Zulu

Izibongo zeSilo uShaka kaSenzangakhona

INyosi : uMxhamama kaSoshaya wakwaSibisi

UDlungwane kaNdaba*!
UDlungane woMbelebele!
Odlung’emanxululumeni
Kwaze kwasa amanxuluma esebikelana

UMjokwane aNdaba
Usalakutshelwa usalakunyenyezelwa
Usishaka kasishayeki
Unodumehlezi kaMenzi
Ilembe eleq’amanye
Amalembe ngukukhalipha

Igawu bazakuliluma
Bazakuliphimisa
Bakhumbule amagawu abebesi
Uteku lwabafazi bakwaNomgabhi
Ababetekula behlez’emlovini
Beth’uShaka !
Akayikubusa , kayikuba ‘Nkosi
Kanti kuyinyakana
UShaka ezakunethezeka

UShaka ngiyesaba ukuthi nguShaka
UShaka kwakuyiNkosi yaseMashobeni
Umlilo wothathe kaMjokwane
Umlilo othathe ubuhangunguhangu
Oshise izikhova eziseDlebe
Kwaze kwasha neziseMabedlana

Inkom’ekhal’eMthonjaneni
Izizwe zonke ziyizwile ukulila
Iziwe nguDunjwa waseLuyengweni
Yeziwa nguMangcengeza wakwaKhayi
Yaye yezizwa ngamaNtungwa akwaSokhumalo

Intethe egolwe ngazinti zamkhonto
kwaMalandela
Yathi ukusuka yajubalala
Ungezwa bethi valela njalo Solunjalose
Kanti kabasho kuwe
Wena kaNdab !

Basho unyoko uMbulazi
Yena ovalele iNgonyama endlini
Odabule kuNdima noMgovu
Abafazi abanendeni baphuluza
Imikhubulo bayishiya izinqindi
Imbewu yasala emanxiweni

Odabule kuBhuzane phezulu
Wakhethelwa udwedwe lwamaza
Wadlula kuMcombo zigoduka
Wabuz’indlela kuDunjwa
Kanti ngabe uyibuze uBhuzane
Owandulele ukuya kwaNomagaga
Lafika iqhude lamvimbela

ILanga eliphume linsizwa
Lathi liphezulu lansasa
Ngoba lifuna ukothiwa
Yimizimbazimba
ILanga eliphandle elinye ngemisebe
Ngoba liphandle elaseMathandeni

Ozulu lizayo khwezani abantwana
Ngabadala bodwa abazozibalekela
UDunjwa yedwa limkhandanisile
Uye wakha amanxiwa oThukela
Lapho kucushwa isilo ngomwowane

Ohamba ebasa amakloba
Ophehlwe weva wanjengomlilo
Imamba edl’umuntu bathi iloyelwe

Okhangel’ezansi naMadungele
Izinkomo zawoSihayo zamlandela
Kwaze kwalandela nezawoMafangosi
Ebezisengwa yindiki yakwaMavela

Ungangencumbe yamabele engadliwa
Ungangembiza yamashongololo
Uphekwe ngembiza enkulu
Ebipheka aMakhosi akwaNtombazi
Kavuthwa uShaka kaqedwa

Wayilanda inkomonye
Ilandwa kuMakhendama
Ekhaya konina
Izulu elidume emva komuzi eKuqobekeni
Laduma lazithatha izihlangu zaMaphela

Wamudla uNomhlanjama ezalwanguZwide
Wamudla uNqabeni ezalwa nguZwide
Wamudla uMphepha ezalwa nguZwide
Wamudla uDayingubo ezalwa nguZwide

Wamudla uNombengula ezalwa nguZwide
Wamudla uMpondophumelakwezinde
emaPheleni
Wamudla uMtimona ezalwa nguGaqa
emaPheleni

Wamudla uMdandazi ezalwa nguGaqa
Wamudla uMakhwela ezalwa nguGaqa
Wamudla uNozigaba kaTatho
Wamudla uNkayishana eCwecweni

Ondande ngokhalo, wabuya ngokhalo
Waya ngoBhoyiya kwaMdakuda
Wandanda ngokhalo olude
Wadabula emathanjeni abantabakaThayi
Ababegodola beya kuMacingwane
eNgonyameni

INdlovu ethimuka babeyixokozelela
abasElangeni
Ibuyise inhloko yadla amadoda
USilwane helele!
Emizini yabantu
USilwane ubengelutho
Ubeyinduna kwaDibandlela

OZihlandlo kaGcwabe ngibasolile
Abasokoco !
INkosi kabayitshelenga izibuko
Bayiweze ngelisaconsa amathe
Ebelisasuka kuphela
UNtube wakwaMajola

Amanzi omthombo wakwaNonamba
Engiphuze kuwo ngaze ngagangatheka
Ngaphos’ukudliwa zimamba
UMlunguzi wezingoje
Izingoje zilunguzelane

INyathi esihamba isengama amazibuko
INyathi ejame ngomkhonto phezu
koMzibvubu
AmaMpondo ayesaba nokuyehlela
Nani boGambushe
Nani boFaku

Ningingamhlami okaNdaba
Ukuba nimhlabile
Kobe senehlabe uPhunga
Nahlaba uMageba

Wahlangana nodwendwe lwamankankane
Mhla eyakudla amaMpondo iziphukuphuku
INtaba emahwanqa kaMjokwane*
Ebingadli mihlambi yankomo
Ebidla imihlambi yezinyamazane
Obesixhokolo singamatshe aseNkandla
Abekade ephephela izindlovu ukuba liphendula

ULusiba gojela ngale kweNkandla
Lugojela nje ludla amadoda
INdlondlo yakithi kwaNobamba
INdlondlo ehamba ibanga amacala
UNdaba ocaba ngomkhonto
Amanye amakhosi ecaba ngamazembe

Ubhiyoze kuNomangci phezulu
Eyakunqamula umbango wakwaNyuswa
Kwakungabangwa lutho kwaNyuswa
kwakubangwa izinhlakuva emanxiweni
Bethi nkete nkete
Lindani amajuba

Umxoshi womuntu amxoshele futhi
Nanku lapha ngimthanda khona
Ngimthanda exosha uZwide ezalwa nguLanga
Emthabatha lapha liphuma ngakhona
Emsingisa lapho lishona ngakhona

UZwide wampheq’amahlonjan’omabili
Ukuma kwakhe
Umuntu omdala
Ukwethuka okusha

Buya Mgengi !
Indaba usuyizwile
UZwide umphendule isigcwegcwele
Namuhla futhi usamphendula ndodana

Izindaba ngazizwa ngesalukazi
Sona singumasala emanxiweni
Izindaba ngazizwa ngexhegu
Lona lingumasala emzileni
UMaswezisela omnyama
Wakithi kwaBulawayo
Oswezisele uZwide ngamagqanqula

USishaya ndlondlo kaMjokwane
Ubusika nehlobo bahlukene
ObakwaNtombazi nobakwaLanga
INkonyane ekhwele phezu kwendlu
kwaNtombazi
Bathi iyahlola
Kantyi yibona abahlolayo

Uthi lwempundu oluhlala izikhova
Oluhlal’uPhungashe wakwaButhelezi
Ubhincakade waze wafunyaniswa
Ovunulel’ezimfundeni zamanzi
Izinto zakho zamuka namanzi

Mgengi pheza izitha kusehlobo
Utshani bude buzokugibanisa
UKlebe engimbone ukwehla
kwezikaMangcengeza
Kwathi kwezikaPhungashe wanyamalala

Kwakungasakhali nkomo kwaNtombazi
Inkomo yayisikhala kithi kwaBulawayo
UGasane kade lubagasela
Lugasele uPhungashe wakwaButhelezi
Lwagasela uSondaba woMthanda
Ehlezi ebandla

Lwagasela uMacingwane eNgonyameni
Lwagasela uNxaba kaMbekane
Lwagasela uGambushe emaMpondweni
Lwagasela uFaku emaMpondweni

UDlondlwane luya luhlezi
Luya ludlondlobele
Luyadla lubeke isihlangu emadolweni
Isidlukula dlwedlwe
Uhlanya olusemehlweni amadoda

Unkomo zabontu inkelenkele
Zikhungele izibongo emashobeni
UMasukwana kus’onjengeNgonyama
UMasuku ubehamba kwaMadilika
Uhlumayo lumananga ,uDlungwane
Uhlumayo lumananga lunkone
UMananga ubengelutho
UMananga ubeyinduna kwaJiyampondo

Siphuphuma simadel’imiyalo
Obhoboze isikhala emaNcubeni
Weza noMvakeli ezalwa nguDlaba
Weza noMaqobho ezalwa nguDlaba
Weza noKhwababa ezalwa nguDlaba

UMsingi wazansi wosinga nasenhla
Woze usinge lapho kushona khona ilanga
Ovuso eladla umntana osesiswini
UMavuso ubeyinduna kwaNomgabi

Odle imihlambi kungeyabahwebi
UNgelengele kalingani nantaba
Wena omkhulu kakhulu
ONgangezwe lakhe

UngangoMpehlela noMaqhawakazi
Ongangesihlahla esisokhalweni kuMaqhwakazi
Esasihlala amaNdwandwe namaNxumalo

UQangabhodiya wawoMkabayi
Ungisize Maphitha ninoNgqengelele
Umnike nkonye afunde ukukleza
Umnike ukhande lpkuzimbela

Osifu sinenqaba
UBayethe kaNdaba
UNdaba ngiyameba, ngimuka naye
Ngimbuka kwehla nezinyembezi
Kuba sengathi ngubuka isihlahla soMdlebe

IGwija likaMdlaka ligwegwe
Lijiyiza abasini bengoma
UNdaba ulududu emanxulumeni
UDlungwane ongenamthekeleli

UShaka ufumanise izilwane zimbili
Zihlangene phakathi kweNsuze noThukela
Izilwane kunguThondolozi noSihayo
Wafika waphonsa ihawu zahlukana

Ogcagce emagcekeni koPhuthile
Wadla uMsikazi koNdimoshe
Wadla umfazi mka Sukuzwayo
Wadla uSukuzwayo nendodana
UHlabuhlungu bazoshumayezana
Nabasezitheni nabasemakhaya
Uhlaza lwangayinyongo yenyamazane
UVemvane lukaPhunga noMageba
Olumabala azizinge sengathi abekiwe

UMzizima ongamathunzi ezintaba
Khona kuhlwa kuhamba abathakathi
Ubhidi elimathetha nangazinyembezi
INgqayingqayi kaPhunga noMageba *
Engiyibuke ngaze ngayejwayela
UMasengo mahla inkonyane yenkomo
Kwangixaka ukukhaba kwale nkomo
Yakhaba osengayo yadela ummbambi
Umoya womzansi womngenela
Ohleze ubangenela nangomnyango

Oth’esadla ezinye wadlezinye !
Wath’esadl’ezinye wadlezinye !
Oth’esadl’ezinye wadlezinye !
Wath’esadl’ezinye wadlezinye !
Bayethe ! Hlanga lwamakhosi !

IBinda Nkosi

AbakwaZULU[Isibongo].

Isibongo sakwaZulu sasingaziwa ngaphambi kweminyaka yawo-1600, ngoba ngaleso sikhathi yayingaziwa indaba yesibongo. Kwakusagqame ukufuduka kakhulu. Lesi sibongo sivela kumaNtungwa Nguni. Lokho kusinikeza umqondo wokuthi lesi sizwe sivela eNingizimu neNtilasifali, njengoba cishe sonke sazi ukuthi onke amaNtungwa Nguni akhe kwelaseNatali aqhamuka kulesi sifunda. Lapha sizogxila kakhulu kuMalandela okunguyena okunguyena nzalabantu, nokunguyena okugxile kuyena umlando walaba bantu bakwaZulu ngesibongo hhayi ngobuzwe
…………………………………………….

UMalandela kaLuzumane::

UMalandela kuthiwa uzalwa nguLuzumane kaMnguni kaGumede. Wayakhe laphaya ngaphesheya komfula uMhlathuze egqumeni elaziwa ngokuthi kuseMandawe. Wakha umuzi wakhe wawubiza ngokuthi kusoDwini. Wakha lapho ngoba efuna indawo ephakeme. Kodwa akahlalanga lapho isikhathi eside, ngoba wabuye wasuka sengathi amabombo wabuye wawabvhekisa emuva, wawela uMhlathuze wenyukela ezintabeni zaseNkwenkwe.
Wawela umfula owaziwa ngokuthi kuseMfule uma wedlula kancane edolobheni laseMalimade, bedlula njalo bakhwela ezintabeni zaseMthonjaneni, behlela emthonjeni woMkhumbane bagudla uPhathe, baze bawela uMkhumbane kanye noNzololo, baze bayofika ngasemfuleni iMpembeni lapho sibona sengathi uMalandela wabona ukuthi usefikile eKhanani, ngoba kabange besadlula lapho. Sengathi yilapho aze akhothamela khona eshiya amadodana akhe agqamile okwakunguQwabe omdala ,nomnawakhe uZulu esandleni sikaNtombela kanye nondlunkulu wakhe uNozinja(UMaGwabini).
Ngaphandle kwasOdwini , iNkosi uMalandela yaphinde yakha inqwaba yemizi, esingabala iZimpungutshana, Ophindweni, kwaNkomonye, Ndlovana neminye… KwaNkomonye manje kwaziwa ngokuthi kukwaNobamba..

IZibongo zeNkosi uMnguni kaGumede::

INkwenkwezi yakithi oHlangeni
Eyaphuma umthala wadabuka
IZilo zonke zomhlaba zabikelana
Ukhaba lemikhonto
Elamila ezifubeni zamadoda
UMashwila ongasihlahla somdlebe
INkonyane yoHlanga
Iyadla iyaphindelela
UMagwanda aziyeke zibulalane
UNonjilwayo onjengesiphepho
UMningi omakhandakhanda
UMnguni omnyama
Wakithi oHlangeni
USikhangane kaGumede onjengelanga
Igode elimagaqa
ISilo esimangele
Sakithi oHlangeni
Inkungu esibekele
Izwe lamaphathelo ngomkhemezelo
‘Ibinda Nkosi!

Imizi yeNkosi uMnguni kwakusOhlangeni, eBabanango neminye:::
..
IZibongo zeNkosi uMalandela::

INgagal’emabala
Inyoni ezibuka ukuphenduka
Ibuke iningizimu
Yagqugqa yezanemvula
Umthala oshay’iznhlu
Phakathi kwezintaba ezimbili
IThala neBabanango
Unkomo zinogagu
Zithwel’iningizimu
Nangezimpondo
Imamba enamanxeba
Emikhonto nawezinhlendla
UMalandela ngokulandela
Izinkomo zamadoda
Ingondla mkhonto
YaOphindweni
Ithi yiwona
Ongubaba nongumama
Oyakungilamulela
Khawuleza Nkuna yoHlanga
Yasha imizi yamaphethelo
Ubasibekele ngenkungu
Yakithi oHlangeni
Ubhaka lesizib’esimnyama
Sakithi kwaNkomonye
Esihlamb’amadoda
Anonophala
‘Ibinda Nkosi’
………………………………………………………………………………………………………………………..

UZulu kaMalandela::

Ekukhothameni kukaMalandela kwasala kwaba nombango phakathi kukaQwabe nomnawakhe uZulu(lawa amadodana kaMalandela kaLuzumane). Imbangela yengxabano kwakuyizinkomo eziyinyoni kayiphumuli okwakungezikaNozinja, unina wabo.
Lezi zinkomo ezibangwayo kwathi ngesikhathi uMalandela esekhona undlunkulu wakhe kwakungumuntu okhuthele kakhulu. Wayethi uma enza imisebenzi yezandla abayifunayo babemnika izimbuzi, yena azishintshise uma seziziningi ngezinkomo. IsiZulusithi inkosana kama indodana encane. Nakho-ke noZulu wayeyinkosana kanina uNozoinja. Ngalokho-ke uNozinja wasikela indodana yakhe encane uphawu kuzo zonke lezi zinkomo zakhe kanye nezimbuzi. (Phela kuthiwa uQwabe wayengenandaba nemfuyo, waye khonze kakhulu ukuzingela). UQwabe njengendlalifa kayise uMalandela wayelindele ukuthi uzodla konke okuyifa likayise ebala nezinkomo zikanina. Indaba izosuka ngesikhathi sekukhothama uMalandela, lapho uQwabe esefuna ilingelo lakhe lobukhosana, kwaphinda esika-Esawu noJakhobe basendulo, ngoba watshelwa ngunina ukuthi konke kungokwakhe lokho obekungokukayise kodwa hhayi lokhu okungokwakhe ngoba lokho kuyifa likaZulu amabela lona ngoba engenakuthola lutho efeni likayise. Kwamthukuthelisa kakhulu lokhu uQwabe. Ekushoneni kukaMalandela , abafana bakhe(oQwabe noZulu) wabashiya kumnawakhe uNtombela kaLuzumane nomdlunkulu wakhe. Ngakho isinqumo samchitha uQwabe, ngalokho wadikila wahamba washiya ikhaya walibhekisa ngasolwandle wayokwakha ngaseziNtabeni zoNgoye eduze komfula uMhlathuze. Abantu ahamba nabo uQwabe bazibiza ngokuthi ngabakwaQwabe. Nezwe kwaba ngelakwaQwabe. Ukuduba kukaQwabe kwanika uZulu ukuba asombuluke abheke abantu bakayise abase beshiywe ngumnewabo, waduka nezwe. Ngakho-ke bonke abantu abasala noZulu eBabanango bazibiza ngokuthi bangabakwaZulu. Kwase kungukuzaleka kwesibongo esidume kakhulu sakwaZulu. Nendawo ababakhe kuyo yabizwa ngokuthi yindawo yakwaZulu. Isuka eMthonjaneni ngaseNingizimu ize iyobanjwa izintaba zaseBabanango eNyakatho, kanti ngaseMpumalanga lalidiya ngomfula iMfolozi emhlophe. KwakungelakwaZulu lonke lelo. UZulu uphile phakathi kweminyaka yawo-1627 kuya ku-1709. Akukho okukhulu nokubabazekayo esikuzwayo ngoZulu ngaphandle kokuthi ungumqambi wesizwe sakhe sakwaZulu. Nokuthi wabe eseziqamba noma ezetha igama elisha elisakubhinqa umnewabo uQwabe lokuthi unguNkosinkulu. Namahlanje uma uwela umfula uMkhumbane ngasesangweni lomuzi kaDingane, uyolibona idlinza likaNkosinkulu lowo onguZulu , indodana kaMalandela kaLuzumane.
………………………………………………………………………………………….

