Mchunu

AbakwaMchunu!!!
…………………………………………………………………………….

Abantu bakwaMchunu bangaMaNtungwa Nguni njengabantu bakwaZulu, Khumalo kanye noQwabe. Lokhu sikuthatha ekutheni imvelaphi yabantu balezi zibongo iseNingizimui -Mpumalanga yeNtilasifali. Kodwa lapho sibathola sebezinze khona ekufikeni kwabo kwalakwaZulu, kwakuphakathi kweThalaneni eNkandla kanye noMzinyathi. Kuthi omakhelwane babo ngaseMpumalanga kwakungaMabomvu kanye nabaseMbo, kanti ngaseNtshonalanga kwakungabaThembu. Okuthe ekuhlaseleni kukaShaka uMacingwane, bahlakazekaabantu bakwaMchunu abanye balishiya elendabuko yabo kodwa abanye basekhona namanje kuleyo ndawo yabo. Ukuqinisa ukuthi abantu baseMachunwini babakhelane nabaseMbo sizokhumbula ukuthi kwathi
ngesinye isikhathi abantu baseMbo(abakwaMkhize) beneNkosi yabo uMavovo naseMaChunwini babenoMavovo nakhona kuze kuduke intombi yaseMabomvini eyayiyogana uMavovo waseMbo kodwa yahlangana noMavovo waseMachunwinini , waseyikhohlisa intombi wathi nguyena uMavovo kodwa uMakhelwane wakhe nguMavovana. Okwathi esekuzwa lokhu omunye uMavovo , wahlomisa impi ukuba iyolanda lentombi. Nangempela yalandwa, yalethwa kuMavovo wakwaMkhize.

Ngesikhathi sokubusa kukaDingiswayo kwaMthethwa yilapho isizwe sakwaMchunu sagqama khona kuze kufike esikhathi sokubusa kweLembe(uShaka) , ngobaisizwe sakwaMchunu ngaleso sikhathi sabe sibuswa nguMacingwane. Umuzi kaMacingwane wawuphezulu kweThala, waziwa ngokuthi kuseNgonyameni , echaza ukuthi uyiNkosi enkulu ngaphezu kwawo wonke amakhosi akhelane nawo. Ngakho wayezibiza nguBhubesi loqobo. Lokhu yikho okwamfakela esikhulu isigcwagcwa kuDingiswayo kanye noShaka. Phela ngaleso sikhathi uDingiswayo wayeqala umsebenzi wokuhlasela izizwe, ayezinqoba zaziba ngaphansi kombuso wqakhe, kodwa umuntu owawuqedelela lowo msebenzi nguShaka, ngoba phela uDingiswayo wayesekhotheme, yingakho phela kukhona isizwe samaZulu namuhla, umuntu owaqala umsebenzi wokusakha nguDingiswayo kaJobe. Kuthiwa uMacingwane wamhlupha kakhulu uMpongo kaZingelwayo wakwaNdlovu waze wabaleka waozinikela kuZihlandlo wakwaMkhize owaze wamkhoselisa naye ethembe uShaka okwakungumhlobo wakhe omkhulu. Abantu baseMachunwini bazalana nabakwaNdlela, Ndima Lembede.

Kuhambe kwahamba abantu bakwaNdlela sebebuswa nguLembede baxabana nabakwaMchunu. KwaMchunu kwase kubusa uLubhoko . Baze basuka bayokwa kwaNtabankulu ngaseMthonjeni weMfolozi emnyama, besuka eSikhaleni Sebomvu. Ngesikhathi abantu bakaLembede bebalekela uLubhoko, uLembede wasala esebulewe base bebekisa ngesihlahla esithize ukuthi wangcwatshwa kuphi. Leso sihlahla kuze kube namuhla kuthiwa yisihlahla sikaLembede.

Izibongo ezihlobene nabantu bakwaMchunu yilezi, Majola, Mcumane, Ngqulunga , Ndawonde. Abantu bakwaMchunu sebeyisizwe esikhulu laphaya eMsinga, noma zikhona izinsalela laphaya eNkandla……..Phela ukuze kuthiwa bangabakwaMchunu nje kungoba bedatshulwa nguMchunu, indoda eyayiphila ngezikhathi zoMalandela, kodwa thina sibathathe kuMavovo owazala uNyanda…
………………………………………………………………….


Ukwelamana kwabakwaMchunu!!!

UMavovo uzale uNyanda owazala uLubhoko(Dubandlela).

ULubhoko wazala uJama ,,,uLucungu , uMajola , uDladlana , uNtube, uNontshinga, uNgqulunga, uGama nabanye.

UJama wazala uMacingwane(waseNgonyameni).

UMacingwane wazal uNtsundu, uMfusi, uGandeduze, uNdabezimbi.uMqanyana, uPhezulu, uNyoni kanye noPhakade.

UPhakade uzale Gabangaye noMbelebele.

UGabangaye wazala uSilwane, uNgomane nabanye,

USilwane yena wazala uMzochithwayo nabanye..

UMzochithwayo yena wazala uSimakade(obusayo) nabanye.

UMfusi yena wazala uZimema owazala uMmeli..

OGabangaye noMbelembe kuthiwa baguga bedlula uyise uPhakade,owayesaqine eqine okwebhungu ngaleso sikhathi, yingakho abakwaMchunu ekuthakazelweni bengoPhakade akagugi koze kuguge izingane zakhe..
……………………………………………………..
Izithakazelo zakwaMchunu!!

Macingwane.
Yeyesa
Phakade ,
Macingwane , wena waseNgonyameni.
Jama kaSilwane,
Nyanda yemkhonto,
Phakade akagugi koze kuguge izngane zakhe,
Wena kaNogida ngobambo ezinye izintombi zigida ngomshanyelo..

……………………………………..
Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo