Nzuza

AbakwaNzuza!!
………………………………………………………………………………………..

Abantu bakwaNzuza ngokusempeleni akusibona abakwaZulu, kodwa baqhamuka eLusuthu.(NjengabakwaMbuthu). Ukufika kwabo kwelakwaZulu bafika ngesikhathi amakhosi akwaZulu efuna izinyanga eziqinile zokuqinisa amabutho awo ukuze babe namabutho aqinile futhi banqobe kalula izimpi.

Kwenzeka-ke ukuthi indoda ethize eyayiqhamuka kwelabeSuthu, yayingumuntu owaziyo amakhambi lana ayefumwa ngamakhosi.
Yona yayihamba izifunela indawo yokwakha, kwamsiza-ke lokhu kwazi kwakhe amakhambi lana, ngoba kwamtholisa indawo yokwakha kwelakwaZulu. Kuthiwa kwakuyinkosi uMjokwane kaNdaba(uSenzangakhona) okwafika kuye indoda yomsuthu egama layo kwakunguMgidi, owayehamba nendodana yakhe uNodumo kanye nomnawakhe uMqalane bephuma esizweni sakwaMaboko, phakathi nezwe.


Kuthiwa umuntu okunguyena owathola indawo kwaZulu kwaba nguNodumo indodana kaMgidi, owayinikwa nguShaka. UShaka wanika le ndoda indawo eseduze nomfula uMfule lapho kwakwakhe khona abakwaXulu. Laphaya eMfule, uNodumo wayithola leya ndawo ngoba ebeyinyanga yempi kaShaka eyayilwa noZwide kaLanga wakwaNdwandwe.

UNodumo kuthe ukuba athole indawo lena wayesethi, sengithole indawo ngiyizuze ngemithi yami kwase kuthiwa bangabakwaNzuza ngoba bezuze izwe ngemithi noma ngokwelapha.
………………………………………………………..


Ukuzalana kwabakwaNzuza!!

UMgidi wazala uNodumo noMqalane.

UNodumo wazala uNomhlangana.

UNomhlangana wazala uNoziwawa noShandu(uShandu wayephinde aziwe ngelikaDiniZulu)(hhayi owaseMambatheni).

UShandu wazala uMajiya

UMajiya wazala uNgwenya owazala uSisila.

USisila wazala uZwelibanzi owazala uMntukafi.

UMqalane yena wazala uMaqhoboza owazala uNozishada.
…………………………………………………………………….


Izithakazelo zakwaNzuza!

Mahlobo, Mshazi
Debelimdaka, Bomvula.
Wena owahlaba iso leSilo ngomuso wahlaba eleNgonyama
Nozishada kaMaqhoboza
Owaqhoboza izinkomo zamadoda
UMajiya kaDiniZulu kaMsuthu
Mudli

………………………………………..

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo