kokukhothama kwenkosi uBongwe ubukhosi babanjwa uSindeni. USindeni wabe engumfowabo wenkosi uBongwe, bobabili babezalwa inkosi uMagoboli. Ngezizathu ezingaqondakali , ubukhosi bagcina bungaphindelanga esendeni lenkosi uBongwe, akucaci noma isizathu kwaba ukungabikho kwezingane zabafana. Ubukhosi baqhubeka kuSindeni. Yena kwathi ngemuva kokukhothama kwakhe kwabusa indodana yakhe uMahlangu . Inkosi uMahlangu yalandelwa indodana yayo uPhaswana. Inkosi uPhaswana yalandelwa indodana yayo uMarhidili. Inkosi uMarhidili kuthiwa yalandelwa ngokukhulu ukushesha ngamadodana ayo oMdalanyana, uMgwezana , uDzele kanye noMxabule. Wonke lamadodana sengathi akhothama ngokubulawa. Owokugcina uMxabule wabulawa indodana yomfowabo , uMagodongo ka Mgwezana.

Inkosi uMagodongo ka Mgwezana .

Inkosi uMagodongo yabusa ngesikhathi sokubusa kweLembe KwaZulu, iSilo uShaka. ISigodlo senkosi uMagodongo sasaziwa ngokuthi kukwaMaza. Uyise wenkosi uMagodondo kwabe kuyinkosi uMgwezana ka Marhilidi ka Phaswana ka Mahlangu. Kuthiwa inkosi uMagodongo yabe iyinhle kakhulu ngeKhubalo , kuthiwa yayiphatha umuthi othi thi! Kuthiwa yayingena nesikhuni esivuthayo emanzini ,icwile ishone phansi naso , iphume naso sisavutha bhe. Kuthiwa yayisatshwa kakhulu ngenxa yokwazi aMakhathakhatha. Esihlalweni sobukhosi yangena ngokubulala uyise omncane uMxabule ka Marhidili. Uyise wenkosi uMagodongo naye wayeke wabusa kodwa wakhothama engakabusi isikhathi eside. Inkosi uMagodongo yabusela eSigodlweni sayo sakwaMaza. Ngowe 1825 kuleya ndawo yaseTransvaal kwafika inkosi yaBathwakazi , inkosi uMzilikazi eyayisuke KwaZulu kulandela ingaxabano yayo neLembe , kubangwa izinkomo ezazidliwe inkosi uMzilikazi kubaTlokwa, ithunywe yiLembe. Inkosi uMzilikazi yabe seyakhe iSigodlo zayo eziningana kuleya ndawo yaseTransavaal , esingabala uMhlahlandlela, iNkungwini , iNdinaneni kanye nezinye. Kuthiwa inkosi uMzilikazi yathi uma ifika kuleya ndawo yexwayiswa ngabantu mayelana nezintelezi zenkosi uMagodongo. Kuthiwa abantu bayidonsa ngendlebe bathi ingalinye ihlasele inkosi uMagodongo ngoba inezintelezi ezinzima kabi. Kuthiwa izinyanga zenkosi uMzilikazi nazo zazingazibekile phansi , zilala ziphenduka , zizama ukuqhamuka nesu elalizoqumba phansi inkosi uMagodongo. Kuthiwa langa limbe inyanga enkulu yenkosi uMzilikazi uMphubane waseMazizini wagcina eqhamuke nesu lokuthi kwebiwe indle yenkosi uMagodongo , maqede isetshenzwe ngemithi ukuze inkosi uMagodongo iphelelwe amandla. Ngempela kuthiwa izinyanga zenkosi uMzilikazi zayilandela inkosi uMagodongo ngenkathi iyozikhulula , zathatha indle yayo zayoyinika inyanga enkulu uMphubane owayisebenza ngaMakhathakhatha. Kuthiwa kwedlula izinsukwana isikhuni saqala ukucisha  uma inkosi uMagodongo ingena naso esizibeni. Lokho kwahumusheka ngokuthi ayesephelile amandla enkosi yabakwaNdzundza. Yagadla-ke eyakwaSokhumalo, yamudla ngeJozi uMagodongo . Yashisa neSigodlo sakhe , saseSikhunjini , okuyiSigodlo inkosi uMagodongo eyabe isanda kusakha.  Kuthiwa inkosi uMzilikazi yathumba ingxenye yamaNdzundza. Kuleyo ngxenye inkosi uMzilikazi yagcina ibuthe ibutho layo elalaziwa ngokuthi iZimpangele. Induna yalo okwabe kunguMvaleleni Mahlangu owazala uSivalo .USivalo waba yiNduna yeSigodlo senkosi uLobhengula sakwaBulawayo , osekuyidolobha manje. Impi yenkosi uMzilikazi yabulala nesinye sezikhulu zakhona kwaNdebele, ogama laso kunguSibindi ka Mdibane. Abantu abathunjwa inkosi uMzilikazi namuhla baziwa ngezibongo ezifana nesakwaMabhena, esakwaSibindi , esakwaMthombeni {Ndlovu}, esakwaMasilela, esaSikhosana , esakwaSilamba , esakwaMahlangu, kanye nezinye .

Inkosi uMabhoko ka Magodongo:

Ingxenye eyasinda ekuhlaseleni kwenkosi uMzilikazi yabalekela  ngaseNamashaxelo,eduze nendawo okwakunkanise kuyo amaBhunu    , eyaziwa manje ngokuthi iRoossenekal. Leyo ngxenye yayiholwa indodana yenkosi uMagodongo okwakukuphela kwayo , uMabhogo\uMabhoko ka Magodonga . Kuhlawumbiselwa ukuthi kwabe kuyizikhathi zo1826 ngaleso sikhathi. Kuthiwa inkosi uMabhoko yabusa kwaze kwaba unyaka ka 1865 . Inkosi uMabhoko yabusa ngesikhathi esibi , isikhathi sokwanda kwamaBhunu okuthiwa ayeyimise kabi impela. Kuthiwa inkosi uMabhoko yakhothama ngowe 1865. Ngemuva kokukhothama kwayo kwabusa indodana yayo uNyabela  owabusa kusukela ngowe 1879 , kwaze kwaba unyaka eyakhothama ngawo , u1902. Ngaphambi kobusa kwenkosi uNyabela kuthiwa kwabusa uSoqaleni owabusa kwaze kwaba unyaka we 1873, kwalandela uXobongo owabusa kwaze kwaba ngowe 1879. Kwase kuthatha inkosi uNyabela. Sengathi oSoqaleni noXobongo babusa njengamaBamba, sengathi babe bengabakwaMasilela . Ngokuzayo sizowuqhuba lo mlando , siwususe enkosi uNyabela ka Mabhoko. Ayavela amagama amakhosi amaNdebele ezibongweni zenkosi uMzilikazi uma kuhtiwa “UNsalela zeNkasa zahaq’uMgombane kwabakwaKekana khon’emigedeni! ISikhonyane sishayel’emphandwini, saye sashay’ikhuhle emigedeni, ikhanda lazalela oZozo kuMagodondo , amathambo aye abuthwa nguMabhoko”…

Uyaqhubeka……..kodwa esingakuphawula wukuthi lesi sizwe samaNdebele asihlobene nabakwaKhumalo, futhi asihlobene nabakwaNdebele bakwaZulu, oMazankosi. OMazankosi bauyingxenye yamaNtshali.

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi “Kholo Khumalo TV “ ufunde ngomlando ngamakhambi ……….

 

AMANDEBELE

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo