Incazelo ngoMvalasangweni ( White gardenia, Forest Gardenia, Wild Gardenia )

Nina abakaNgalo simqingo ngoba ziyakwazi ukuphatha iSibhamu zinjengezabeSuthu bakoFebane! INgqongqo yemikhonto iyazibanga izililo iyazibanga izinyembezi! UMagwaza ayiqhube ayise eKhakonina kwaSothondose!

Enhla nasezansi ngiyayibingelela yonke iNgabade kuwumhla zinhlanu kuMbasa onyakeni ka 2023. Ngethemba basaphila abeZulu eliphezulu , cha thina sisaphila eNdinaneni. Nina beQhawe lo muthi eniwubona esithombeni kuthiwa uMvalasangweni igama lawo. Ngezikhathi zakudala ihlahla loMvalasangweni lalisetshenziswa ukukofola , okuyindlela yokususa ukhula emasimini kusetshenziswa igeja lezinkabi, noma lona ihlahla lo Mvalasangweni, lihudulwe izinkabi. UMvalasangweni ubizwa nge   White gardenia ngesiLungu,  noma ngeForest Gardenia, noma ngeWild Gardenia . NgesiBhunu ubizwa nge Witkatjiepiering, noma ngeBuffelsbal, noma nge Kannetjieboom. NgesiXhosa uMvalasangweni ubizwa ngoMkhangazi. Elinye igama lawo lesiZulu uMkhwakhwane.

Wenzani uMvalasangweni?

Nina beSilo uMvalasangweni usebenza ukuvala , njengoba negama nalo lizisho. Uyangena uMvalasangweni kwezogomela iSibhamu , uvala inhlamvu ukuba ingashayi enyameni , ishaye eceleni , noma iSibhamu singadubuli nhlobo . Uye uthakwe neminye imithi , kuye kuthakwe nesilwane esibizwa neSilwane. Ekuvaleni kuye kusebenze kakhulu isithelo sawo . Siyangena nesemithini evala umfazi ukuba angaphingi, sibulala imizwa yeShende uma behlangane, kuwe uBhoko lwesisu lungasenzi. Nakhona uye uthakwe neminye imithi. Izinduku zoMvalasangweni bavala ngazo izigubhu zeZangoma. UMvalasangweni uyangena kwezokucupha ikhaya, uvala ubuthakathi. IMbewu yoMvalasangweni iyangena kwezokuziqinisa, yenza ukuba abantu bengakwazi ukukukhafula noma ukukuphephetha, noma ukukuphehla oKhambeni. Ungena ezinsizini zokuqina. Uma kuchelwe ngawo ikhaya uvala imimoya ukuba ingangeni ekhaya. Kanti nabathakathi nabo bayawusebenzisa, bayawuthaka emithini yabo abaphehla ngawo amanzi amnyama , bayawuthaka nasemithini yabo abavala ngayo amabhizinisi abantu , izinhlanhla zabantu kanye nokunye. Izimpande zoMvalasangweni zinhle kakhulu ekukhipheni inyongo nezindenda ngokuphalaza. Zithakwa neminye imithi. Kanti uma uphuza iSiphungo sazo zilungisa isikhumba , kushe izinduna kanye namabala ezithweni nasezingalweni. Kuthiwa endulo izimpande zoMvalasangweni zazingena embizeni yesifo soChoko , phecelezi Leprosy. Kahle -hle izimpande zoMvalasangweni ziwumuthi wesikhumba kanye namanxema. Umqotho wazo osuyimpuphu uye unanyekwe emanxebeni amasha , kanye namadala. Izimpande zibuye ziphalazele iMfiva. Ingcino noma inhlaka yoMvalasangweni iwumuthi omkhulu wokuhlanza isisu , ngokukhipha umuntu aye ngaseNdlini encane. NeXolo loMvalasangweni nalo liyakwazi ukuphalaza likhiphe eningi inyongo le. Isithelo soMvalasangweni siyangena nakwiSibambelelo.


Khumu!

Ngena kuYou Tube wethu osihloko sithi”Kholo Khumalo TV” uthole olunye ulwazi ngamakhambi. Niphile nina aboVava lweNkunzi yakithi kwaKhethomthandayo , ayigwebi ichoma ngazo zombili! USihlangu simagqabha sinamanxeba!

 

Tags:
Umbhali: Bongukholo Khumalo