Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Gumbi

Abantu bakwaGumbi kusengabantu bakwaJele , lokho kuchaza ukuthi bangabaMbo Nguni ngokwezigaba zabeNguni .Ngesikhathi elakwaZulu liphethwe inkosi u-Senzangakhona kaJama umuntu owayebusa abantu bakwaJele nguZwangendaba kaZiguda , owayebuye abe ngumholi noma ngithi induna yebutho lenkosi uZwide elalaziwa ngokuthi ibutho lamaPhela . Phela abantu bakwaJele babengaphansi kombuso wenkosi uZwide ngaleso sikhathi .Babakhe laphaya phezu komfula iHluhluwe endaweni yaseMfekayi kuze kuyoshaya eChwebeni .Ngesikhathi elakwaZulu seliphethwe inkosi u-Shaka uZwide wahlaselwa iLembe ngoba ebulele uDingiswayo uSh... qhubeka ufunde »

Maphanga

Abantu bakwaMaphanga kusengabantu bakwaQwabe . Bazalwa inkosi u-Phakathwayo kaKhondlo inkosi yabakwaQwabe . OkaMnguni kaYeyeye wayakhe ngaphesheya koMhlathuze kuye kufike oThukela. Umuzi wakhe wawusesiphethwini seMatigulu. Igama lalowo muzi kwakuthiwa kuseMthandeni .Sizokhumbula phela ukuthi ngesikh... qhubeka ufunde »

Magubane

Abantu bakwaMagubane ngabeSuthu,badabuka e-Freestate.Kunentaba ebizwa ngokuthi yiMakubane ,ngasenyakatho-Mpumalanga yeNtabazwe [Harrismith]. Akwaziwa-ke noma lentaba yaqanjwa ngoMagubane noma yena waqanjwa ngayo intaba. Kungenzeka-ke ukuthi isibongo sakwaMagubane sisuselwa kuyo lentaba i-Makubane.Ku... qhubeka ufunde »

Mndaba

Abantu bakwaMndaba baphuma kubantu bakwaMthethwa,okusho ukuthi bangamaLala-Nguni ngokwezigaba zabeNguni njengabo abakwaMthethwa . KwaMthethwa baphuma endlini yenkosi u-Dingiswayo kaJobe. Indodakazi yenkosi u-Dingiswayo ogama layo kwabe kunguSomamase yakhuleliswa ngumnewabo okwabe kunguNdlovu kaDingi... qhubeka ufunde »

Nxasana

Kubhala u-Ernest Lulama Nxasana: Abantu bakwa Nxasana:  Lesi sizwe sidatshulwa yindoda eyodwa eyayingu Muthwa (SAN). Ekufikeni kwabamhlophe eKapa lodumo ngeminyaka yo 1652, zafika lezinsizwa zadlwengula izintombi zomdabu onsundu kwazalwa amaLawu (coloured ). Labobantu abampisholo abehlelwa ngul... qhubeka ufunde »

Guma

Abantu bakwaMhlongo baphuma kundlunkulu yaseSwazini ebizwa ngokuthi ngaMalangeni[Dlamini Mlangeni] [ingakho bebizwa ngokuthi ‘abaseLangeni’] lokho kuchaza ukuthi bangabaMbo Nguni ngokwezigaba zabaNguni . Laba bantu bakwaMhlongo babuye baziwe ngokuthi bangabantu baseLangeni . Unina wenkos... qhubeka ufunde »

Thethwayo

Kubhala uSiyathokoza kaManyelindlela Ndlovu :E-Mpangeni : Isibongo sakwaThethwayo sidabuka kwaNdlovu, oNdlovu bona bedabuka kwelabeSuthu. . , .indaba yaqala emva kwesigameko sikaMacingwane wakwaMchunu sokuthi ahlasele uMpongo indodana kaZingelwayo kaLamula kaGatsheni okunguyena owabe engumholi waban... qhubeka ufunde »

Mvuyana

Abantu bakwaMvuyana baphuma kubantu bakwaCele ,lokho kuchaza ukuthi bangaMantungwa angaMalala ngokwezigaba zabaNguni . Ngesikhathi senkosi uDingiswayo yabakwaMthethwa umuntu owayebusa noma ngithi owayehola isizwe sakwaCele kwakunguDubandlela indodana kaMkhokheleli. UDubandlela wakhula waze wangumdod... qhubeka ufunde »

Dlamini

Abantu bakwaDlamini bahlakazeke izwe lonke lakwaZulu kuze kuyoshaya kwelakwaXhosa, kanye naseZimbabwe imbala. Angisakhulumi ngelakwaNgwane ngoba phela ubukhosi baseSwazini busezandleni zakwaDlamini. AbakwaDlamini babizwa ngokuthi ngaBeNguni baseMbo. Ngendlela abasabalele ngayo abantu bakwaDlamini&nb... qhubeka ufunde »

Mngadi

Ngokudabuka abantu bakwaMngadi bangabozalo lukaMalandela kaLuzumane uyise kaZulu noQwabe . Lokhu kuchaza ukuthi bangaMantungwa Nguni ngokwezigaba zabeNguni . Ngokomlando sithola ukuthi uMalandela eminyakeni yawo-1670 wahamba nabuntu bakhe walibhekisa ngasogwini lolwandle i-Indian Ocean. Wawela imifu... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!