AbakwaNtuli [ noma ngithi abaseMabheleni]
Abantu bakwaNtuli kwaba ngeside isikhathi baziwa ngokuthi bangamazimuzimu behlala endaweni yabo okwakuthiwa kuseLenge. ILenge lena yintaba eseMnambithi ezansi nomfula iWashibhange, ibhekane nentaba yaseMhlumayo. Ngesilungu le ntaba yaseLenge kuthiwa yiJobstown. Kwakunemigede kuleya ndawo. Kuthiwa laba bantu kabaqalanga baba ngamazimuzimu, kodwa benziwa yisimo sendlala, kwathi ngenxa yokuntuleka kokudla baqala badlana bodwa kwazi kwathi nabantu abedlula ngendlela bangena ogibeni lokuthi badliwa ngabantu bakwaNtuli. Kwaqala lapho -ke ukuba kuthiwe ngamazimuzimu. Kuze kwathi ngesikhathi senkosi uSenzangakhona kaJama yaqala yabacela laba bantu ukaba baphume emigedeni yasentabeni yaseLenge, bahlale nabantu. Umholi wamazimuzimu ngaleso sikhathi kwakunguMahlaphahlapha. Nguyena owabona ukuthi akulungi lokhu okwenziwa ngaMabhele, ukuthi adlane wodwa, wase ebaleka nabanye ababengakuthandi nabo lokhu, bawela uMzinyathi bayokhonza kwaZulu ngaphansi kukaSenzangakhona. Kulapho abathola khona igama noma isibongo esithi bangabakwaNtuli ngoba sebentula izwe lokuhlala,kanti babonakala ngefu lezintuli ukuthi bayeza eSiklebheni, ngoba babebaleka bejahwa ngamanye amazimuzimu.(emzini weNgonyama uSenzangakhona) UMahlaphahlapha washiya esinye isizwe saMabhele nabafowabo oMaliwa kanye noJojo. Bahamba njalo beqhuba imihlambi yezinkomo kwazise babefuyile inkosi yabuza ukuthi leziya ntuli eziqhamuka ekudeni ngezani na? Kwase kuthiwa ngezaMabhele, antula indawo yokuhlala. Kwase kuthiwa-ke bangabakwaNtulizankomo.
Indodana kaMahlaphahlapha uMgagathwa wasinda ebhodweni labafowaba, kanjalo nendodana yakhe yasinda kulo ibhodwe lamazimuzimu akubo. Kwaze kwathi ngokufika kwalaba bantu baseMabheleni enkosini uSenzangakhona,kwakhona insizwa egama layo linguSompisi, indodana kaGuqa kaMsalela kaNomashingila owabonwa yinkosi ukuthi unekhono elihle lokupheka inyama kanti wayekwazi ukugazinga zinkobe zibe mnandi, wase ebizwa ngokuthi unguNkobe, ngenxa yalokho. USompisi wathola isikhundla sokuba yinsila yenkosi. USompisi wazala uGwatshaza kanye nomfowabo uNdlela nodadewabo uBhibhi unina kaSigujana(uSigujana kwakufanele athathe ubukhosi ekukhothamane kukayise uSenzangakhona, kodwa wabulawa nguShaka). UNdlela wabuthwa wangena ebuthweni iNtontela, kwathi udadewabo uBhibhi waba ngumdlunkulu kaSenzangakhona. uGwatshaza indodana endala kaSompisi washona engakabi namntwana. UNdlela owasala waba nogazi emakhosini akwaZulu afana noShaka noDingane ngenxa yobuqhawe bakhe. Waze wanikwa indawo okufanele ayiphathe eyaba yisabelo sakhe eseduze koThukela iMpaphala kuze kuyoshaya eMfongosi. Kwathi sekubusa uDingane, uNdlela wathola isikhundla esithe xaxa sokuba ngundunankulu wezempi ngaphansi kukaDingane. Sizokhumbula ukuthi baba negalelo elikhulu benoNzobo wakwaNtombela ekubulaweni kwababhunu eMgungundlovu ngo-183x. Nguyena futhi uNdlela owasindida uMpande kaSenzangakhona ekubulaweni ngumfowabo uDingane. Ngesikhathi uDingane efuna ukubulala uMpande, uNdela wakhuza wababaza ethi uDingane uzongcolisa izandla z*khe ngokubula uMpande engaphilile, eziphathelwe ngumchoboka. Phela uDingane wanika umfowabo uMpande umhlambi wezinkomo, wase egada ukuthi uzombulala ngenkathi uMphande esezobonga lezo nkomo kuDingane. Akusenzekanga lokho ngoba phela uNdlela kaSompisi wahlebela uMpande ukuthi angilinge athi uzobonga lezo nkomo ngoba uzobulwa nguDingane.
UNdlela wafa ebulawa nguDingane embulalela uMpande emva kwempi yaseMaqongqo. UNdlela wahola ibutho loMbelebele.
UNdlela noma ezokhumbuleka kakhulu esigemegemeni sikaDingane lapho abulala amaBhunu ayeholwa nguNkamunda wawo uPiet Retief ngoNhlolanja ziyisithupha. Nalapho amabutho kaDingane abulala khona insalela yaMabhunu kwaNobamba. Kodwa uNdlela walwa kakhulu ezimpini zikaShaka lapho wake wagwazwa amanxeba egcwala umzimba. Bamshiya bethi ufile kanti cha uzovuka umfokaNkobe. UNdlela yena-ke wazala uGodide naye owafa elwela inkosi yakhe. Sizokhumbula ukthi uGodide ufele laphaya Ondini Olumahlikihlikana, ebulawa yimpi kaZibhebhu kaMaphitha eyayizobhubhisa inkosi uCetshwayo kaMpande.