OPhunga noMageba::

Mhlawumbe uyazibuza ukuthi ngobani oPhunga noMageba?????

Lawa ngamadodana kaZulu awashiya emhlabeni wakwaZulu sebeyisizwe sakwaZulu, hhayi isibongo nje. OPhunga noMageba babengamawele, uZulu wawathola kuNdlovukazi uNozidiya. Kwase kuqala ukuba kube namakhosi abusa izizwe zizimele futhi. Kula madodana kaZulu, uPhunga akabanga naye ozomlandela ozalwa nguyena, ukuthi kwakwenzenjani -nathi kasiqondi, kodwa isikhundla sakhe sathathwa ngumnawakhe uMageba.
Okubaluleke kakhulu ngoMageba ukuthi olibeni kuphume esinye isibongo esagcina naso sesisikhulu kakhulu. Leso yisibongo saseMambatheni, ngendodana yakhe uMpangazitha, uyise kaSontshikazi, uyise kaNdaba, uyise kaShandu. Lena kwakuyindlu encane kaMageba ngoba indlu enkulu yilapho kuzalwa khona inkosana kaMageba uNdaba. Bonke babebusa ezinkalweni zaseBabanango ngoba namadliza abo atholakala esakazeke namapulazi abalimi abamhlophe khona kulesi sifunda. Kanti elikaPhunga lona lisepulazini elaziwa ngokuthi iHeelgoed No.258. Kanti elikaMageba lona litholakala epulazini iPandasgraf No.184..
OPhunga noMageba babezalwa nguZulu kaMalandela kaLuzumane kaMnguni kaGumede.

Izibongo zikaPhunga kaZulu(uPhunga waseBulawini)::

UPhunga waseBulawini
IMfundama kaNtombela
Ephume ezizibeni zeMphembeni
Yasibekela izintaba.
Ilanga eliphume endlebeni yeNdlovu
Inhlalazikweni yakithi kwaNobamba
IZilokazana zikaNozidiya
Ezeza eMmbambangwe zibelethene,
Ukusa kwadabuka
Esinye kungesaseBulawini
Esinye kungesaseMakheni
Inhlendla yethusi yaseBulawini emalungalunga
Ihlab’amadoda ngokuwajijimeza
AbakwaMacingwane bangavuma
Noma beza beyinkungu
ISilo sikaZulu sibaphendule ubuhoyizana
Badliwa zimamba
Badliwa ziNgonyama
Umnyama ovundle inkundla
Esangweni kuJama kaSilwane
Izulu elize kabi
Ligide laphindelela kwaNothengele
Lamhangula uSibhekle
Ezalwa kwaGcabashe
Wafulathela iSihlungu
Ngemvula yezinyembezi
Unoxhaph’amafutha abilayo
Onjengomlilo!
Izibongo zikaMageba kaZulu!!!!!
UKhozi lwakith’eMakheni
Olunzipho zinde zingumjingolo
Luhlezi laph’emnduzini
Luqaphel’imizi yamadod’ukweluka
Ugwija bathokoze
Nabasemuva kwaNkomonye
IThole likaGumede
Elehle ngamandla eSihlangu
Lingesabi nakwephuka
Ginqika Thol’elimahwanqa
Lakith’eMakheni
Wehle ngamandla
OMhlathuze neMpembeni
INkonyan’ewaba kaMnguni
Izizwe ziyibuke zayilabalabela
Zikhangwa yimibala yayo
Usinga kalulungakanani
Olungabopha uMageba
Inqe elizwe ngomoya
Ukuth’iNingizimu iyahlohla
Unyathel’iSikhume sabhidlika
Unqulu zimalela
Ukulala kokuphenduka

Ibinda Nkosi !

INkosi uNdaba kaMageba::

UNdaba yindodana kaMageba okwathi esekhome yathatha isihlalo sakhe sobukhosi. Esikutholayo ngoNdaba kaMageba ukuthi nguyena owaqala ukuzwakala ngokubuthwa kwamabutho. Sizwa ngebutho lakhe okwakuthiwa ngaMankankane, kanye nelinye okwakuthiwa ngaGwadlu. Esikuzwayo futhi ukuthi wayengagcini eyinkosi nje kuphela kodwa wayebuye abe yinyanga yezulu. Kuthiwa kwakuthi uma kunesomiso kuhaywe ihubo likaNdaba elalithi..
‘UNdaba uyiNkosi!’
Oho! O! Ha! Oye! ha!
Jijiji! Ajiji!
Bathi noma kanjani lalina izulu siphele isomiso. Bathi yinsizwa eyayinobukhulu ubuhlakani, kanti nasebusweni ibukeka. UNdaba wakha imizi yakhe eminingi , kodwa mibili eyayibalulekile, kwangowaseMqekweni(owasendlunkulu) kanye nowaseGazini yilapho okwakubulawelwa khona izinkomo uma kunemikhosi komkhulu. Laphaya emzini waseGazini inkosana yakhona kwakunguXhoko, bekanye noShwankeni owazala indodakazi uNtopho,yena owazala uMehlana uwagcina egane uSenzangakhona kaJama. Kulo muzi waseGazini kwaphuma abaseMgazini(oNtshangase noBiyela). Siyobuye ngokugana kwendodakazi kaNtopho uMehlana igana uSenzangakhona , kodwa bezalana.
UNdaba emzini wakhe waseMqekwini uzale uJama kuSithuli kaNkombane waseMambatheni. UNdaba wakhothama ebuse isizwe sikayise ngobukhulu ubuhlakani. Bathi kayikho inkosi kwangaphambi kwakhe eyayinobuhlakani njengoNdaba kaMageba, kaZulu , ngoba siqala nokuzwa ngaye ngokubuthwa kwamabutho, okusho ukuthi wayesenempi ehlelekile. Wakhothama uNdaba washiya indodana yakhe uJama owayengowendlu enkulu, ngakho-ke noma emncane ngokuzalwa kodwa ngokwendlu nguyena owaba nelungelo lokuthatha ubukhosi emva kukayise.

Izibongo zenkosi uNdaba kaMageba::

UNdaba kaSonani
Bathi wonani
Abantu behlezi nemihlambi yabo,
EyawoMababela kaGabela
Ozingel’amahlathi azavungama
Athi Hhiya!Hhi!
Namhla akunyamazane
Amlandulela ngentshintsho
Yempunzikazi
Uhlakanyana obanga
Izulu ukubalela
Obeyalale wangangemifula
Obeyavuka wangangezintaba
Utshezikazi lwakithi
LwakwaGcabashe
Luya luhlezi
Luya ludlondlobele
Luyadla lubeke izihlangu emadolweni
Luqaphel’imihlambi
Imihlambi kungeyezitha
YawoMababela wakoGabela

Ibinda Nkosi!!!

…………………………………………………………………………………………..

OMmama noMkabayi bakaJama::

INgonyama uJama kaNdaba bathi kwakungumuntu omfishane kodwa okhuthele, ozazisayo. Bathi ngumuntu owayenolaka, eshesha ukucasuka. Wayengenandaba namuntu. Bathi wayethanda ukudlala ngomkhonto. Wayekukhonzile ukuciba kangangokuthi esabusa wayedlalela nasekucibeni abantu bakhe. Kwaze kwakhuza amadoda amadala, wawuyeka ke lo mkhuba uJama.
Ngiqale ngokukhuluma ngeSilo uJama kaNdaba ngoba phela kunguyena yise kaMmama noMkabayi. Lezi izintombi zazingamawele. Ngokwesiko lesiZulu ukutholakala kwamawele kwakusho omkhulu umkhokha ngakho kwakufanele elinye lamawele lendiswe. Manje umuntu okwakufanele akhiphe izwi kwakuyinkosi uqobo. Wabikelwa uJama ngalokhu kwasengathi uyakuzwa konke abakushoyo. Kuthe sekufika izwi lokuthi asho phela ukuthi ngumuphi umntwana ozigingiswa igade,wacela ukuba balethwe kuye azobabona bese esho ukuthi kubulawa muphi kulaba bantwana.
Esikhundleni sokuthi asho okulindelekile wawaqamba amagama amawele. Okwakufanele ligingiswe, waliqamba ngokuthi nguMkabayi kwathi leli elinye wathi nguMmama, ngoba lalizothile kanti udadewabo wayenamehlo ephapheme, athi uma ebuka ngawo uyise washintsha isnqumo sakhe.
Kwenzeka insambatheka ngesikhathi isizwe silindele isinqumo seNkosi ngengane okufanele igingiswe kodwa uJama evele ekhipha izwi lokuthi akukho ngane yakhe ekufanele lokho. Ngamanye amazwi wayethi akukho ngane yakhe ezobulawa. Kwala noma izikhulu zezwe kanye nabafowabo oNkwelo noMhlaba bembonisa ukuthi lokhu kuzodala umkhokha ezweni, lutho kwaba bazishaya ngendlebe etsheni. Wabatshela ukuthi nguyena iNkosi futhi abantwana ngabakhe ngakho akukho muntu ozomtshela ukuthi akenzenjani. Uma kukhona umkhokha ongahle uvele uzovelela yena. Okubuhlungu ukuthi umshophi kawuvelelanga yena kodwa wavelela uNdlunkulu wakhe , ngokuthi wedlula emhlabeni washiya la mawele akhe.
Singasho ukuthi kwaba yinduku lena eyagqema udume olukhulu ekhanda likaJama. Wafa olwembiza ngoba okhothama nje uNdlunkulu akashiye mfana ozoba yindlalifa.noma umuntu oyobusa esikhundleni sakhe uma esekhotheme yena. Usele lapha phambi kwakhe namantombazanyana amabili angasho lutho ngokwesiko. LesiZulu. Kwamhlopha lokho uJama kodwa kwaficakala ukuthi amazwi athi isalakutshelwa sibonwa ngomppho, kufanele awagwinye eshisa, umntakaNdaba. Neminyaka yayithanda ukuhamba kufanele iNkosi iganwe. Ukuze phela kutholakale umfana oyothatha isikhundla sokubusa izwe uma yona isikhotheme. Kwasuka oMkabayi noMmama baqonda endodakazini kaManyelela wakwaSibiyawayoyeshela ukuba izogana uyise. Noma lentombazana yayindala kunoMkabayi kodwa babengabangani abakhulu. Kuthiwa wavumela phezulu uJama ngesikhathi amadodakazi akhe emethulela lolo daba.. Le ntombazana igama layo kwakunguMthaniya. Ngenkulu inhlanhla uMthaniya wafika wamzalela indodana(indlalifa) , kuthiwa wabonga kakhulu uJama wathi ”bantabami nenze ngakhona ngokungilandela umntakaZingelwayo(uyisemkhulu kaMthaniya) ukuba azongizalela iNkosana. Wayiqamba indodana ngokuthi nguSenzangakhona.

