Khwela

Abantu bakwaKhwela bangabanye bendlu kaQwabe. Noma nengabalulekile emlandweni kangangokuthi abanye baze bathi akusiwona amaZulu kahle ngoba bengazelwa lutho. Kodwa kuthiwa uTotose indodana kaLufutha waxabana nabo wase ebashiya wakhwela izintaba wayokwakha komakhelwane bakhe ezintabeni baseMangangeni. Ngoba bakhwela izintaba benikwa isibongo esisha sakwaKhwela

BazalwanguTotose kaLufutha kaSimamane kaSidinane kaQwabe kaMalandela kaLuzumana kaMnguni kaGumede kaQwabe wokuqala

UTotose yena wazala uMaguya owazala uMthiya


Izithakazelo zakwaKhwela ::::

Ndulini,
Mgabhazi,
Sicubu kasosiwa, wasosa uyosihlawula!

Tags:
Umbhali: Bongani Kholo Khumalo