Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Khumalo

AbakwaKhumalo!!!!! Njengoba abaNguni behlukaniswe izigaba ezinhlanu, kukhona abaNguni baseMbo, abaNguni baseButhonga, aMaNtungwa Nguni , AMaLala noma AmaNhlenga Nguni, kanye namaMaDebe Nguni. AbakwaKhumalo bawela esigabeni saMaNtungwa Nguni, baphinde baziwe ngokuthi bangaMantungwa(hhayi isigaba sobuNguni) ngoba bezalwa nguMntungwa indodana kaMbulazi kaNdabezitha kaMmusi 2 kaMmusi 1..UMbulazi wayenamadodana amabili , okwakunguMntungwa kanye nomnewabo uMabaso(owesibongo) Ngesikhathi sokubusa kweNkosi uShaka kwaZulu umutnu owayebusa, noma owayeyinkosana yabantu bakwaKhumalo kwakunguMagugu indodan... qhubeka ufunde »

Mchunu

AbakwaMchunu!!! ……………………………………………………………………………. Abantu bakwaMchunu bangaMaNtungwa Nguni njengabantu bakwaZulu, Khumalo kanye no... qhubeka ufunde »

Nzuza

AbakwaNzuza!! ……………………………………………………………………………………….. Abantu bakwaNzuza ngokusempeleni akusibona abakwaZul... qhubeka ufunde »

Buthelezi

AbakwaButhelezi!!!!! …………………………………………………………………………………………. Uma kukhulunywa ngendawo yaseMcakweni k... qhubeka ufunde »

Mhlongo

Umlando ngesizwe saseLangeni, abakwaMhlongo: *Kulanda uSomlando waseLangeni, uMnu Nqobani Mhlongo* Thina baseLangeni siyiSizwe ngokomlando oxoxwayo esaqhamuka enhla nezwekazi laseAfrica.ngokokuzinza kwekoMkhulu loMbuso weLanga/waseLangeni… Ngokomlando ke sifike kuleli kudala sehle ngomzila ogu... qhubeka ufunde »

Xulu

AbakwaXulu!!! …………………………………………………………………. AbakwaXulu ngamaNtungwa Nguni . Amandulo babakhelane nabantu bakwaSibiya kanye nabaseLangeni(Mhlongo). Ngales... qhubeka ufunde »

Ntuli

AbakwaNtuli [ noma ngithi abaseMabheleni] Abantu bakwaNtuli kwaba ngeside isikhathi baziwa ngokuthi bangamazimuzimu behlala endaweni yabo okwakuthiwa kuseLenge. ILenge lena yintaba eseMnambithi ezansi nomfula iWashibhange, ibhekane nentaba yaseMhlumayo. Ngesilungu le ntaba yaseLenge kuthiwa yiJobsto... qhubeka ufunde »

Mthethwa

AbakwaMthethwa!!!!! Isizwe sakwaMthethwa singesinye sezinkulu emlandweni wakwaZulu ikakhulu ngesikhathi sokubusa kweNkosi uGodongwana kaJobe(Dingiswayo). Phela abeNguni behlukaniswa izigatshana, abakwaMthethwa bona babizwa ngokuthi ngaMalala.. Abantu bakwaMthethwa badabuka eNyakatho nezwe lakwaZulu,... qhubeka ufunde »

Zuma

AbakwaZuma!!! Ukuze kuthiwe ngabakwaZuma kwathathelwa edlozini labo uZuma owazala uDzama.. Owayephila ngezinkathi zikaLuzumana wakwaZulu.. Imvelaphi yabantu bakwaZuma ngabeSuthu, aBatlokwa. Baliqhamukisa eLisuthu banqamula ezintabeni zoKhahlamba behla njalo baze bafika oThukela. Ekuluweleni kwabo ba... qhubeka ufunde »

Mpungose

AbakwaMpungose!! Abantu bakwaMpungose kuthiwa baphuma kubantu bakwaGwabini(Zungu). Abantu bakwaMpungose babizwa kanjena ngoba kulandelwa igama lomsunguli walesi sizwe. UMpungose lona wayevela emndenini wendlunkulu kaMalandela uNozinja unina woQwabe benoZulu. Uyise kaMpungose kwakunguPhahla. Ngenxa y... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!