Izibongo zeNkosi uJama kaNdaba::

UJama kaNdaba
UJama omvukuzi zimonya
Ziyenqab’ukuwela
Emfuleni lingani
Inga zingumhlambi zingabhudla
Isiduli esiphahlwe
Ngamakhand’amadoda
Ubhoqol’omakhandakhanda
Nabalimi bensimu bangawusiphula
UJama kabongwa ngabalandakazi
Ubongwa yinjeye yaseMqekwini
Abongwe yinjeye yaseMabhuleni
IMamba yaSonomo Mninginingi
Ngibe ngiyambiza low’uyasabela
Kusabela uMlacu wakoMagalana
Kwasabel’uMbebe kaMahamba simuke
Abanye basemhlane babelethwe
NgabawoSiquzi ngabawoNkobe
UJama kaluthwana kangakanani
Nasenhlamvini yomkhont’angahlala
Nasemagatshen’emith,angaphathelela
Obengamqingo wangalitshe laseZihlalo
Ebelingalayezwa ngabaphath’izinhlendla
Thina bamaKlwa singathath’ichoba silole
UMabopha wakithi kwaZwangendaba
Ongibophe zaluk’inhlazane
Obabis’inhlab’ekuMahogo
Othabis’idukumban’elikuNgcingci
Owahlafun’umlomo
Engadli lutho
Wango kaLuhlafu
Wango kaNoqeqwa
Ubuchakijana bakithi kwaSidlozi
Bumba mgojana
Buyashelela

Ibinda Nkosi !

…………………………………………………………………………………

INkosi Senzangakhona kaJama::

Kuthiwa izikhulu zakwaZulu kanye nesizwe sonke kwaziphatha kambi ukungatholi kukaJama inkosana. Kodwa abantu kambi kakhulu kwaba ngamadodakazi kaJama oMkabayi kanye nodadewabo(-wele lakhe) uMmama,ikakhulukazi uMkabayi ngoba phela nguyena okwakufanele agoduswe kodwa uyise wamvikela esikhundleni sakhe kwakhothama unina amthandayo. Phela uMkabayi noMmama babengamawele,ngokwesiko lesiZulu ukutholakala kwamawele kwakusho omkhulu umkhokha ngakho kwakufanele elinye lendiswe(libulawe). Odabeni lokaMmama noMkabayi nguMkabayi okwakumele agoduswe kodwa uyise uJama wenqaba naye. Lo mkhokha wagcina udle undlunkulu kaJama, nguyena phela owagcina ekhotheme washiya uJama engenayo inkosana.
Kwasuka uMkabayi benoMmama baqonda endodakazini kaManyelela wakwaSibiya bayoshelela ukuba izogana uyise. Kuthiwa oMkabayi noMmama babethanda lo dade, bemthandela ukulunga kwakhe, noma nje lo dade wayemdala kunabo. Le ntombazane igama layo kwakunguMthaniya Sibiya. Kuthiwa uMthaniya wayengomunye wezintombi ezazizimisele (engaqomile) elindele ukuthi abazali bakhe bamemulise. Kodwa abantwana benkosi balubeka lonke usizi lokushiywa ngunina bacela ukuba azobabheka njengonina wabo. Bathi inkosi uJama kayinanazanga yamvumela phezulu, wagana kanjalo ke uMthaniya egana iNkosi uJama.
Isifiso sabantwana benkosi sasheshe saphenduleka ngoba uMthaniya wakhulelwa wazibula ngomfana. Umuntu owajabula kunabo bonke waze wakukhombisa ngezenzo kwaba yinkosi uqobo. Kwathi lapho sekufike isikhathi sokuthi imethe igama yabiza amadodakazi ayo yathi, iwancoma,’Nenze ngakhona bantabami’ ngokungilandela umntakaZingelwayo(uyisemkhulu kaMthaniya) ukuba azongizalela umuntu engiyothi sengiphumulile, asale abheka isizwe sikababa. ‘ Wayiqamba indodana yakhe ngokuthi nguSenzangakhona ethi nenze kahle bantabami. Kuthiwa izwe lonke lakuthokozela kakhulu ukuzalwa kukaSenzangakhona. Ingakho nje uMthaniya ehlonishwa kangaka kwaZulu, kwaze kwathiwa nezwe elikaMthaniya kuze kube manje, ngoba ebe ngunina walo walizalela inkosi(indlafa).
UMthaniya waphinda wayizalela inkosu indodakazi uMawa. Ekukhothameni kukaJama, uSenzangakhona wayesemncane ukuthi angathatha isihlalo sobukhosi. Wase ebanjelwa ngudadewabo uMkabayi kaJama. Kwaze kwathi esekhulile uSenzangakhona wathatha ubukhosi kodwa kuthiwa uMkabayi wayebelusile ubukhosi.
Kuthiwa uSenzangakhona wayengumuntu olungile, futhi iyinhle le nsizwa. Yokho yaganwa kakhulu nje.
Kuthiwa uSenzangakhona waganwa ngamakhosikazi amaningi,waba futhi nemizi eminingi. UMkabayi nodadewabo uMmama kanye noMawa kabazange bagane, kodwa bagcina sebenemizi yabo ababebusa kuyo.
UMuzi kaJama uyise kaSenzangakhona kwakuthiwa kukwaNobamba(lapha akhulela khona uSenzangakhona)
Imizi kaSenzangakhona yona kwakuthiwa kuseSiklebheni, kanye nakwaZondela.
Amakhosikazi kaSenzangakhona!
Indlovukazi yakhe yokuqala uMkabi wayenendlu yakhe eyaziwa ngokuthi kukwaNohini. Kuthiwa londlunkulu wazala ingane yokuqala yashona wase elandelisa ngentombazane egama layo kwakunguNozinhlanga kulandelwa umfudlana wakuleyo ndawo okuthiwa uMzinhlanga ongenela eMpembeni. UMkabi uzalwa nguSodubo wakwaNzuza.
Unkosikazi wesibili kaSenzangakhona kwaba nguFudukazi, uMaCele. Yena-ke akatholanga mntwana
Unkosikazi wesithathu kwaba yintombi yaseLangeni uNandi, ozalwa nguBhebhe wasemuzini waseBozeni, kunina uMfunda wakwaQwabe. Yena wazala uShaka(”inkom’eyakhal’eMthonjaneni izizwe zonke zayiz’ukilila’) kanye nodadewabo uNomcoba.
Inkosikazi yesine nguLangazana indodakazi kaGubeshe wakwaGazu. Yena wazala indodana eyodwa egama layo kwakunguMagwaza, noma uNongqobo. UMagwaza wafela eNcome empini kaZulu namaBhunu ngesikhathi sikaDingane.
Unkosikazi wesihlanu. Kwaba nguMzondwase, wakwaZungu owaba ngunina kaMhlangana owakha itulo noDingane lokugodukisa iLembe(uShaka), kanti naye uzofela emhlangeni ngenxa yetulo elase liboshwe nguDingane kanye noMkabayi.
Unkosikazi wesithupha nguMpikase, indodakazi kaMlilela waseMaqungebeni. Lona-ke ngunina kaDingane(u’Mbombsh’omnyama umgabadeli owagadel’inkundla yakwaBulawayo”) owalandela uShaka ebukhosini bukaZulu.
Unkosikazi wesikhombisa nguMagulana, kaNtshongolo wakwaNene. Wazala indodakazi egama layo kunguSikhakha owendela kuDikane kaHlakanyane waseMambatheni.
Unkosikazi wesishiyagalombili nguBhibhi kaNkobe waseMabheleni. Lona ngunina kaSigujana okwakufanele athathe ubukhosi bakwaZulu ekufeni kukayise. Kodwa wabulawa nguShaka, ngesandla sikaNgwadi. UBhibhi wabuye wathola umntwana wentombazana ogama linguNomqotho owendela kuMlandela wesizwe sakwaMthethwa, waba ngunina kaSokwentshatha, wabuye wazala uNdlebezomlilo kanye noSomcuba, kwaba ngabafana bodwa abantwana bakaNomqotho.
Unkosikazi wesishiyagalolunye(9) kwaba nguSongiya indodakazi kaNgotsha wakwaHlabis. Nguyena owazala uMpande(‘uSimayedwa njengelanga ngoba lona limi lodwa ezulwini, uMhlane kaMama ngibelethe siqonde kweliphesheya-ngoba abantu bakhona bengangemihlambi yezinyamazane’)owabusa isizwe sakwaZulu ngemva kukaDingane kanti nguyena owaxhuma uliba lobukhosi bakwaZulu. UMpande welanywa yindodakazi uNozicubu, waphinda wazala uNzibe owabulawa yombo ngesikhathi impi kaShaka iyohlasela oBhalule. UNzibe welanywa nguNtikili owendela kuMalanda indodana kaVilana wakwaMkhwanazi. UNtikili uzale uSomkhele.
Unkosikazi weshumi kwaba ngukaSondaba. Igama lakhe asilazi kodwa kuthiwa kwakuyindodakazi kaSozindaba wakwaButhelezi, wazala umfana ogama lakhe kunguBhakuza noma wabuye waziwa ngokuthi nguMahebana, owabulawa nguShaka ngempi yakwaMthethwa nabakwaButhelezi, ngoba wathola amahemehemu okuthi uBhakuza nguyena uSenzangakhona acabanga ukuthi uyomlandela ebukhosini bakwaZulu.
Unkosikazi weshumi nanye(11) kwaba nguNcaka indodakazi kaMncinci inkosi yakwaQwabe. Yena wazala uindodana egama layo kunguKholekile, owabulawa ngamabhunu eNcome kanye nomfowabo uMagwaza ozalwa nguLangazana, ngesikhathi sempi kaDingane namabhunu, ngo-1838 eNcome.
Unkosikazi weshumi nambili(12) nguMahlana indodakaziNtopho waseMgazini indodakazi kaNtshwankeni kaNdaba.
Ayemaningi amanye amakhosikazi kaSenzangakhona. Kanti amadodana akhe kwakunguGujwana, Sigwebana, Mfihlo, Gqugqu kanye noNxoshana. Kanti amadodakazi kwakungoNomanqe, Baleka(hhayi okaKhongolose ha ha ha) kanye noNomaklwa.

