Indabuko Yakho
Inqolobane yomlando kaZulu

Ama-categories

Imithi yesintu (Izincazelo nezithombe)

Lushaba

‎AbakwaLushaba Abantu bakwaLushaba kusengabantu bakwaNdlovu. Laba bantu bakanye nabantu nabakwaThethwayo. Ukhokho wabo nguMatsimane owayedabuke kwelaBesuthu eminyakeni yama 1500 wazinza endaweni yasOFafa ngaseXobho. Kwathi ngesikhathi senkosi uSenzangakhona abantu bakaMatsimane baphinde bafuduka babhekisa amabombo endaweni yaseNkandla bafike bakhelana nesizwe sakwaMkhize.  Ngesikhathi senkosi uSenzangakhona abantu bakwaLushaba babekade baziwa njengabantu besizwe sakwaNdlovu. Abantu bakwaNdlovu indawo yabo yayiseNkandla phezu komfula iNsuze ngaphansi kwaseQhudeni bakhelene nabakwaMkhize.... qhubeka ufunde »

Khanyi

AbakwaKhanyi /Khanye Muna  Msuthu Mwelase Ntshumane Fusi Sodoyi Makhubalo  Fudu Abantu bakwaKhanyi imvelaphi yabo isebaSuthwini.Ngeminyaka yama 1700 laba bantu bakwaKhayi babakhe endaweni osekuseFilidi khona namuhla bakhelene nabahlobo babo oMazibuko. Isilwane esihlonishwayo kwaKhanyi yiNk... qhubeka ufunde »

Nkomo

AbakwaNkomo Nina bakaZulu lizayo khwezani abantwana ngabadala bodwa abayozibalekela-uDunjwa yedwa limkhandanisile!  #nguShaka lowo Nina be’Ndlovu enebatha kubelungu abamhlophe eyakithi kwaKhethomthandayo ‘‎ ake ngiphose nje itshanyana elingatheni esivivaneni  ngomlando w... qhubeka ufunde »

Mkandla

AbakwaMkandla Mkandla(Mogatla) Pilane Malinga    â€ŽKhabo (Kgabo) (Inkawu) Pitamlipe Nay‎isane Mabhedla Bakhiwe Abantu bakwaMkandla batholakala ezweni laseZimbabwe esifundeni sakwaBulawayo. Laba bantu bakwaMkandla bangabeSuthu ngokwendabuko,bakanye nabantu bakwaPilane, Mogatla kanye naba... qhubeka ufunde »

Mlilo

 Kubhala u-Arnold Mayibongwe Nkala Izithakazelo zakwaMlilo: AmaThong’amahle AmaThong’amnyama avus’abafileyo AbakoGasa bayayivuma lendaba Singwazi Ilindamkhonto Mabasa/Mabaso Matshisa Tshawuke Bhakwane Ntimeni Sivumane saMatsena Sinyorinyori sahumba Abathwal’uMlilo ngeNku... qhubeka ufunde »

Mzimela

Abantu bakwaMzimela bakanye nabantu bakwaMsane .Bakanye futhi nabantu bakwaMfeka nabakwaVundla .Bakanye futhi nabantu bakwaMakhunga kanye nabakwaDidiza .Indlalifa kaDidiza kwakunguMaphuthwana .UDidiza yena uzalwa nguMakhunga kaNxaba kaMbekane kaVundla . Umuntu owagqama kakhulu kulaba bantu balezi zi... qhubeka ufunde »

Ndlanzi

Abantu bakwaNdlanzi[hhayi Ndlazi]baphuma kubantu bakwaCele .Lokho kuchaza ukuthi abakwaNdlanzi bangamNtungwa-angamaLala ngokwezigaba zabeNguni njengabo abakwaCele .AbakwaCele babakhe emngceleni wezwe lakwaQwabe,kusukela eNonothi kwehle  njalo kuye eningizimu. Ngesikhathi sombuso wenkosi uDingis... qhubeka ufunde »

Ngozo

Kubhala u-Ernest Iko Nxasana Abantu baNgozo kusengabantu bakwaMaseko ngoba umlando oxoxwayo uthi enye indoda yakwaMaseko yadla ingudwane leli okuthiwa yingozo. Yase isibizwa ke ngokuthiwa uNgozo. Noma ke kungacaci kahle ukuthi basala kanjani kwaZulu kwaNongoma nxashana isizwe sakwaMaseko sesizinze e... qhubeka ufunde »

Khomo

Abantu bakwaKhomo balulibo lunye nabakwaSibiya.Uma ubabuza ukuthi bahlangana kanjani nabakwaSibiya uthola izimpendulo ezahlukahlukene.Kodwa bona bayavuma ukuthi bayizihlobo ezingaganiselani nhlobo.Umlando othinta abesibongo sakwaKhomo uqinisa khona impela ukuthi bangabakwaSibiya. Kuthiwa uKhomo lona... qhubeka ufunde »

Shiba

Abantu bakwaShibe kusengabantu bakwaMkhwanazi ,ingakho ezithakazelweni zabo ozothola izithakazelo ezithi Ndonga , Sontuyi  njalo njalo Uma bebuzwa ukuthi wavela kanjani lo Shiba bathi ngenxa yezimpi abantu abakwaShiba babalekela abakwaMngomezulu baya baqonda eSwazini . Sengathi isikhalo sabo es... qhubeka ufunde »

error: Akuvumelekile lokho !!