UGodide kaNdlela wafela lapho kanye nezinye izikhulu zikaZulu ezifana noSekethwayo wakwaMdlalose abaQulusini, phela bafa ngoMaquba noma ngithi uNtulikazi(July)zingamashumi amabili nanye kunyaka wenkulungwane namakhulu ayisishiyagalombili, namashumi ayisishiyagalombili nantathu(21 July 1883).
Abantwana bakaNdlela basabalele izindawo eziningi, kuzo zonke lezi zindawo kunonobukhosi bakhona. Kukhona inkosi eShowe eMbongolwane kuze kushaye eMpaphala, kanti kukhona inkosi yakwaNgono ngaseMfongosi bese kuba khona inkosi laphaya ngaseMnjokweni khona eNkandla.
UNdlela wafa ebulawa nguDingane embulalela uMpande emva kwempi yaseMaqongqo. UNdlela wahola ibutho loMbelebele.
UGodide kaNdlela wafela lapho kanye nezinye izikhulu zikaZulu ezifana noSekethwayo wakwaMdlalose abaQulusini, phela bafa ngoMaquba noma ngithi uNtulikazi(July)zingamashumi amabili nanye kunyaka wenkulungwane namakhulu ayisishiyagalombili, namashumi ayisishiyagalombili nantathu(21 July 1883).
……………………………………………………………………………………..
AbakwaNtuli bayeka ukuba aMazimuzimu ngesikhathi sekubusa uShaka, kuthiwa uShaka wathumela uJobe kaMaphitha wakwaSithole ukuba ayowabulala aMazimuzimu akwaNtuli. Akasawabulalanga wonke , amanye asinda ngokuzinikela kuye , ingakho iLembe lamklomelisa ngalelizwe eliphesheya koMzinyathi yikho kukhona ubukhosi bakwaSithole eMhlumayo , yikho namaDlinza kaJobe noMondise[bakwaSithole] engekho eQhedeni kodwa eseMsinga, ngoba babebusa leliyazwe emuva kokunikwa iLembe ngoba uJobe ebulele aMabhele
UKwelamana kwabantu baseMabheleni..
UNomashinga uzale uMsalela .,
UMsalela wazala uGuqa owazala uSompisi.
USompisi yena wazala uGwatshaza , uNdlela kanye noBhibhi[intombi eyazala uSgujana, imzala noSenzangakhona wakwaZulu]
uNdlela yena wazala uGodide, uMphumela, uZinti kanye noMavumengwana.
uGodide wazala uMaqhubandaba owazala uNtulizwe..
uMphumela wazala uMlokothwa.
uMavumengwana yena wazala uMfungelwa
…………………………………………………………………………………………………………….
Izithakazelo zakwa-Ntuli!!!
Godide, Ntulizenkomo
Mphemba,
Ndlela kaSompisi,
Sothole,
Gudukazi uyiNcwayo,
Khuboni,
Sompisi owaphemba ngamakhand’amadoda,
Abanye bephemba ngomlilo,
Nina base Lenge,
Enabonakala ngefu lezintuli,
Kwabe kunguSompisi kaGuqa, kaMasalela,
Mazimuzimu enidla’abantu,
Mgwabini wemikhonto,
Umahlatshwa ebuhleni njengethole,
Umagaju njengengwe,
Inhlangu eyeqa iphindaphinda,
Umanxeba angamanxuluma,
Kwasa bemhlaba uGwabini, waphika,
Lang’elaphum’endlebeni yendlovu,
Nyaka wumbe,
Lophum’ endlebeni yengwenya,
Unonjiyelwa,
Kulala uhlangothi lubomvu,
Ugodo olumuka namankayiya,
Langa!
Izibongo zikaNdlela kaSompisi :
Gwabini ngemikhonto !
Unojiyelwa kulalwa,uhlangothi lubomvu
Umanxeba angamanxuluma
Insingizi edonda ukusuka
Uhlanga olweqa luphindelela
Kwasa bemhlaba uGwabini, waphika
Unababuyeli abangakanani
Ababuyela umuntu enza ngamabomu na?
Usonyakanyaka !
Umnyakanya owadukahela
Usilinda maNdwandwe
AmaNdwandwe akhawula amathe
Umwelela kweliphesheya
Umweli ,iwele yonke iNtontela
Umzaca osikhombisa amaNgwane
Usiquza abantu sakoGwabini
Kuse kwasala uNdlela !
Unakanaka mina ngiyasala
Umandlana angangawomntwana
Ugodo olumuka namaNkayiya
AmaNkayiya kaZwide
Uzinsonge zingapheshya koThukela
Umahlatshwa ebuhleni njengethole
Usihlahla vimbela iNtontela
Undaba zafika nqangi kuDlungwane noMbelebele
Unolusingana olungangakanani [usungulo]
Olungathunga uNdlela kaSompisi amanxeba ?
UNdlela kaSompisi kaGuqa
UGudukazi uyincwayo,
Wena owaphemba ngamakhand’amadoda,
Abanye bephemba ngomlilo,
Wen’owaseLenge,
Ibinda !