IZibongo zeNkosi uSenzangakhona kaJama

IMbongi ::uTholudaba wakwaNdlovu

UMjokwane kaNdaba
Usalakutshelwa usalakunyenyezelwa
Ubhid’elimathetha ngezinyembezi
LinjengelikaPhiko waseBulawini

Inyath’ehamba
Isengama amazibuko
Injengomzingeli kumaMfekwane
Ozothebe zinhle uMjokwane
Ezidliwa ngamancasakazi

Udle umfazi umkaSukuzwayo
Wadla naye uSukuzwayo nendodana
Wamudla uMahamule kaMlomo
Wadla uNonhlambase ingqongqokazi
Esaththeth’izindaba zasesiNyameni
Wamudla uMabebetha kwaNonkokhela
Wadla uMsikazi noNdomoshe
Ingabe ubeyokwenzani kwaMabasamlilo
Lapho imihlambi yabantu iselayo
Umashwabadela kaMaqanda noNsele
Owashwabadela izindlubu
ZakwaMudli namakhasi

Udle izimfe zambili kwaSondombana
Ikhambi kodwa laphuma lilinye
Awuyi ebandla, awuyi emaDuneni
UnjengoVimba wakwaMangwekazi

Igawu bazakuliluma, bazakuliphimisa
Bakhumbule amagawu abebesi
Umlunguzi wezingoje
Izingoje zilunguzelane
Ngoba walunguza ingoje
Yomnewabo uzuvalele.

Unyaluthi omnyama kaHlayukana
Bamothe bengakayi enyangeni abakwaZulu
Umbebe kaMmama, beba simuke
Abanye basemhlane konina babelethwe
Ababelethwe ngabawoMbuso ngabawoNsele
NgabawoSicusa kaDungankomo
Intethe egolwe ngazinti zomkhonto
kwaMalandela
Yathi ukusuka yajubalala
Ungezwa bethi valela njlo Solunjalose
Kanti kabasho kuwe
Babhula unyoko uMbulazi
Yena ovalele iNgonyama endlini

Umqingo wangalitshe laseZihlalo
Umqingo wangalitshe obeyalezwa
Ngabalola izinhlendla
Thina bamaklwa singekhethe litshe
Ngiba sithi singafumana ichoba silole

UMenzi kaNdaba !
UMenzi kabongwa ngabalandakazi
Ubebongwa zinjenje zaseMqekwini
Abanye bahlezi Menzi kaNdaba
Abahleziyo ngabathetha amacala

Uthi lwempundu oluhlala izikhova
Oluhlale uPhungashe wakwaButhelezi
Lwahlala uDladlama wakwaMajola
Othe ewisa waze walililela
Ayabuya usewazeka izibongo

UNgelenge kalingani nantaba
Ubelingana nentaba yaseSikhume
Uthe ukulala wangangemifula
Uthe ukuvuka wangangezintaba
Uthe usubuya amaxhegu enyanya

UQangabhodiya wawoMkabayi
Uqabi kwezameva eNtendemuzi
Obesiyaka singamanzi endlela
UNombanga kubuya wawoPhalo

Usisa nhloko nxa abanye
Besisa izinyawo

ILanga eliphume linsizwa
Lithe liphezulu lansansa
Lifuna ukuthiwa yimizimbazimba
Ukhulume kwakuhle kwaze kwathi lwanye
Waba ngumnyama usiza nemvula

Sigqila nganhloko kuzonde intamo
Nyakamumbe kuyozonda isibili
Ongithume ngiphansi ngaya phezulu
Ngabuya nencobho ngebula ngapheka
Ndaba bayosala beshumayezana
Nabasezitheni nabasemakhaya

Godi elimnyama lakwaNobamba
Lohamba liwahila amaqakalana
Ogqamise idukumbana elikuNgcingci
Obemnyama izimpunga zombili
Unjengehlaba elikuSidubela

Waphotha intambo ende
MtakaNdaba
Wayihotha yaze yafika ezulwini
Wathi yikhona izithutha zakoMageba
Zingayikufinyelela khona
Zobathe ziyakhwela
Zaphuke amazwanyana

Amanzi aseMpembeni Ndwandwe kaNdaba
Amanzi aseMpembeni yinguqunguqu
Angiqedi nalapho ayayo
Amanye ayewuka
Amanye ayaqonsa
AnjengoQonsa wasesiGezeni
Mthombo wamanzi wakwaNobamba
Engiphuze kuwo ngaqangatheka
Ngaze ngaph’ukudliwa nazimamba
Ebezilala ehlozini nasephungweni
Imamba edle umuntu bathi iloyelwe
Kanti bazi ngeyakubo eloyelwayo

INakazi emnyama yakithi kwaNobamba
Ehamba ibanga amacala
UMunxephepha !
Nant’itshe lokukhunjulwa
Lingawa engubeni
Lizowa ehlombe
Lizophamba liwe emhlubulweni

Oye ngomnyama kwaMazolo
Wabuya ngonyezi
Amadoda aphenduka umbhejazane
Umphiwa nganxanye
Kanti kakuphiwana kuyabuyiselwana
UMkhombe ongononde wawoNonkombo
Othe ukukha wagogoda
Weza nenqumbu
Weza nenqumbulo

IBhicongo elimzimba ubuthaka
Obemzimba muhle nangendlala enkulu
Obebuso bungenandawo yokusolwa
Obemehlo angenandawo yokusolwa
Obezandla zingendawo yokusolwa
Obenyawo zingendawo yokusolwa
Obezitho zingenandawo yokusolwa
Obesiphundu simbhukwane ngezinqa
Kazi bazobukani ngamajadu
Khona beza beyinkungu
Menzi kaNdaba
Ngisho abakwaButhelezi
Siyakubadabula
NguNgoboza yedwa,
Oshe onyaweni…

IBinda Nkosi !
……………………………………………………………………………….

Izithakazelo zakwa-Zulu::

Ndabezitha,
Mntwana,
Zulu kaMalandela ngokulandela izinkomo zamadoda,
Zulu omnyama ondlela zimhlophe,
Wena kaPhunga noMageba,
Wena kaMjokwane kaNdaba,
Wena wenkayishana kaMenzi eyaphuza umlaza ngameva,
S’thuli sikaNdaba,
S’thuli sikaNkombane,
Wena kasihhawuhhawu siyinkondlo bayikhuzile ngoba ikhuzwe abaphansi nabaphezulu,
Wena kanogwaja omuhle ngomlenze,
Wena kaMbambelashoba,
Ndabezitha!

Izibongo zeSilo Zwelithini kaBhekuzulu

 ‘INyosi : UNtulizenkosi Dlamini no-Buzetsheni kaSombila Mdletshe ”




INdlondl’enophaphe’ekhanda
Ndaba kawulalele lomunt’omemezayo
Umemeza sengathi uyakhala
Ukhal’isililo
Uth’igula likaJama lichithekile
Lichithwa yiNgwel’endala
Ngeyakithi kwaMalandela
Ubesibindi Buthelezi
Ngokukhuthazel’umtakaNdaba
Bemthuka bemcokofula
Bethi uZwelithini kayikubusa
Kayikuba Nkosi
Kanti bamgcoba ngamafuth’empepho
Yakithi kwaMalandela
USodidase!
INkonyan’encane kaNdaba
Edid’imibala
Umphikelele wensizwa
Ngo,ephekele’amadod’akwaZulu
Esephelelwe ngamandla
UMaphokophela longay’insizwa
Eyisinikinikana
Engabubende bezingwe
Nobezingonyama

Ogijime ngandlelande
Ngal’uvivi
Eya kwadadewab’Nonhlanhla
Nani MaNdebele
Seniyoguga nidelile
Enike nabon’iZinyane
NgeleSilo sikaNdaba

Ohlamb’izandla
Ngamakhand’amadoda
Wathi yiwon’ayomhlabanela
Kuye kwagcwala
Izifunda zemifula
Esinye ngesoMkhuze
Esinye ngesoThukela

Nani magundwane
Ahlal’ezikhotheni kwaNongoma
Gijimani ngezindlela zonkana
Niyobikel’abangakezwa
Nithi lukhulu luyeza luyanyelela
Silufanisa neNdlov’emnyama yasOndini
Izoshis’izikhotha
NgezakwaNongoma

INkonyan’encane kaNdaba
Ekhwele phezu kwendl’Egazini
Bath’oyise noyisemkhulu
Hhawu!!
Ngasiha Ndaba
Usuyahlola!
Kanti yibon’abahlolayo

INtul’ebande ngodonga kwaBhekuzulu
IMvukuzane kaNdaba
Evukuz’ubusuku
Iye yabonwa ngumame
NgowaseMaNdebeleni

UBhejan’odl’abakayise
Phum’esiqiwini mtakaNdaba
Kade bekuvalele
Ungalonde kaGabela
Kayingangezawoyise
Izigqunswana
Ngisho bethi bayakwelula
Kuphelela ezinqulwini

Eyakho inde!
Iye yashaya
KuVoster ePitoli
Kwazamazama uM C Botha
INdlov’enebatha
Kwabamhloph’abelungu

Umgud’ubomvu
Ubheke kwaNongoma,
INdlunkulu yehla yenyukanyuka,
Ngebhasi likaMatimati Zazini.
Eladuka laduka

Beyogingq’izithupha.
Bethi Ndaba
Ngek’ubuse kawukaqini,
UQasa likaWasa*
Inkom’esengwa yiViyo,

UZiyayinhlonhlonga!*
Inkom’ethandwa zibawu
Suk’eduze komuntu wami
Ndaba ngiyagulelwa,
Ufulathel’uBombo lwabhidlika,

Ukhulumis’uLuthwethwe
Lapha kumaBhunu,
Kuye kwazonda uBhondi
BenoKhwashakhwasha,

Ziyeke lezo nkomo
Ukuzikhiph’amakhalane
Kaziseluswe nguwe
Sezeluswe yiNdlondlo
Yakithi kwaKhethomthandayo,

UMthunduluka ovuthwe ngeNala
NgowokaThayiza Mdlokombana!
Vuk’ume ngentaba
Udl’amadoda

Umlandeli webhodw’eliconsayo
USocije uMagwaza loshayizaququ
Impi yeqhathwe nguMathangetshitshi
Ezalwa nguMaswabhula
Lapha kwaMgiliji eMahhashini

Uyeqhathe ngesinqe
Ngob’esab’ukungena
Ethwel’idlokolo eNdlunkulu
Usihlangu simagqabha
Sinamanxeba
Sagudl’iVuna
Ngiyesab’ukukubiza ngegama
UnguNtabankul’uLangakazi

INkosi yakith’eNaleni
Eshawodwe nguChampion
UMhlathi kwezephephandaba
UMthente kaJama
Ohlab’usamila

Usekelwe yiNdlunkulu
NgeyakwaDlushiye
UMwelela kweliphesheya
UMzac’ozikhombamaNguni
Usejamile mame wapheshey’uBhejane
Woz’usize
Usicoshele leyo Nkuna kaNdaba

Indidandidane
Edid’izinsuku
Namhla okaNdaba
Eyakubuya phesheya
UZulu neNdlunkulu
Bebheke ngakusasa
Kant’iNkosi
Ifike ngayizolo


Indaba yenziwe nguTorlage
Kwabamhloph’abelungu
Ovul’imigoqo
Ivalwe ngamadod’amabili
Kuval’u-Otty uZulomhlophe
Beno-JJ Boshoff uMehlomane
Kwaze kwasa
AMakhosazana esebikelana
Iwuhlabe yawulawula
INkosazana uGretta
Egane kwaShamase
Yalala ingalele
EkaBhusha emaNdebeleni


INyathi kaJama 
Empondo zimakopela
Ibhansele ngoManyasa
Obezalwa nguMadwala
Lapha kwaDukuza
KwesikaShaka




UNdab’omuhle kakhulu
Onyembezi zophela ngaphakathi 
Mhla eyokhalela
Isizwe sakhe
EThekwini emaDilamini
Kwaze kwagxumagxuma
Umam’omhlophuMaNdlovu
Udadewabo ka-JJ Boshoff
Kwabamhloph’abelungu


Izul’elibhul’umlilo ngamazwi
Abanye bewubhula ngamahlahla
Ubaswe yinxokonxoko ngeyakwaMagenqe
Yini lena
Eyenzek’eThekwini?


Wabakhuzel’izimpukane zakho Ndaba
Izingqapheli zakukhiph’ephepheni
Ushishiliza kwelimahholo
Limhlabe limbhedule
UNzuza benoNhleko
EZikanekisweni


UGwajumbe noMazibuko
EZinyangeni zasoSuthu 
Seziyobabhule mhlahlo
Ndaba zibanuke


Ibhubes’elimthende likaNdaba
Elidlule lishishiliza
Phakathi kwezintaba ezimbili
KweliMasilo neliMasilwanyana
KwelaseFlayistata
Kuye kwagxumagxuma
UKlenyeklenye
Ezalwa kwaCebekhulu
‘Ngalakithi lelo Bhubesi eMahhashini’



Belidilay’izintaba
KungezePitoli
Liphekezelwa nguMister Sondag
Igug’elihle likaKekana
Kade ehamb’ezibuka ngalo
Ebhek’eMamelodi


Udaxe wadaxa Mtaka Ndaba
Simumumu uvuka ntambama
Udaxabula uKuka wakh’ekuphekela

UMhlahlandlela ngowaMakhosi
NgowawoCetshwayo
NgowawoMpande
Onyawo zinhle MtakaNdaba
Ezingakhethi mabala
Ezigxobe lapho kungakaze
Kunyathele khona
EzawoYise noYisemkhulu


Ibhek’amaged’avuleka
NangakwaMahamba
Nowayengenapasi napasipothi
Simethuke eseseSwazini
Yakhethelwa zingane
NgezakwaLobamba
Zathi thatha Ndaba
Nanku umqamelo wakhe
Uyoziqamelela ngaw’eNaleni


UNompunyumpunywana*
INkunz’abayibambe
Ngandlebende yaphunyula
OYise beyivalela ngehlahla
Bethi Ndab’ungaluwel’uPhongolo
Uyodayisa ngezwe likaSenzangakhona
KwelakwaNgwane


INkunz’ekhwele phezu kwezintaba
ZaseMabane
Amabombo yawajikijel’eZitheni
UShabalala waxhaphazela isisu wazihhudela
Wabhal’ubunwayinwayi
Uyajabula mfundi weLanga
Wen’owaz’amang’asephepheni
UNdab’omuhle kakhulu*
Ohlasela ngothando
Lokwandisa abakaMthaniya
Abanye behlasela ngamaAK 47
Ngikuthanda uhlasela
Ngothando kwabakwaNgwane
Zanqundeka izikhali zaseNgwavuma


INkos’ethombel’ehlathini
Amany’aMakhosi
Ethombel’ezindlini
Ikhiph’izinkomo
Zehla ngohhologo
Zibheke kwaMshanelo

Kwagijim’uQholobana
Ezalw’emaNkwanyaneni
Wayobikel’uMzweni
UMzweni wazihudela
Kwamanz’ibheshu
Esehl’enyuka

Mfula kaNdab’ungenise kabi
Ngob’ungenise wenyuka
Eminy’imifula
Ingenis’ibhek’ezansi

Usibambana Nkunzi
Beyesaba eMbumbulu
Wambamb’uHlengwa qede
Kwephuk’uMkhonto kaShaka

Mgoq’ovalel’izinkomo zaseSusweni*
Athul’amaThembu
Angaz’asho lutho
Ukhulumis’uMkhwintshi
Esilevu simhlophe
Kwezinde zikaNyangantathu
Wamjika phansi koludumayo
Wavuka sesibomvana

UMhlob’omuhl’eNdlunkulu
UDokotela uBerker
Kwabamhloph’abelungu
UNogwaj’ozokhundlakhundla*
Esinye ngesokulala
Esinye ngesokwethamela

Indaba yenziwe nguMadondo
Othath’izinkomo zakaManqele
Wazidida nezeNkosi
Kube kazi madod’aseDumbe
Nithule nithini

Uvava lweNkunzi*
Yakithi kwaKhethomthandayo
Kayigweb’ichoma ngazo zombili

Shintsha!
UShintsh’ibhulakifesi
Walenz’idina
Dubula begagasa
Bethi liyahlohl’iTheku
Usikhiphi sabadala
Kuyakusala kungen’abasha

Inkungu eyembath’izintaba zakwaDayeni
Kwadidek’amadod’amadala
Nanamuhla lokhu asadidekile
Indaba yenziwe nguMalinga
Ezalwa kwaZondo
Uland’iNkunzi yakithi
KwaKhethomthandayo

Yafike yawafuz’amaxhiba
Kwavela nokwakufihliwe
Wadeda uMagayisa
INkosana abayibeka beyiphika
KwabakwaMvundlane

Ulotsholelwe ngehem’eMdletsheni
Kwalilizel’umam’uMaMthethwa
Wathi,’Li li li li! Yaze yangen’INkos’ekhaya’
UNdaba bambas’eyinyama
Lapha kwaKhiphunyawo
Wajika wayiqaqa
Wanukel’uMkhunjini
Ezalw’emaNdlovini

Umbambi weMpak’endala kwaDleka
Ingabe ihamba phansi nje
Ingumswenya yini
Impaka enkulu ngeyakwaBongumenzi
Eyeza ngehlombe eNdlunkulu
Yafike yaqathaka kithi eMkhontweni   

Zenabe kab’izintanga zakho Ndaba
Zenabele kwaYizenze
KwaNdwandwe kwaKhabengathandi
INkos’ebhala ngemvubu
Amany’aMakhos’ebhala ngepensela

Lagida!
Ligide liphindelela
Wambamb’uSigoma
Khona kwaNdwandwe
Ekhakonyoko koHlokolo
Wamshaya phansi koludumayo
Akwabi ndaba zalutho
Walobola wazilanda
Khona kwaSitholana

Washishiliza ngoNdwandwe
UHomu kwabaseNgwanenja
Wayikhipha eyomnyatheliso
Ugadle ngenduku yombangandlala
Ngob’ugadle ngoMntwana uSibuko
BenoNzuza

Sangom’esibhula
Umhlahlo ngomthndazo
Sezehlulekil’ezemiyeko
Iphakule naleyo ungayesabi
Inkulu ngeyakwenu nguLangakazi

IZul’elidume phakathi
Kwezintab’ezimbili
Phakathi kweSigwegwe noLangakazi
Umbani lawuhlaba ezintabeni zakoMbuzi
Lamudl’uMafehla
Ezalwa kwaKhambule
Umsizi waphumela kuVovo
Ezalw’emaNseleni
Baphuma baphatheka

Sekuyakujabul’umfazi wakoNoziyingili
Oyakubona lelo thambo likaMndindili
UMhamb’esakh’amanxiwa
INkunz’ejam’okhalwen’olude
KuMavumengwana
Zanyamalal’ezikaSitshulu
Ezalwa kwaButhelezi
Yajama phezu kweNkuzana
Zanyamalala ezikaKali benoGelegele
Athule nje amadod’akwaSithole
Kawaz’asho lutho

Imbenembena inkulu inkabi
NgekaBhush’obukhali
Iyeke C J Mthethwa !
Isikhulile!
Kayisavum’ukuy’ejokeni
Iyakunqamula amazinyo
Bayigqogqe ngezikeyi yaze yavuma

Inyon’abayibize ngephuphu
Ekusen’Ondini
Ntambama yandiza qede
Yanqamul’amajoka
Zasal’iZikhulu zikaHulumeni wakwaZulu
Sezibhekis’amakhanda phansi
Bath’uthekwan’uphezu kwendl’Ondini
Uhlolizul’ukuduma
Kalisadumi eNkalakuthaba
Liyamjabhis’uSotshwebhu
UShifu Wiphu
Ezalwa kwaChonco
Ngananti ihansi elidala
Lakithi eMfangibhekile
Lihehez’izindaba liyabaxabanisa

Ikhowe ebelizakuqhibukela u-P.W.Botha
Kaliqhibulanga uHansmeyer
Kith’Ondini
Ukhulumis’uBadenhosrt MtakaNdaba
EziMantshini kwaNongoma
Kwaye kwancibilik’umkhaba

INkosana kaBhush’obukhali
Abayibeka beyibangisa kwezikaDlothovu
Ngocwecwe oluncane nje lwensipho
Lugez’ibandla Ondini
Alwaze lwaphelela ezandleni

Isihluthu umabhula imbawula
INkwaz’emaphikwamhlophe kaBhusha
Ekwakwe ngamadoda Ondini
Ningayithinti lelyo nyoni ngeyezulu
Mhla nayithinta kozamazama
ITheku nolwandle 

UDokotela uMfuphi
Inyanga eselapha
Iphikiswa kwezephapha
NgetshelikaFezela
Abaliginqele kwaNodwengu
Lafike laminyana

Untaba zimbili zakhelene
Zintula ngisho ukuxhawulana
Indidakubhalwa
Incwadi ebhalwe nguR.R.Mbongwa
Wayifunda maqede wamyukubala
UHansmeyer kithi kwaNongoma

Ngenganekwan’abayitheth’emini ePitoli
Babefak’izint’ekhanda
Ngoba besaba ukumila izimpondo
Wonakalelwe uKoorhnorf
Lapha kumaBhunu
Ufike kith’Ondini ekhala lide
Wafike walihlephula uMtakaBhush’obukhali

Zawel’iMbekemuzi
ZaweliMfolozi
Zazibhee kuTyson Dlamini eJozini
Zembulek’izinqe
KwabaseMdletsheni

Mfula kaNdaba
Ogobhozekhanda kuMathanzima*
Amaxhosa onke esula izimpandla
Athi’Khini!Mfondini! Kuyanetha!’
Kanti kugobhoz’uMageba


UKhozi lwakith kwaGqikazi
Olugibel’iNkonjane yabelungu
Lwathi qathatha eGazankulu
Nani maGazankulu
Niyizwil’ekaBhushobukhali
IBhubesi ukubingelela
Elinye ngomjojantaba
Zazamazama zonke izintaba zamaGaza


Wabaleka uMhlonishwa
UShifu Gumede wabhangazela
Wanqamula ngaseTshaneni
Uthe eseTshaneni
Wawajika amabombo
Wawabhekisa kithi Ondini


Ugcwalelwe kabi Mageba
Ugcwalelwe ngumfula eGazankulu 
Wadondolozela ngeShangan uGasa
Ngisho amaGazankulu ayibonile le ndaba

Umlabalala abawubhale phansi
KwaNoziyingili eManguza
Wehlulekile uShifu uMzimba Tembe
ukuwudlala
Esaba ukugcwala kweNgwavuma
Yacwila itheni tawuzeni dolazi

Isalukazi sangithunuka idolo
Sabhibha isilonda
Sehlula ababholofethi
Wehlulekile uMzamo ezalwa kwaZulu
Wehlulekile uZondo uMalinga kwaDayeni
Kwaye kwehluleka uXaba uMtshebhe
Ngale koPhongolo

Yingqophamlando yakithi kwaNodwengu*
Ewuqophe qede oMngotho noTasi
Benwaya izimpandla ngicikicane
Bathi,’Hhi-i’
Asiyivumi le ndaba


Yimfohlamaguma ngeyakithi*
KwaKhethomthandayo
Iwafohle eMaritzburg
Zajabha izihlwele
Uhalahala bemloyisa
Bethi ngeke
Igide kwaKhethomthandayo
Yagcagca kithi
Ondini olumahlikihlikana


Ngonyaka kunonyaka
Usuhlasele ngothando
Phesheya koMzimvubu


Sibone ngoThabo Mbeki
BenoJacob Zuma
Ukuthi bazobhula amazolo
Omuntu omuhle oza emva kwabo 
Utwayi olumile abakwaMchiza
Sebeyathe bayalwenwaya luyavumbuka
Sebelwenwaye lwaze lwawohloka
Umanda wehlule abaphalazisi
Ziwele uMzimkhulu
Ziwuphindelela ezikaMthaniya
Zivusa emidala imizila

Ubuhle benziwe nguMshengu Shabalala
kwezomculo
Wanikela ngengwe emabalamdaka
Ezinye izingwe
Zimabalamnyama namhlophe
Halala Mshengu
Indlela enhle kweliphesheya

Unukisele uBheki
Evuna uGqozo ngepuleti laseNdlunkulu
Sasuka isibhicongo eBhisho
Baphela abantu
Ngumlilo osuke isiqubula
Awukhwezelwanga ngazikhuni
Ukhwezelwe ngemvula yezinyembezi

Ziphume enduneni uCebekhulu
Ezalwa nguNhlayenza 
Wakhwezelwa yinduna uJackonia
Ezalwa kwaNtshangase
Ngenkukhu emnyama


Wakhwezelwa nguJerry
Ezalwa nguGodongwana
KwaMthenjana eNhlophenkulu
Ngenkukhu emnyama


Washa uThulani eBhethani
Ezalwa nguSijungujungu kwabakaMawu
Wathathela waya kuMntwana
wakwaMandlakazi
Wafike wamhlanguza wachithiza


Labubula iBhubesi
Lakithi kwaKhethomthandayo
EPrinces Magogo Stadium kwMashu
Lawathela amathonsi esilimela
Zancibilika izinyembezi zikaReggie
Ezalwa kwaHadebe
Obevale ngomgoqo
Ethi iSil ngeke siwugubhe kwaMashu
Sawugubha qede kwajabha
Ngisho ozwe ngephepha

Wagagamela Magagamela
Ugagamele uNgqongqoshe
Wezemfundo namasiko
KuHulumeni wakwaZulu
UMister L.P.H.M. Mtshali

Wadideka wathuma
UMntwana waseNkombabantu
Wathi:’Hamba Mageba uyongishwelezela
Ukukhuluma ngokwakwenu endlini’
Wafika wamhlanguza wamchithiza

Ukuhamba koniwe ngu-J.K. Dladla
Wenqolobane yamagugu akwaZulu
Ayidibhanga ekaMageba eSandlwana
Kwafika late isipeshini
Ummese obukhali
Ongakhethi ukuphakula
Ophakula ngisho
ABantwana baMakhosazana 
USipho UMdoda
Ezalwa kwaShamase
Nanamuhlanje uyantshilantshila


Umlilo othathe ubuhanguhangu
Osuke phezulu eTable Mountain
KwelaseKapa
Yajuluka yabomvu impandla kuDe Klerk
Kwabamhlophe abelungu
Untaba zimbili zakhelene
Zintula ukuxhawulana

Doneyishini inkomo ezingenabelusi
Usehlafune uBhengani wasutha
Wazeakha isitezi kubo eMlazi
Zalamba iziTshudeni
Waphela Silo Zilomo zakho
Zinyathele idwala elibushelelezi
LaseNdlunkulu linethombonkala
Zashelela Nkomo ezondwa Zilomo

Seveni Kilos
Yaphela inyama
YoThisha bakusasa kwaGqikazi
NguNdlovu ezalwa nguZihlahla

Sandla sinenkwantshu
Asivumanga ukuxhawula
KuMadiba kwabaseKoloni
Umlilo ubaswe nguWini
Egane uMandela

Ushaye ezihlweleni MtakaBhusha
Igazi laphuma ku-UDF
Zasha izikhotha
E-Orlando,Alberton,Thokoza,Thembisa
Kwaye kwasha nesikhulu
E-Alexezander Soweto
Bathinte amalakazane
Akho Ngonyama ayabatinyela

Usehlafune uMhlongo
EGamalakhe eZingolweni
Wasutha waze wabhodla umbobo
Waze wanukela uNganencane
Ezalwa kwaMzobe eGreytown
ENhlalakahle

Mgqomo kadoti uMasipala
Uncwadi zaphuma ubuhlaphalala
Zadida uMpanza uMgubevu
UThabekhulu eTown Board waNongoma

Uhleze ebopha abantu
Bephuza bedayisa nje
Bayamehlula ogwaz’phepha
Bezithuthela emgqonyeni
Ziyeke lezo ncwadi
Ziyakunibangela umkhuhlane

Isikhukhukazi esimatshweletshwele
Esidle ngokufukamela
Ngoba sifukamele uXaba
Lapha kwaBhekuzulu
Kwaze kwajabha uMfundisikazi
Webandla lakhe

Asha amadam’anamanzi
Zacima izibani
Zanqamuka izindaba
Wena weContralesa
Uyoyizwa ngani eyomhohozo 

Uzunge lwenziwe nguNdamase kwabakaFaku
Lwenziwa ngu-F.W.De Klerk kwabakaPewula
Bathi uMageba akavimbe
Ngesibhakela njengebhoksa
Abe-ANC bavimbe nge-AK 47
Wathi kungabhubha leli likaMpande
Ngeke nikubone lokho
Amabombo ngingawabhekisa kithiOndini

Sidikadika somkhulu umkhoma kaJama
Fokwata kayize nebele layo
Hikihiki nyama
Bathi beyidla beyidla oMsibi kubalimi
Babeyithentesa bathiibimhlanla mncane
Kasilazi iznyo likaMsibi ehleka
Sambona ehleka
Edleka
Edla iqatha laseNdlunkulu

Isimenyezwana sikaNdaba*
Esimenyezwe nguMkhwanazi kuBalimi
Ikhalane elimile eshobeni leNgonyama
Selihlula noma umuntu ethi
Uyaligcoba ngoshibhoshi

Thatha isitokwe soqwali
Ukhunge isaka
Uninde ushibhoshi
Uligcobe lizakuwohloka

Isimenyezwane sikaNdaba*
Esimenyezelwa futhi 
Namuhla simenyezwa nguThishomkhulu
UMacingwane kwaDinuzulu


Kwathi uThishomkhulu
UNgobese kwaMshanelo
Wema phezu kwetshe wabukela
Wathi yini lena
Eyenzeka kwaGqikazi
Amabutho omdabu kawasadli
Sekudla awesonto kaNkulunkulu


ULwandle lwakithi KwaZulu
Oluqubuke maqede
Lwasibekela zonke izintaba zase-Afrika
Umweli wemifula ongabuzi zibuko
Abanye abaweli
Behamba bebuza amazibuko

Uwel’iZambezi uMtakaNdaba
Kazabuza zibuko
Wawel’uBhalule uMtakaNdaba
Akaz’abuza zibuko
Wawel’uMzibomvu uMtakaNdba
Akaz’abuza zibuko

UNdaba ongene ngodumo kwelaseYuganda
Wangena ngodumo kwelaseGana
Useqa mgoqo
Bewuvale ntambama
Ilanga liyakushona
Wawuvalwe nguDokotela F.T.Mdlalose
KuHulumeni wakwaKwaZulu-Natal
Bethi okaNdaba angalubeki kwelaseGana

Kwathi lapho ehamba khona
Kwasala kunyakaza izibilini zamadoda
Izizwe zonke uMtakaNdaba
Ziyamemukela
Zithi kagadli ngampi
Kagadli ngazikhali
Ugadla ngenduku yoxolo

IBhubesi likaNdaba*
Elibubule phakath’ePhalamende
ESouth Carolina
KwelaseMelika
Nanamuhla kalokhu
Umbhongo walo usezwakala 


INkanyezi yakithi
KwaKhangelamankengane
Ekhanyisal’amazwe
AseMpumalanga
Yaze yakhanyisela nawaseNtshonalanga

ISilo sikaNdaba
Esimayikayika ngokuzihlabanela
Ngoba sidl’umhlanganiso
Khona lapha
Ongoye Yunivesithi
Ngequ zobuDokotela
Akwabindaba zalutho

Sadl’umhlanganiso
E-New Port Yunivesithi
Ngeziqu zoShansela
Akwab’indaba zalutho
Sadl’umhlanganiso
Ngeziqu zobuDokotela
Khona eCoca College
KwelaseMelika
Akwab’indaba zalutho
Sadl’umhlanganiso
Ngeziqu zobuShansela
Khona lapha
E-ML Sultan eThekwini
Akwab’indaba zalutho
Sabuye sadl’umhlanganiso
Nge-People’s Card
Khona kuPeople’s Bank

Umbungubungu!
INhlwathi kaNdaba
Ebuthise phezulu
Entabeni kwaNongoma
Kwath’osekudeni noseduzane
Akaz’alibon’ikhanda layo
Yadl’ezawo-De Wet Nel
Kwabamhloph’abelungu
Yadl’ezawo-Torlage
Kwabamhloph’abelungu

UNdaba owehle njengonyazi
Phakathi kwezigod’ezimbili
EsakwaDabhazi nesaseMaye
Wahamba uSandanezwe
Ezalw’eMambatheni
Wamqumba phansi koludumayo
Akwab’indaba zalutho

UMthandi wokuthula
Kanye noxolo
Uthande uMlaba benoHadebe
Ngokuleth’uxolo
Khona lapha eMpumalanga
Wathanda uC.J.Mthethwa benoJ.Z. Zuma
Ngokuleth’uxolo kwelakithi KwaZulu -Natal
Ingwe emabalabala
Engakhethi mabala
Onk’amabala ayo
Ewakhotha ngokuwanakelela 
Akusekho Mxhosa
Akusekho Msuthu
Kwelakithi KwaZulu


INdlondlo kaNdaba
Ethe indlondlobala
Bayibalekela abasezitheni nabasemakhaya
Umhlanganisi wezizwe
Ezazingakwazi ukuhlangana
Uhlanganise aBaThembu kanye noZulu
Wahlanganisa abaHuruntsi kanye noZulu
Iziwe zonke ziyivum’ingoma
Yabanye kwaKhangekamankengane


Bayede!
Wena weNdlovu!
Silo saMakhosi
Akith’oHlangeni!







Ibinda Nkosi

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo